a favorite son becomes a slave zulu cb - bible for children...akekho owayengamududuza. egibithe,...

21
Indoda Eyimfivilithi Iba Isisebenzi IBhayibheli LaBantwana Likulethela

Upload: others

Post on 06-Nov-2020

1 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Indoda Eyimfivilithi

Iba Isisebenzi

IBhayibheli LaBantwana Likulethela

Page 2: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Ibhalwe ngu: Edward Hughes Kwabonakala ngu: Byron Unger; Lazarus Ifanekiswe ngu: M. Kerr; Sarah S; Alastair P. Itolikwe ngu: Goodwill Sithembiso Gwala

Ikhiqizwe ngu: Bible for Children

www.M1914.org

BFC PO Box 3

Winnipeg, MB R3C 2G1 Canada

©2020 Bible for Children, Inc.

iLayisensi: Abantu bangazithathela noma bephrinte izinto kulendaba egunyazwe ngokomthetho kodwa akumele bazidayise.

Page 3: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

U-Isaka wayejabule kakhulu. Indodana yakhe uJakobe wayesebuyele ekhaya. Ngisho no iSawu wamamukele umfowabo lo ayethembise ukumbulala. Kodwa amadodana kaJakobe ayengejabule neze ngoba uJosefa, umfowabo omncane, wayemukhonzile kakhulu ubabawabo.

Page 4: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Obafo baJosefa bathukuthela kakhulu kunakuqala ngenkathi ebatshela ngephupho lakhe. “Isithungu sami sima phezulu futhi izithungu zenu zikhothamela isithungu sami.” Leliphupho lalichaza ukuthi uJosefa wayezobaluleka okwedlula abafowakhe.

Page 5: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Ephusheni likaJosefa lesibili, Ilanga, nenyanga kanye nezinkanyezi zakhothama kuyena. Ngisho nobaba kaJosefa wathukuthelela ngokuzibeka ngaphezulu kwabazali bakhe nabafowakhe.

Page 6: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Ngelinye ilanga uJakobe wathuma uJosefa ezinsimini lapho abafowakhe babe lusa khona. Abafowakhe bamubona eza. “Asiyibulale lenyanga yamaphupho,” besho behleba. UJosefa wayengayazi ingozi eyayizomehlela.

Page 7: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

URubeni, omfowabo omdala waphikisa. “Ningachithi gazi,” esho ebayala. “Bukani, nanku umgodi. Muphoseni efele khona!” URubeni wayehlose ukumsiza uJosefa ngokuhlwa.

Page 8: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Wathi efika uJosefa, abafowakhe bamubamba, bamukhumula ingubo yakhe enemikhono emide le ayeyithungelwe uJakobe eyenzela indodana yakhe ayikhonze kakhulu. Bamuphonsa emgodini omubi kakhulu.

Page 9: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Ngenkathi uRubeni engekho, kwaqhamuka ihele lamakameli liya eGibhitha. “Asithengiseni ngoJosefa,” kumemeza uJuda oyedwa wabafowabo.

Bathengisa ngoJosepha

ngezinhlamvu ezingamashumi

amabili.

Page 10: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Egcwele izinyembezi kanye nokwesaba, uJosefa wabuka engenakwenza lutho ngenkathi inqola yekameli imihudula imususa kubo kanye nase mndenini wakhe.

Page 11: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

“Ngabe ingubo yaJosefa lena yini na? Igcwele igazi. Siyithole lena ebhuqwini.” Obhuti laba abanenhliziyo embi benza uJokobe akholwe ekuthi indodana yakhe ayikhonze kunazo zonke idliwe isilwane sasendle. Ujakobe wadabula izingubo zakhe bese wakhala okokulila. Akekho owayengamududuza.

Page 12: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka. Waye isisebenzi endlini kaPatifari, umGibithe obalulekile. UPatifari wayebona ukutho uJosefa wayesebenza kanzima futhi wayethembekile.

Page 13: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

“Konke okwenzayo kuyaphumelela,” uPatifari etshela uJosefa ngolunye usuku. “UNkulunkulu unawe. Ngifuna wena ube induna yezisebenzi, uphathe wonke amabhizinisi ube umphathi wazozonke lezi ezinye izisebenzi.”

Page 14: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Unkulunkulu wabusisa uPatifari imvuno enhle kanye nemnotho eminingi ngenxa yaJosefa. UJosefa eseyindoda ebalulekile, wayehlezi ethemba futhi enza intando yaNkulunkulu ngokwethembeka. Kodwa izinkinga zamulandela uJosefa.

Page 15: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

UmkaPatifari waye umuntu ongalungile. Wathi kuJosefa makathathe indawo yendoda yakhe. Wala uJosefa. Wayengeke azifake esonweni ngaphambi kwaNkulunkulu ngokwenza okungalungile kuPatifari.

Page 16: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Kwathi noma inkosikazi izama ukumphoqa, wabaleka. Kodwa yamubamba, kwasala ingubo.

Page 17: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

“Isisebenzi sakho singihlaselile,” kukhononda umkaPatifari. “Buka, nansi nengubo yakhe!” Wathukuthela uPatifari. Mhlampe weyazi ukuthi umkakhe wayenamanga. Kodwa kwakumele kube khona akwenzayo ngaloludaba. Wayezokwenze njani?

Page 18: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

UPatifari wafaka uJosefa ejele. Yize emsulwa, UJosefa wayengathukuthele futhi waye ngamuncu. Kungenzeka ukuthi wayefunda ebunzimeni bakhe ukuthi ngisho kuthiwa ulaphi, uma edumisa uNkulunkulu, noNkulunkulu wayezomuphakamisa – ngisho nase jele.

Page 19: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Indoda Eyimfivilithi Iba Isisebenzi

Indaba evela kwiZwi laNkulunkulu, iBhayibheli,

Itholakala

Genesise 37-39

“Ukwambulwa kwaMazwi Akho kuyakhanyisa.” AmaHubo 119:130

Page 20: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

60 7

Yaphela

Page 21: A Favorite Son Becomes a Slave Zulu CB - Bible for Children...Akekho owayengamududuza. EGibithe, UJosefa wayesaba futhi enesizungu. Mhlampe wayelangazelele ikubo. Kodwa wayengenakuphunyuka

Lendaba yeBhayibheli isitshela ngoNkulunkulu wethu uyisimanga owasidala futhi ofuna ukuthi wena wazane Naye.

UNkulunkulu uyazi ukuthi senze izinto ezimbi, Azibiza ngesono. Isigwebo sesono ukufa, ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe

kangaka, waze wanikela ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa ukuba izosifela esiphambanweni igwetshelwe izono zethu. UJesu wase evuka ekufeni wanyukela ezulwini ekhaya lakhe! Uma ukholwelwa

kuJesu futhi uma Umcela ukuthi akuthethelele izono zakho, Uzokwenza lokho! Uzoza ezophile ngaphakathi kwakho manje,

futhi uzophila Naye kuze kube ingunaphakade.

Uma ukholwa ukuthi iqiniso leli, ithi kuNkulunkulu: Nkosi Jesu, Ngiyakholwa ukuthi wena unguNkulunkulu, futhi

wehla ezulwini waba inyama ukuze ufele izono zami, wavuka ekufeni usuyaphila futhi. Ngicela ungene empilweni yami ungithethelele

izono zami, ukuze ngizokwazi ukuba nempilo entsha, ukuze ngiyokwazi ukuba Nawe kuze kube phakade. Ngisize ukuba ngilalele

Wena futhi ngiphilele Wena njengomntwana Wakho. Ameni.

Funda iBhayibheli futhi khuluma noNkulunkulu nsuku zonke! Johane 3:16