onkosi,kanye nje futhidownload.branham.org/pdf/zul/zul63-0628m o lord just...

35
ONKOSI,KANYE NJE F UTHI Sanibona ekuseni, bangani, noma sanibona ntambama. Ngephule iwashi lami, angikwazi ukubona ukuthi sikhathi sini. [UMfowethu uthi, “Kusesekuseni, mfowethu.”—Umhl.] Kusesekuseni, kunjalo na? Kulungile. 2 Ngaphandle kwalokho, siphila ePhakadeni. Asinasikhathi. Imikhawulo yesikhathi yama ngenkathi uJesu Kristu enginika ukuPhila kwaKhe ngaphakathi kimi, ukuba ngiphile ngakho, ngakho siyizidalwa zaPhakade khona manje, sihlezi ndawonye ezindaweni zaseZulwini kuKristu Jesu. Isikhathi esinje pho! 3 Manje lolu nje wusuku lwami lwesibili lapha nani, kodwa, he, kunjengotiligi obandayo ekuseni, uwugqinsi kakhulu futhi kuyamangalisa. Angikaze ngizithokozele okwedlula lokhu kunoma yimuphi umhlangano. Futhi ngiyaqalaza manje ebusuku, baminyene kakhulu angiboni-muntu, kodwa namhlanje ngingaqalaza. Ngaba nenhlanhla yokuxhawulana nalesisigejane sabefundisi abakahle kuleliqembu lapha. 4 Ngiyakhumbula indoda endala yayivame ukuza ebandleni lethu, egama lingu John Ryan. Ilunga elidala uRyan, babembiza kanjalo. WayengowaseDowagiac, eMichigan. Futhi wayevame ukushumayela kancanyana, bese-ke egijima ayemuva bese engixhawula. Bese-ke ashumayele kancanyana, bese egijima eya emuva bese engixhawula. Ngathi, “Mfowethu Ryan, ngi— ngiyakuthokozela lokho, kodwa a—angiyitholi incazelo yokuthi kungani ukwenza.” 5 Wathi, “Uma ibhetri seyehla, ngidinga ukuyishaja, ngakho sengishajekile ngakho konke nje.” 6 Ngisanda kubona u—umfundisi wamaMethodisti wasenhla ezweni lami, osanda kwemukela uMoya oNgcwele nje, futhi ngambhaphathiza. Ehlezi ngapha ngakwesokunxele sami, uMfowethu Junior Jackson. Ngimbone exhawula kanjalo, kwathi ukungikhumbuza ngoMfowethu Ryan. Bangaki ocabanga ukuthi amaMethodisti angewamukele uMoya oNgcwele na? Niyaphaphalaza. Sukuma, Mfowethu Junior Jackson, yena nomkakhe othandekayo lapho. Bangabasezansi eIndiana lapho, umfundisi wamaMethodisti. 7 Uphi uWillard Collins na? Ngabe ukhona endlini kulokhu ukusa na? Ukuphi, Mfowethu Willard na? Bengicabanga ukuthi ubekhona ngapha. Omunye umfundisi wamaMethodisti emi ngapha, uma ningacabangi ukuthi amaMethodisti angemukela uMoya oNgcwele futhi aphinde abhaphathizwe. Sukuma, Mfowethu Collins. Ukhona omunye. Umfowethu wayesenhla eAsbury College eWilmore, eKentucky, ophuma esizindeni seMethodisti ekahle.

Upload: others

Post on 17-Aug-2020

8 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

ONKOSI, KANYE NJE FUTHI

Sanibona ekuseni, bangani, noma sanibona ntambama.Ngephule iwashi lami, angikwazi ukubona ukuthi sikhathi

sini. [UMfowethu uthi, “Kusesekuseni, mfowethu.”—Umhl.]Kusesekuseni, kunjalo na? Kulungile.2 Ngaphandle kwalokho, siphila ePhakadeni. Asinasikhathi.Imikhawulo yesikhathi yama ngenkathi uJesu Kristu enginikaukuPhila kwaKhe ngaphakathi kimi, ukuba ngiphile ngakho,ngakho siyizidalwa zaPhakade khona manje, sihlezi ndawonyeezindaweni zaseZulwini kuKristu Jesu. Isikhathi esinje pho!3 Manje lolu nje wusuku lwami lwesibili lapha nani, kodwa,he, kunjengotiligi obandayo ekuseni, uwugqinsi kakhulufuthi kuyamangalisa. Angikaze ngizithokozele okwedlulalokhu kunoma yimuphi umhlangano. Futhi ngiyaqalazamanje ebusuku, baminyene kakhulu angiboni-muntu, kodwanamhlanje ngingaqalaza. Ngaba nenhlanhla yokuxhawulananalesisigejane sabefundisi abakahle kuleliqembu lapha.4 Ngiyakhumbula indoda endala yayivame ukuza ebandlenilethu, egama lingu John Ryan. Ilunga elidala uRyan, babembizakanjalo. WayengowaseDowagiac, eMichigan. Futhi wayevameukushumayela kancanyana, bese-ke egijima ayemuva beseengixhawula. Bese-ke ashumayele kancanyana, bese egijimaeya emuva bese engixhawula. Ngathi, “Mfowethu Ryan, ngi—ngiyakuthokozela lokho, kodwa a—angiyitholi incazelo yokuthikungani ukwenza.”5 Wathi, “Uma ibhetri seyehla, ngidinga ukuyishaja, ngakhosengishajekile ngakho konke nje.”6 Ngisanda kubona u—umfundisi wamaMethodisti wasenhlaezweni lami, osanda kwemukela uMoya oNgcwele nje, futhingambhaphathiza. Ehlezi ngapha ngakwesokunxele sami,uMfowethu Junior Jackson. Ngimbone exhawula kanjalo,kwathi ukungikhumbuza ngoMfowethu Ryan. Bangakiocabanga ukuthi amaMethodisti angewamukele uMoyaoNgcwele na? Niyaphaphalaza. Sukuma, Mfowethu JuniorJackson, yena nomkakhe othandekayo lapho. BangabasezansieIndiana lapho, umfundisi wamaMethodisti.7 Uphi uWillard Collins na? Ngabe ukhona endlini kulokhuukusa na? Ukuphi, Mfowethu Willard na? Bengicabanga ukuthiubekhona ngapha. Omunye umfundisi wamaMethodisti emingapha, uma ningacabangi ukuthi amaMethodisti angemukelauMoya oNgcwele futhi aphinde abhaphathizwe. Sukuma,Mfowethu Collins. Ukhona omunye. Umfowethu wayesenhlaeAsbury College eWilmore, eKentucky, ophuma esizindeniseMethodisti ekahle.

Page 2: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

8 Manje kunabanye futhi abantu abanami lapha, o—owehlayo.Ngibezwile bethi “amen,” futhi ngiyazi balapha, kodwaangikwazi ukubabona. UMfowethu—Mfowethu Fred Sothmannwasetabernakele eJeffersonville. Fred, ngabe wena noMfowethuTom nilapha na? Ngikholwa ukuthi ngiyamuzwa ethi, “Lapha.”Ngapha ekhoneni, ya.9 Sijabula kakhulu ukwethula lawa indoda. Angiboni kahlehle ngalesisikhathi, kunabanye abaningi mhlampe laphaengingabazi. Ngicabanga ukuthi uMfowethu Jack Moore usandakuqeda nje ukukhuluma. Futhi—futhi ngakho lawa ayindodaekahle, futhi siyawathanda.10 Futhi manje kube yisikhathi esimnandi ngempela ukubalapha. Ngisho kumkethu, umkami, ngathi, “Wena, ukubawehlile ube kulomhlangano.” Sikholelwa emhlanganweniwephentekoste oyifeshini endala. Siyakholwa, ukuthi ilaphoinkululeko eMoyeni kaNkulunkulu, ukuthi yonke imikhakhayamahlelo ingahlangana ndawonye futhi ihlale ndawonyeezindaweni zaseZulwini, njengebandla. Imehluko yethuawenzi mehluko lapho, uma sikuKristu, siphansi kweGazinasenhlanganyelweni yothando lwaKhe.11 Futhi ngifuna ukusho lokhu kuleliqembu labefundisi. Ngi—ngingena ePhentekoste ngivela eMissionary Baptisti, futhingiyincomile iPhentekoste. Bangabantu bami. Ngiyabathanda.Uma bengicabanga ukuthi belikhona noma yiliphi ibandlaelinye futhi elikahle ukwedlula lelo, bengiyoba kwelinyeibandla. Kodwa ngikanye nePhentekoste, ngoba ngicabangaukuthi liyiyonanto esondele kunazo zonke engiyibonaemBhalweni. Uma bengazi enye into, bengiyoba nabo; futhingakho, kungesikho ukungavumelani noma iyiphi enyeinkolelo, lutho nhlobo. Kodwa isizathu sokuba ngicabangengePhentekoste, ngoba lisondele kakhulu kulokho engicabangaukuthi kungokomBhalo, kunoma yini engazi ngayo.12 Futhi kunento eyodwa egqamile kulengqungquthela,engiyiqaphelile, leyo ngukuthi, abesifazane abanobusoobuhlanzekile; akukho nakunye kwalobo buqhathanzipho,niyazi, noma ngabe nizibiza ngokuthini leyoyinto. Angikuthandilokho. Lokho akuwafanele amaKristu. Hhe-e. Kunjalo. Ngi—ngiyakuthanda lokho. Ngiyisikole esiyifeshini endala esithandainhlanzeko, niyabo. Ngithanda ukubona abesifazane…Niyazi,angisho…13 Lena akusiyo indawo yokusho noma yini, amahlayanokuthuka okungcwele, ukusho njalo. Kodwa angikusho lokhungaleyoncazelo. Lena akusiyo indawo yalokho.14 Empeleni, nayithola nini nonke lento na? Lokhu kuvelakwitabernakele lami, kubukeka kanjalo. Impela kubukekakanjalo. Ngabe lokho kunjalo, bandla na? Ngabe lokhoakubukeki yini kufana nepulpiti elidala na? Awu, ngicabanga

Page 3: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 3

ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela laphouhamba unqamule kuwo, empeleni.15 Ngakho niyazi, munye kuphela owesifazane eBhayibheliniowake wapenda ubuso bakhe. Futhi akazange apende ubusobakhe ukuhlangabezana noNkulunkulu. Wapenda ubusobakhe ukuba ahlangabezane nomuntu. Kunjalo. Niyaziukuthi uNkulunkulu wenzani kuye na? Wamphakela izinja.Ngakho uma ubona owesifazane efake upende, uvele uthi nje,“Sawubona ekuseni, Nkosazana Nyama-yeNja.” Kuyilokhoimpela. Lokho kubi kabi, akunjalo na? Kodwa yilokhouNkulunkulu akucabanga ngakho. Wenziwe nje inyama yenjaejwayelekile yamankentshane. Lokho kuthi akube yilokhoayikho. Ezinye zalezizimpisi ehambahambayo, ishaya ikhwelo,niyazi; abakubiza ngokwenza kwempisi, niyazi. Kuyilokho-ke,inyama yenja nje futhi.16 Ngiyabonga ngani besifazane. UNkulunkulu aniphe umusaukuba unibambe ekuboneni isiphambano, nisuke kulezizintozomhlaba. Empeleni, sisendleleni yethu eqonde eNkazimulweni.Siyizakhamizi zomunye uMbuso.17 Kudala…Bengiqalaza nje phezu kwezithameli ukubonaukuthi ngingambona yini omunye wabantu, nalowo ngabanyebabangane bethu abangamakhaladi, iNigro. Niyazi, kudala,ezansi lapha eNingizimu, babevame ukwenza ngawo izigqila.Manje, nginguMningizimu. Futhi yinye into engithandaukuyisho ngawo, ngifisa sengathi ngangingakhuluma kuMartinLuther King. Leyondoda, ingumKristu, ayazi ukuthi iholelaabantu bakubo ogibeni lokufa ngqo, lapho okuzoba nezigidizabo ezibulawayo. Niyabo? Unephutha.18 Ngiyabathanda abazalwane bami, abazalwane bamiabangamakhaladi. Ngangingebe seAfrika nangakhona,ngishumayela kubo, ukuba ngangingabathandi. BangabantubakaNkulunkulu, ngokufanayo njengoba nathi siyibo. Kodwaangikholwa ukuthi…Leyondoda, phansi kwalokhu, izobangelakuphela abaningi, abaningi, abanye abaningi babo ukubababulawe. Khona-ke kuzoqala umbhedukazwe futhi, ongasozewagxambuzisa abantu baphume kuwo ezansi lapha. Ngakhoabasizo izigqila. Banenkululeko kakhulu nje impela njengawowonke omuny’umuntu. Bona, ukuba babeyizigqila, ngangiyobangakulelocala. Kodwa abasizo izigqila.19 Yingoba nje bafuna ukuya esikoleni. Banazo izikole. Mabayeesikoleni. Kunjalo.20 Wayelapho, ngikhumbula lowomfowethu omdala oyikhaladiesukuma, ngalokho kusa, kulesosibhelu.Wacela umbutho ukuthiwayengakhuluma yini. Wathi, “Angizange ngibe namahloningokuba ngumuntu omnyama. UMenzi wami wangenza ngabangumuntu omnyama. Kodwa kulokhu ukusa, nginamahloni

Page 4: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

indlela isizwe sami esiziphatha ngayo. Benzani labobantu kithina? Kuphela babebahle kithi.”21 “Umlungu wesifazane,” wasukuma wayesethi, “Angifuniukuba abantwana bami bafundiswe esikoleni ngumlunguwesifazane,” wathi, “ngoba ba…angeke akhokhe i—inzalo-nzuzo, athathe inzalo-nzuzo kubantwana bami njengobaowesifazane oyikhaladi ubenjalo ohlangeni lwami uqobo.”Wathi, “Lapho, buka izikole zethu. Banamadamu okubhukuda.Banezikole ezingcono nayo yonke into. Sifunelani ukuyaezikoleni zabo na?” Kunjalo.22 Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu we—we,awu, ngingathi unguNkulunkulu wezinhlobonhlobo. Wenzaizintaba ezinkulu nezintaba ezincane. Wenza izingwadule.Wenza amahlathi. Wenza umlungu, umuntu omnyama,umuntu obomvu. Asifanele neze siphambanise lokho. Kubangokubhasteliwe. Futhi noma yini ebhasteliwe ingeke yaphindaizizale. Niyalona uhlanga lwabantu. Kunezinye izinto mayelananekhaladi umlungu angenazo ngisho nalezo zimpawana.Umlungu uhlala njalo ekholiseka futhi ekhathazeka; ikhaladilenelisekile esimweni elikuso, ngakho awazidingi lezozinto.23 Kodwa emuva ngesikhathi sezigqila, babethengisa izigqila,izidalwa ezingabantu, njengeblokwe lendali, njengobabebengenza endaweni yezimoto esezike zasetshenziswa.Kwakunomthengi ofikayo, ezweni lonke, futhi wayezithenga,bese ehamba ayozithengisa bese enza imali ngazo, njengoba njeubungenza emotweni esike yasetshenziswa noma okuthize.24 Kwakungakaze kube luhlelo lukaNkulunkulu!UNkulunkulu wenza umuntu; umuntu wenza izigqila. Omunyeakafanele abuse phezu komunye. Sifanele sihlale ndawonyengobunye nangokuthula.25 Nalendoda ifika ehlathini lokutshalwa elidala. Ya—yayifuna. “Zingaki izigqila onazo?”

Wathi, “Ikhulu noma ngaphezulu.”26 Yayizibuka izengama, futhi kwenzeka yaqaphela,kwakunesigqila esisodwa phakathi kwalabobantu…27 Izigqila zazidabukile. AmaBhunu aseAfrika ayebambeizigqila, aziletha ngapha ayesenza, ayesezithengisa. Futhizazazi ukuthi azisoze zabuyela ekhaya lendabuko. Zazaziukuthi zazilapha konke ukuphila kwazo. Zazingasoze zababonaabantwana bazo futhi. Zazingasoze zambona ubaba nomama.Zazilapha sonke isikhathi, futhi zazidabukile. Futhi babephathangisho neziswebhu, futhi bazibhaxabule, ukuzenza zisebenze.Futhi ngakho babefanele bazenze zisebenze, ngoba zazingafuniukusebenza. Zazidabuke ngakho konke nje.28 Lomthengi wezigqila wazibuka wengama ngapho. Futhiwathola phakathi kwezigqila, kwakunomfo oyedwa osemncane.

Page 5: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 5

Babengadingeki ukuthi bambhaxabule; isifuba siphezulu,isilevu siphezulu, emsebenzini ngqo. Nothenga athengiseleabanye wathi kumnikazi wezigqila, wathi, “Ngifuna ukuthengalesiya sigqila.”

Wathi, “Asithengisi.”Wathi, “Sibonakala sehlukile kwezinye izigqila.”Wathi, “Sinjalo.”

29 Wathi, “Yini eyenza umehluko na? Ngabe singubasi phezukwazo zonke ezinye na?”

Wathi, “Qhabo, qhabo. Siyisigqila nje.”30 Wathi, “Mhlawumbe usiphakela ngokwehlukile kunomawenza kuzo zonke ezinye.”31 Wathi, “Qhabo, sidla ekamelweni lokuphekela emkhunjinikanye nazo zonke ezinye izigqila.”

Wathi, “Yini esenza sehluke kakhulu kangaka na?”32 Wathi, “Ngangihlala ngimangala ngalokho, uqobo lwami,ngaze ngathola. Phesheya ezweni lendabuko, eAfrika laphosivela khona, uyise uyinkosi yesizwe. Futhi kungakhathalekiukuthi sikuphi, sisalokhu sazi ukuthi siyindodana yenkosi, futhisiziphathisa okwayo.”33 Haleluya! Uma uyindodakazi yeNkosi, khona-kemusa ukuziphathisa okwezwe. Uma uyindodana yeNkosi,ungaziphathisi okwezwe. Siyiwo, siyazi ukuthi singamadodananamadodakazi kaNkulunkulu. Nakuba silapha ezwenielimnyama lokufa nosizi, nokho siyazi lapho ifa lethu likhona.Singamadodana namadodakazi eNkosi; hhayi inkosi, kodwaiNkosi uqobo. Asiziphathise okwakho.34 Imizuzwana embalwa edlule, isizathu sokuba ngibe leyithi,intombazane encane yase-Etiyopiya ilungisa ikamelo, futhingiqaphele ukuthi ibiyenza into ethize. Bengizama ukubhalaenye indikimba yomBhalo wenye into ebengifuna ukukhulumangayo. Angizi ukuba ngikhulume nje ukuba ngizwiwe; ngizaukuzosho into ethize ezosiza ibandla, ukwenza usizo oluthize.Kwase kuthi-ke mina ngitadisha, nalelinenekazi elincanebeliqhubeka nokuthi ukuzilazila. Khona manjalo lathi,“Ungangixolela, mnumzane?”

Ngase ngithi, “Yebo, memu.”35 Lase lithi, “Bangitshela ukuthi wena uyindoda eyafumanaumusa phambi kukaNkulunkulu, ukuthi uma ukhulekelaabagulayo, ukuthi uNkulunkulu uyawuphendula umkhulekowakho.”36 Ngathi, “Akaphenduli kuphela owami, kodwa Uphendulanoma ubani oyoMkholwa.”37 Lathi, “Ngiyagula, mnumzane. Kungabe ngiyanhlanhlathauma ngikucela ukuba ungenzele umkhuleko omncane na?”

Page 6: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngathi, “Qhabo nhlobo.”38 Ngenyukela kuyo. Ngakhuleka into enjengale. “Nkosi Jesu,eminyakeni eminingi edlule, ngenkathi Uhudula isiphambanoesidala esimigoxigoxi wenyuka igquma elinesihlabathi,futhi uhudula amanyathelo eGazi elalihuduleka lehla lisukaemhlane waKho. OwaKho omncane, umzimba oyintengentengewaba buthakathaka kakhulu ngangokuthi Wawa phansikomthwalo. Kwakukhona oyedwa owayemi ngaseduzane,ogama linguSimoni, iNigro, wasiphakamisa isiphambano futhiwaKusiza ukuba asithwale. Nangu omunye wabantwana bakhe,kulokhu ukusa, egula.” Kwathi ngalesosikhathi, kwenzeka.Niyabo? UnguNkulunkulu waso sonke isintu.39 Manje, bangane, niyizithameli ezinhle kabi. Nami ngiphumaensimini, yezimishini phandle ngaleya, phambi kodevelinezinyanga bathakathi, kanjalonjalo. Ningacabangi ukuthibangeke bakuphosele inselelo. Wawufanele wazi kangconoukuthi ukhuluma ngani uma ufika phambi kwabo. Kodwaphansi kokunjengalokho, bese-ke ngiza lapha lapho imililoyasekhaya ivutha khona phakathi kwamaKristu, kanjalonjalo,anazi ukuthi kungukukhululeka okunjani kumuntu ukuba amekanje. Ngifisa sengathi bengingahlala emuva lapho ezithamelinifuthi ngizwe lababazalwane abakahle abagcotshiwebeshumayela iZwi, futhi bengingavele nje ngiphakamise izandlazami futhi ngikhale, futhi ngimemeze, futhi ngikhuleke. Futhiinto e—enje—enje pho, ukufudunyezwa nguMlilo. Kuyintoeyisimangaliso. Kodwa ngokwejwayelekile…40 Bazalwane bami, nginabazalwane abaningi kakhuluabangithandayo, futhi bangicela ukuba ngikhulume. Futhingakho-ke ngiyazi, ukubizelwa enkonzweni yeNkosi, ngifanelengizame ngisebenze ngawo onke amandla ami, kodwa njalongikwenza ngokweqile ngokuhlala isikhathi eside kakhulu.Futhi ngiyazi nilindele idina lenu, kade nilapha kusukelangelesishiyagalombili nqo kulokhu ukusa, noma okuthize,kuleliqembu labantu. Kodwa ngicabange lokho, ngizakulentambama ukuba ngikhulume kini isikhathi esifishanenje, ngibhale ngakhipha amanye amanothi lapha, neminyeimiBhalo, engithanda ukuthathisela kuyo. Futhi ekwenzenilokhu, ngicabanga ukuthi ninendoda lapha efaneleke kudekakhulu, nobizo lukaNkulunkulu, ukuthatha lendawo, kunami.Kodwa okwami ngumkhuleko wabagulayo, ukubona imibono,kanjalonjalo.41 Futhi bengikhuluma nomunye emizuzwini embalwaedlule. Uma nibuka kwiphephabhuku iLife, ngenyangaedlule, nizobona lapho. Futhi ninayo leyoteyipu. Angisuyeumthengisi wamateyipu. Kodwa uma nake nawakholwa amaZwiengiwashumayelayo, futhi ningaphumelela ukuyithola, tholaniIziMpawu eziyisiKhombisa, futhi kuqala nithole ethi SikhathiSini, Banumzane na? Nilalele lokho kukhulunywa ngakho,

Page 7: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 7

izinyanga eziyisithupha kungakenzeki. Nesayense iyadideka.Ngimi ngaphansi ngqo kwalapho okwakwenzeka khona lapho.Futhi ngabatshela, kusasele izinyanga eziyisithupha, ukuthizaziyoba khona kanjani iziNgelosi eziyisikhombisa ngesimosomlaza wezinkanyezi, futhi zibukeka njengesivivane, ziyothiqathatha phansi. Futhi ngiyobe ngimi ngasenyakatho yeTucson,eArizona, futhi kuyoba khona umdumo oyoze uzamazamisengisho namadwala ezintabeni. UMfowethu Fred Sothmannehlezi lapho, owayemi nathi, abaningi babo, ngenkathikwenzeka.42 Manje isayense ithathe isithombe saKho, niKubonile,kwaqhubekela kwiAssociated Press. Abazanga ukuthiKwakuyini. Nanto iFu lilenga, lingamamayela angamashumiamabili nesithupha ukuphakama. Lokho ngamamayelaayishumi nanhlanu, noma amashumi amabili, ngaphezulungisho nalapho umhwamuko ukhona. Abazi ukuthi konkekuhamba mayelana nani, futhi bazama ukuKuhlola. Futhilapho, phansi kwaKho ngqo, ngangimi. NalezoziNgelosieziyisikhombisa ziduma ngamaphimbo azo, alezoziMpawueziyisiKhombisa, zimi lapho. Nofakazi, sobathathu,njengofakazi wezinto ezaprofethwa eteyipini, Banumzane,Sikhathi Sini na? Futhi lapho manje bazama ukuthola.Kuyimfihlakalo kubo.

Abanye babo bathi, “Hamba, hamba, awuhambi nganiubatshele na?”43 Kwakuyofana nje njenganenkathi iNgelosi yeNkosiibonakala lapha eHouston, eTexas, kulokho kuKhanya.Ngabatshela abantu, “Yonke impilo yami ngikubonile lokhokuKhanya.”44 Ibandla liyakwazi. Isayense iyakwazi. Kungukuthi,yonke into izofanele ifakaze ngenkathi uJesu Kristuenza umnyakazo. Nanto. Iphephabhuku, uma nifunaukulibuka, yilelo elinoRockefeller nomkakhe omusha ngemuva.Ngicabanga ukuthi ngeliphuma ngoMeyi lephephabhuku iLife.UnguNkulunkulu. Siphila ezinsukwini zokugcina.45 Manje ngize kulokhu ukusa ukuzama ukukhetha amanothiambalwa lapha, nezinto, ukukhuluma ngento ethize ezosizaibandla, isize ngalababafowethu abangabefundisi, ukubekaamahlombe ami esondweni nalawa indoda. Singabafowethu,futhi bangiletha lapha ngoba bakholelwa enkonzweni efanayo.Nisindiswe ngesikhathi salomhlangano, anithathi nganiubulunga benu nalawa amanye amabandla amahle laphaelikholwa yiloluhlobo lwenkonzo. Wona, ayakukholwa, amaemva kwakho. Futhi ngi—ngizela ukuze sikwazi ukwendlalaumBhalo nangento engahle isize ibandla.46 Nendaba yami, efana nayo, kulokhu ukusa, ngukuthimumomuni engicabanga ukuthi ibandla lamaPentecostal liyiwo

Page 8: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

walolusuku. Kuma kuni nokuthi hora lini esimi kulo, futhi yinienokwenzeka na? Manje ake ngicaphune lokho futhi. Mumomuni ibandla elimi kuwo manje, nokuthi yini enokwenzekaelihlalele na?47 Ngifuna ukufunda emBhalweni, okwendikimba, futhingifuna ukufunda eNcwadini yabeHluleli, isahluko 16, amavesi27 nelama 28.

Futhi indlu yagcwaliswa abesilisa nabesifazane;namakhosi onke amaFilisti ayelapho; ophahlenikwakukhona abantu kungathi abayizinkulungwaneezintathu abesilisa nabesifazane, futhi ababebukelaukudlala kukaSamsoni.USamsoni wakhala eNKOSINI, wathi, O Nkosi

NKULUNKULU, ake ungikhumbule, ngiyakuncenga,…ungiqinise, ngiyakuncenga, kube-kanye kuphela,O NKOSI, ukuba ngi…phindise kumaFilistingempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami amabili.

48 Ngithanda ukuthatha indikimba kulokho, evela kwethiO Nkosi, Kanye Nje Futhi. Kwangathi iNkosi ingabusisaukufundwa kweZwi laYo.49 Kufanele ukuthi kwakukade kuyintambama e—enhle,into efana nesiyijabulelayo namhlanje lapha kulezizinkundlazokukhempa, lapha eHot Springs, eArkansas. Futhikwakunomgubho omkhulu oqhubekayo, kodwa uphambenekakhulu kunalokho umgubho oyikho namhlanje. Kwakukhonakungathi yizinkulungwane ezintathu zamaFilisti zibukaphansi zisendaweni eyizitezi, kwababili abaxakile abangenakuleyonkundla enkulu evalekile, nophakimpi abahlonishwakakhulu namanenekazi abo ehlobe ngobucwebe onke yayihlezingendawo eyiyonayona.50 Futhi njengoba kwakunjalo ngaleyonkathi, kwakukhona,o, into ethi ayibe njengekhowe eyayikhona, indlu ihlezi phezukwezinsika ezaziphumile, into ethi ayifane mhlawumbe nohlobolwesimodeni lomklami wokwakhiwa kwezindlu, arc-…ukumiswa kwezakhiwo. Futhi onke lamaFilisti abuthanaphezulu lapho, futhi ayezibeke phezulu enzela lesisehlakaloesikhulu. Futhi ayekulomgubho omkhulu, futhi onke amehloayethe njo kulelimaphakathi nenkundla evalekile. Afaneleukuthi asukuma, ukuba athole u—ukubuka kahle esehlakalweniesasesizokwenzeka nje.51 Futhi manje njengoba sihlezi lapha kulentambama, akesibone ukuthi singakwazi yini, ngomqondo wokucabangela,sizibeke kuleyondawo, ukubuka lenkundla. Sibonani na?52 Ozayo, ephumela esenta yenkundla evulekile, kuzaumfana omncane, ebambe isandla sempumputhe, ikhubeka,ihamb’ibhadazela. Ayekade eneminingi imibukiso yezinkawu,na—namaqhinga amancane, kanjalonjalo; kodwa manje

Page 9: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 9

sekufike isikhathi sesehlakalo esikhulu, into ayekadeeyilindele isikhathi eside kangaka, isehlakalo esikhulusosuku. Izanduleliso zase ziphelile, amahholo ayenanela yonkeintambama ngokuzitika kwabadakiweyo. Ngokuba, ayegubhaukunqoba kukaDagoni, unkulunkulu wawo wenhlanzi, phezukomphongolo nesithembiso sikaJehova.53 Okubonakala kuyihlazo kanje pho, njengobasingayicabangela into enjengaleyo yenzeka; kankulunkuluwenhlanzi wesizwe sabahedeni, begubha ukunqoba phezukwezinceku zikaJehova, bonke ngenxa yokwehluleka kwendodaukwenza izinto eyayigcotshelwe ukuzenza. Futhi nakhukwakukhona umhedeni, odakiwe, bexokozela, abesifazaneabafake ubucwebe, ubuso obupendiwe, umgubho weHollywoodyesimodeni, beletha inceku yeNkosi uNkulunkulu, iboshwengamaketango, kwenzelwa isehlakalo esikhulu santambama.54 Kufanele ukuthi umfana wayehambe ehuduleka ngapho,ekhubeka, kuza lesisigaxa esikhulu senyama yomuntu,omabili amehlo engasekho, izinwele zilenga zayoshayaemhlane wakhe, eboshiwe futhi bembophile, ukubaenze umbungazo wabadakiwe, isigejane esixokozelayosabangakholwayo. Ufanele ukuthi wakhubeka esigxotsheniokulapho ababezokwenza khona umdlalo uqale khona.55 Uma ngicabanga ngalokho, ngicabanga ngebandlaelagcotshwa nguNkulunkulu, ukwenzela uNkulunkulu intoethize. Futhi kwavumela isitha ukuba siphuphuthekiseamehlo alo eZwini likaNkulunkulu ophilayo nemiYalokaNkulunkulu, nasemsebenzini onqunyiweyo owawugcotshwenguNkulunkulu ukuba wenziwe; kuphela ukuba ube ngumdlaloendaweni ecashile yabadakiwe, abapende ubuso, yabahlobengobucwebe, abagqoke izikhindi, abesifazane abaphunguleizinwele, nowesilisa wasezweni. Ibandla ebelifanele ukukhanyaemandleni nasekuqineni kweNkosi! Ihlazo elinje pho!56 Kufanele ukuthi kwehlisana kanjani isithunzi kuSamsoni!Nawo wonke umsebenzi owuhlaka lwakhe wenziwe, lokhokwakungaphezu kwamandla, futhi wayekade efakazisileukuthi uNkulunkulu wayenamandla aKhe ngomsebenziwakhe owuhlaka. Nazozonke izinkonyane ake aba nazo,kwakulokhu kusesemzimbeni wakhe, kodwa izibusiso zeNkosizase zimshiyile.57 Singahle sibe nawo wonke umsebenzi wethu owuhlaka.Singahle sibe nezinkambiso zethu zobuhlelo. Singahle sibenamagama ethu emaphepheni nasezincwadini okubhalwa kuzoama-akhawunti. Kodwa ngiyamangala, namhlanje, ukuthingabe ibandla lamaPentecostal alimile yini cishe endaweniefanayo, namehlo alo ebhotshoziwe eZwini likaNkulunkulu,nangenhloso uJesu ayifelayo, ukuze thina ndawonye sikwaziukuhlanganyela ngaseZwini nezinto zikaNkulunkulu.

Page 10: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

58 Ehliswe isithunzi, wayenjalo, phakathi kwesikhathiasiphilayo. Njengoba ngibona uSamsoni ema lapho,yisifanekiso, isifanekiso sesiwileyo, isizwe esonakelengokuziphatha, neliwe ngokuziphatha, ibandla elonakele.Isizathu, wayefanekisa kokubili uIsrayeli njengesizwe,namandla kaNkulunkulu, angawebandla. Ngempelakwakungukubonakala kufikiselana umunyu, njengoba simbonaema lapho. Empeleni, ukukhishelwa kwakhe lapho, nalomfanaemhola, futhi kungekho-mehlo.59 Uma isitha singahle kuphela siphuphuthekise amehloakho entweni yangempela kaNkulunkulu, uyohamba ukweqengaphezulu ngqo futhi ungakwazi. Akunandaba ukuthiuNkulunkulu wenzani, futhi akuqinisekise ngomBhalo waKhe,futhi akufakazise ngamandla aKhe; uma amehlo akhoengavulekile ezintweni zikaNkulunkulu, uyohamba ukweqengqo ngokuphuphutheka ngakho konke.60 Futhi nango ema. Ngakho kufanele ukuthi kwakukadekuyisikhathi sokuthatha umoya, njengalamasoshaadakiwe nabesifazane, nezingilazi zabo zophuzo oluxubeizinhlobonhlobo zotshwala esandleni sabo. Sengiyakuzwaukwenanela komsindo ngaphesheya kwamahholo, “Ngakholona nguSamsoni, indoda kaNkulunkulu enamandla, indodaenamandla esibindi, iqhawe elikhulu,” imi kulesosimo. Sengathingiyabona, kuwo onke lawomaqhawe njengoba ayemi nezingalozawo zigaxe izithandwa zawo zeHollywood yesimodeni,nokobucwebe kwawo okucwebezelayo kwenza isigojana,amalunga alelibandla elikhulu likaDagoni. Sengathi ngiyabonaabanye babo babesakwazi ukukhumbula, ukuthi ngegamalikaSamsoni, lona igama lakhe impela labazamazamisa. Lonaimpela igama lakhe laletha—laletha ukwesaba phezu kwabo,ngokuba wayengogcotshwe nguNkulunkulu. Abaningi babobabekukhumbula.61 Amaningi alawomasosha emi lapho, ayesakwaziukukhumbula embona emi nomhlathi womnyuzi esandlenisakhe, amaFilisti afile ayinkulungwane elele lapho.Kwakungenzeka kanjani na? Ngenkathi umhlathi womnyuziushaya esisodwa salezozigqoko zezivikelo, ngokwangempelai intshi nohhafu ugqinsi, lwethusi eliqinile; ngani, shayalesosigqoko sesivikelo ngomhlathi womnyuzi, lowomhlathiwomnyuzi ubungabhiza ube yizinkulungwane zezicucu. KodwauSamsoni, ngamandla kaNkulunkulu phezu kwakhe, washayawalahla phansi amaFilisti ayinkulungwane, ephihliza izihlanguzawo futhi ezilalisa e…izinyawo zakhe. Sengathi ngiyawabonaamaningi alawomaqhawe ayebalekile ngalesosikhathi, amelaemuva phezulu lapho futhi akhumbula. “Nalowo nguSamsonina?”62 Akhumbula ngokubona umhlathi esandleni sakhe, futhiethi, “Ubani omunye ofuna okunye kwalokhu na?”Wayeyindoda

Page 11: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 11

eyayikwazi ukukhuluma. Wayeyindoda eyayigcotshwenguNkulunkulu. UNkulunkulu wethembisa ukumbusisa.Wayesemandleni okuqina kaJehova.63 O, akungabazeki baningi lapha abangakhumbula emuvangenkathi ibandla lima kulolohlobo lwamandla okuqina, kodwamanje selihlakazeke konke. Zonke izinhlobo zamahlelo, elinyelilwa nelinye. Imihlangano emidala yemikhuleko yobusukubonke awusezwakali nhlobo. Imihlangano yasemgwaqeniisihambe ngokoqobo. Ayisaphathwa. Nokho, sinesakhiwosethu, sinomsebenzi owuhlaka, kodwa uphi uNkulunkuluwezimangaliso na? Ngokukhuluma obala, abaningibayaLiphika, bephika ngisho nokuphilisa kukaNkulunkulu,abaningi.64 Khona lapha kulesisifundazwe, ngangine—nendodayebandla, nebandla elikhulu, yasho. Ngangifuna ukutholaizihlalo, ukuba ngizifake lapha eHot Springs, eArmoryngenkathi ngilapha, mina noMfowethu Moore. NendodayePentecostal yathi, “Ngeke ngavumela ngisho…” Yayingekeingivumele ngibe nezihlalo. Yathi, “Ngeke ngavumela nomaubani ahlale ezihlalweni zami, okholelwe ekuphilisenikukaNkulunkulu.” Lokho akusikho lapha kuphela;kusezindaweni zonke. Yin’indaba na? Ubandlululo, ngenxayemixhaso nezinye izinhlangano, bekhohlwa ukuthi singabantubakaNkulunkulu ngokuZalwa. USamsoni wayesekukhohliwelokho, naye. Ngangikhumbula…65 Ngiqagele, esami lapho, kwakunamanye awo abukhumbulalobo busuku eGaza, ukuthi indoda yayikwazi kanjani ukuqukulaamasango aseGaza, iwabeke phezu kwamahlombe ayo,ngenkathi bezama ukuyibiyela ngothango.66 Ungeke ulubiyele ngothango ngaphakathi ugcobolukaNkulunkulu. Akukho-nhlangano engakubamba.UNkulunkulu usindisa labo Ababizile. “Bonke uBaba angiphebona bayakuza.”67 Awu, ayecabanga ukuthi ayembiyele ngothangongaphakathi. Wayesequkula amasango wayesewabekaphezu kwamahlombe akhe, wayesesuka ehamba, wenyukelaesicongweni segquma wayesehlala phansi. Amasango amakhuluethusi ayengasinda akhuphukele ematanini, nendoda e—encaneyawadonsa yawakhipha emadwaleni, yawafongqa yase iwabekaemahlombe ayo, yase yenyuka igquma nawo; uma noma yinieyayima endleleni kaNkulunkulu.68 Amaningi awo ekulokho kuxokozela kwabadakiweayesakwazi ukukhumbula lokho kukaSamsoni. Kodwakube yini indaba namhlanje, engazange na? Nakho kumiuSamsoni, kodwa uMoya weNkosi awubange usafika phezukwakhe. Wayengagcotshiwe. Wayesephucwe lamandla akhe,ngowesifazane owamyengayowamsusa emiYalweni yeNkosi.

Page 12: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

69 Ngiyamangala, namhlanje, uma leyo kungesiyo into ethizenjengamabandla ethu. Niyabo?Owesifazane, eBhayibheli, umele“ibandla.” Futhi ngiyamangala ukuthi ngabe asilalelangayini ukuyenga kwamanye kwamahlelo, sazama ukufundiselaabefundisi bethu e—eziqwini zeZiqu zobuNgcweti, ukubainhlangano yebandla lethu ikwazi ukuba ithi, “Umelusi wethuunoB.A., iD.D., noma iL.D.” Ngiyamangala ukuthi ngabeasichezukelanga yini ekuthukutheleni okukhulu kokudlebelekakwezingane, ukuzama ukwakha ibandla elingconywanakuneMethodisti noma iPresbyterian na? Besingabangconokwenye imishini, noMoya kaNkulunkulu uphezu kwethu,kunoma besingaba njalo kulesisimo. Ngiyamangala ukuthiasibenzanga yini amaproselite sase sibadonsa besuka kwelinyebaye kwelinye, ukuzama ukwenza izinhlangano zethu zikhulena? Futhi si, sinesakhiwo esikhulu, kodwa uphi uMoya weNkosina?70 Nango emile, ehhundulwe ngowesifazane. Yini okufaneleukuthi yedlula emqondweni waleyondoda lapho imi lapho na?Yayinesikhathi sokukucabangisisa.71 Ngithemba ukuthi ibandla lithola lesosikhathi esingako.Ikuphi okukhulu kakhulu kini, esinye futhi isigidi nomaisibusiso esijule kakhulu sikaNkulunkulu emphefumulweniwakho na? Sihlolisisile…72 Futhi besingaba nezinye izinto eziningi engizibhalabhalelapha, mayelana nalawamakhosi nalokho uSamsoni akwenza,ayekucabanga.73 Manje asehlele kuSamsoni. Futhi nicabanga ukuthi yinieyayedlula emqondweni wakhe, ngokunqoba okuningi ayebenakho, izinto eziningi ezinkulu ayezenzile ngenkathi uMoyaweNkosi usephezu kwakhe na? Kodwa wayenakho ukuzwaukuthi wayenazo zonke izinkonyane, kodwa uMoya weNkosiwawungekho.74 Ake nginitshele okuthize, bandla. Ningazami ukujoyinaibandla elifekethiswe kakhulu ukwedlula onke, isigejaneesiqaphuza ukwedlula zonke. Hlalani noKristu, lapho uMoyaweNkosi ukhona.75 Manje-ke ufanele ukuthi wacabanga ngokunqoba okukhuluuNkulunkulu ayemnike khona, nangezikhathi ngenkathi amehloakhe esavulekile, ukuthi wayekwazi ukubona izithembisozikaNkulunkulu. Kodwa manje, selokhu ebanjwe kulento,amehlo akhe selikhishiwe.76 Abantu abaningi kakhulu, namhlanje, uthola ukubanjwaezinkohlisweni zengqondo, abacabangi neze ukuhlola umBhalo,ukubona ukuthi ngabe uqinisile yini noma qha. Abanye bazamaukuba bathi, “Akwenzi mehluko.”77 UPawulu, eZenzweni 19, wacabanga ukuthi kwenzaumehluko. Futhi wathi, “Uma iNgelosi evela eZulwini

Page 13: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 13

ishumayele noma iyiphi enye into, maYibe ngeqalekisiweyo.”Niyabo? Niyabo? Kuyawenza umehluko.78 Manje sibona uSamsoni emi lapho, ukuthi ucabanga kanjaningezinto ake azenza ngoMbuso kaNkulunkulu. NangokuthiuNkulunkulu kanjani…Wayehlulekile kuNkulunkulu, futhiwayehlulekise abantu bakaNkulunkulu. Yebo, mnumzane.Manje useyisiboshwa saso impela isizwe uNkulunkulu amvuselaukuba asibhubhise.79 Ngifuna ukugudla lapha umzuzu. Phentekoste, niyazingiyanithanda. Uma ngiza kini, Jack Moore, Richard T. Reed,Mfowethu G. H. Brown, Mfowethu Ben Pemberton, nenyeindoda enkulu, ukuthola izinto enibe nazo, kubonakale ukuthisibe nokuningi kakhulu ukuhlanganyela kukho saze sabanjengeglavu elenela esandleni; ngenela kahle nani. OkoMlayezo,ngingazi ukuthi bekunebandla elinjalo, ebengikholelwa kulo,nakhu kwakukhona iqembu labantu selivele ukuba liWemukele.Ngisenguye uMfowethu Branham. Ngisengumfowenu, futhingiyanithanda.80 Kodwa niyaqonda yini, yona impela into uNkulunkuluaniphakamisela yona, senizinikele kuyo. UNkulunkuluwanikhipha kulezozinhlangano, iminyaka eyedlula, ukwenzaabantu ngani, futhi nase nijika nase nihlela into nje yalokhouNkulunkulu anikhipha kuyo ukuyishaya indiva.81 Ngiphosela inselelo noma yibaphi abantu ukubabangikhombise noma iyiphi indawo emlandweni, selokhuibandla liqala lihlela, okwakuyibandla eliRoma Katolika,eLawodikeya, noma eNayisiya, njalo, iRoma, ngenkathi ibandlaeliKatolika lihlelwa futhi lenziwa inhlangano. Futhi nomayiliphi ibandla lenzile kusukela kuMartin Luther, ngapha…82 Ngenkathi uNkulunkulu enika uMartin Luther isambulosokulungisiswa; futhi, wathi angashona nje uLuther, benzainhlangano ngakho, futhi lawa. Nakho kufika uWesley, emvakwakhe, noAsbury, kanjalo njalo, wasuka; benza inhlanganongakho, futhi yawa. Kwase kufika uAlexander Campbell, futhilawa, nenhlangano. Kwasekufika uJohn Smith, weBaptisti, futhilawa. Futhi njalo umuntu uzame ukuhlela into ethize, yenquboeyenziwe ngumuntu, lawa futhi alizange liphinde livuke.Akukho mlando, ndawo, lapho noma yiliphi ibandla elakelahlela, kodwa alangawa, futhi awa onke, awaphindanga avuke.83 Abantwana bakwaIsrayeli, ekufanekiseni, wayezolandelaiNsika yoMlilo. Futhi njalo ebusuku bafanele balungele, hhayiukuba bahlele futhi bahlale phansi lapha, kodwa ukubabahambe noMlilo.84 Yilokho uNkulunkulu afuna abantu bakhe bakwenze,bahambe noMoya, bahambe nesikhathi!85 Wena uthi, “Awu, Mfowethu Branham, sibe nazo zonkeizinhlobo zezimvula, nezimvula zangaphakathi nemvula

Page 14: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

yangaphandle.” Wena unobuhlakani. Angikhathali ukuthikuluhlobo luni lwesambulo, nokuthi kubukeka kahle kanjani,uma kungahambisani neZwi likaNkulunkulu, kuyeke kanjalo.Lena iplani edabula ehlane, iZwi leNkosi.86 Kodwa lapha kumi ibandla namhlanje, ibandlalePhentekoste, cishe ezinhlanganweni ezingamashumi amabilinoma amashumi amathathu ezehlukene, ngayinye ibiza enyengokuthi, lokhu, lokho, nokunye ngokuthi, “uthi lokuqhwakelauklebe,” kanjalo njalo. Ihlazo elinje pho, ngenkathi yona impelainto uNkulunkulu anikhiphela yona emahlelweni, najika nasenenza yona impela into efanayo abayenzayo. Yilokho impelauSamsoni akwenzile. UNkulunkulu waphakamisa uSamsoniukuba abhubhise isizwe. NoNkulunkulu waphakamisa ninanibe abantu, hhayi inhlangano.87 Kodwa ngenkathi uNkulunkulu eqala uIsrayeli e…eGibhithe, babenohambo cishe oluyizinsuku eziyishumi kuphelaukusuka ezweni elithenjisiwe, cishe amamayela angamashumiamane. Kodwa bahlala ehlane iminyaka engamashumi amane.Ngani na? Umusa wawubanike iwundlu ngezono zabo,ukusokwa kube okwesibonakaliso, iNsika yoMlilo njengofakazi,uMose njengomprofethi. Umusa wawuhlinzeke ngayo yonke intoababeyidinga, kodwa babefuna into abazozenzela bona.88 Babazi kancane, ngenkathi uMiriyamu esina nesigujanaithamborini, nabantwana bakwaIsrayeli besina naye, noMoseecula eseMoyeni, babesilelwe kuphela izinsuku eziyishumiezweni elithenjisiwe eligcwele. Babazi kancane, iminyakaengamashumi amane, nezidumbu zabo zazizobola ehlane.Kwenziwa yini na? UIsrayeli wenza isinqumo sakheesingubudedengu obukhulu kakhulu ake abenza, ngenkathiemukela umthetho esikhundleni somusa, ngenkathi befunaukwenza ababhishobhi abathize nento ethize engeyabouqobo, into ethize ababefanele bayenze kukho. UNkulunkuluwayephakathi kwabo, ebahola.89 Futhi yilokho impela okwenziwe yiPhentekoste. NgenkathiuNkulunkulu embula enye into ethize entsha emBhalweni,esikhundleni bakubiza ngendaba mlonyeni entsha kumbe nomayini ofuna ukukwenza ngakho. Kodwa ngenkathi uNkulunkuluembula into ethize, esikhundleni sokwemukela iQiniso futhibaLihlole ngeBhayibheli, bahosheka base benza inhlangano,bazehlukanisa. Kwase kuthi-ke kwafika lokhu, lokho, nokunye,futhi manje nimi nonakalisiwe, ibandla lamaPentecostal,niboshwe ezibophweni zenhlangano. Into uNkulunkuluaniphakamisela ukuba niyibhubhise, futhi manje senihlelwenje njengoba benjalo. Amadoda amesabayo uNkulunkulu kuwoonke, nabesifazane; lelo yiqiniso, onke.90 Futhi si, sonke, necala. Ibhodwe lingeke labiza iketelaukuthi limnyama. Sonke sinecala, sonke, nina bakamunye,

Page 15: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 15

abakambili, abakamthathu, futhi—futhi noma ningahle nibeyini. Ihlazo elinje pho! Ihlazo elinje enililethe phezu kukaJesuKristu! Ihlazo elinje egameni lephentekoste! Balethe eliningikakhulu ihlazo selize libe yigama eliyihlazo, cishe impela.Abantu cishe sekul’khuni ukuba bafune ukuzimatanisa negamaelinjalo. Yingoba nenze lokho ebenifanele ningakwenzi. Futhiukuqhubeka nokulandela imiyalo yeNkosi, kufanele kubengubunye obukhulu bukaNkulunkulu, simasha siqhubekelaekunqobeni, namhlanje.91 Wavumela owesifazane amyenge asuke eZwinilikaNkulunkulu, manje umi enza amaqhinga kadeveli. Kunjalo.Khona impela nje.92 Into efanayo iyenzeka namhlanje, bavumela uJezibeli,“unina wezifebe.” ISambulo 17 sithi wayengu “nina wezifebe.”Manje, uma eyisifebekazi, lowo ngo—lowo ngowesifazane ohlalangokungethembeki kumyeni wakhe. Uzisho ukuthi uKristuunguMyeni wakhe, futhi akaphili ngoMyalo waKhe.93 Futhi enzani amanye amabandla na? Yini isifebe na?Yinto efanayo njengesinye. Kuyini na? Ukufeba eZwinilikaNkulunkulu. Futhi wayengu “nina wezifebe.” Futhiwadedela leyomfundiso kaJezibeli, kanjalonjalo, ngenxayesigejane sendoda ehlakaniphile, efuna ukuhlanganisandawonye futhi ihlanganise into ethize ukuze babenamagamaamakhulu qobo lwabo. Futhi nanto ibandla limile, ubuzalwaneobuhlukanisiwe. O, ini, ihlazo elinje pho kulobubusuku!94 Kuyinto eyesabeka kanje, ukuba yimpumputhe ngomoya.“O,” wena uthi, “awu, angisiyo impumputhe ngomoya.”Izenzo sikhuluma kakhulu kunamazwi; kufakazisa ukuthiuyimpumputhe ngendlela okhubeka ngayo phezu kwezinto.Niyabo?95 Manje, khumbulani, leteyipu iyenziwa futhi izothunyelwaemhlabeni jikelele. Niyabo, futhi angikhulumi kakhulu kangakokhona lapha, kodwa lokhu kuya cishe ezizweni eziyishuminesikhombisa ezehlukene, kuphumele emenweni nandawozonke.96 Baphuphutheke ngokomoya! Baphuphutheke kukuphi na?IZwi likaNkulunkulu, iqiniso likaNkulunkulu. Inhlanganoyakho ingeke ivumele…97 Abefundisi abakahle oza kimi, futhi athi, “Ngiyakukholwalokho ukuthi kuliQiniso, Mfowethu uBranham, kodwa umangishumayele Lokho…” Manje, nakho lapho enikhona. “Umangikholwe yiLokho, awu, abantu banga…”98 Angikhathali ukuthi abantu uthini, angikhathaliukuthi inhlangano ithini; kuyilokho uNkulunkulu akushoukuthi kuyiQiniso. Futhi uma kuyiQiniso likaNkulunkulu,uNkulunkulu uzoleseka. Ungakulindela kanjani ukuba ube

Page 16: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

nokukholwa ube usenezifiso zokuhloniphana nodwa na? Niyabo,kususa ukukholwa kuwe.99 Babuyela emahlelweni, iPhentekoste eyazalwa ngaphandlekwehlelo. IPhentekoste ayizalelwanga ehlelweni; yazalwangaphandle kwehlelo. Nobuqili bokuhlakanipha kukaSathanebanidonsa banibuyisela ngqo kulo, lapho eniphuma khona,“Njengengulube iya ekuzibhixeni kwayo, nenja iya ekuzibhixenikwayo.” Manje babukeni, behluliwe!100 Bekufanele ngabe sesivele siwelele ezweni elithenjisiwe.UJesu Kristu ubefanele ngabe udume kakhulu phakathi kwethu,kuze kungabibikho kugula. O, bekungaba kuhle kakhulu.101 Kufanele kungabibikho abesifazane abaphungule izinwele,abagqoke izingubo ezimfishane. Futhi—futhi akufanele kubeyindoda esiganwe kathathu noma kane, abadikoni ebandlenilakithi. Futhi ningangitsheli ukuthi akukho ePhentekoste;impela kukhona. Kodwa kungenxa yesithunzi senhlaliswano.Bekungafanele kubenjalo, kodwa kunjalo. Ngani na? Ngenxayemidonso yamahlelo, ezombusazwe, imali, esikhundlenisokubambisana neZwi. Bagudluze omunye umfowethu oyigugu,bese bebeka omunye ngoba unokuma okukhulu enhlaliswaneniedolobheni.102 Ngifuna indoda enokuma kwenhlaliswano eNkazimulweni.Uma ingabazi o ABC bayo, kwenza mehluko muni? Niyaziukuthi uABC umele ukuthini na? Njalo kholwa nguKristu[Always Believe Christ.—TN]. Kunjalo. Fundani lokho.103 Enye indoda ifika kimi, kungekudala, yase ithi,“Mfowethu Branham,” yona impela…enye yabaziwa kakhulukunabobonke abefundisi ePentecostal ezweni. Yangenyuselaekamelweni layo, yathi, “Ngifuna ukukukhulekela.”

Ngathi, “Angiguli.”Yathi, “Ngi—ngiyakuthanda.”Ngathi, “Lokho kuzwakala kungokomunye nomunye.”

104 Yathi, yangitshela, yathi, “Awukuyeki ngani ukutshela labobesifazane ngezinwele zabo eziphunguliwe nalolonke loluhlobolwezinto, nangebandla na?” Yathi, “Lokho akusiwo umsebenziwakho.”

Ngathi, “Ngokabani-ke na?”105 Yathi, “Kuzokwenzeka ukuthi awuzukubanalutho kodwaisixhobo sezigxobo ozoshumayela kuzo.”106 Ngathi, “Ngingaqoka ukwenza lokho futhi ngishumayeleiQiniso, kunoma ngixegise ngakudeveli.” Niyabo?Niyabo?107 Yathi—yathi—yathi—yathi, “Mfowethu Branham,uNkulunkulu akakubizelanga khona yini ukuba ukhulekeleabagulayo na?”

Ngase ngithi, “Yebo, mnumzane.”

Page 17: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 17

Yathi, “Abantu bakukholwa ukuthi ungumprofethi.”

Ngase ngithi, “Awu, lokho—lokho, angizange ngikusholokho.”108 Wathi, “Kodwa bakukholwa ngaleyondlela.” Wayesethi,“Uma ungumprofethi, awuchithi ngani isikhathi sakho ukubaufundise abantu ukuthi zikanjani iziphiwo zokomoya, nokuthibaphiliswa kanjani abagulayo, nokuthi—nokuthi zenziwakanjani lezi, ukuthola leziziphiwo zokomoya, nokusiza ibandlaesikhundleni sokuma njalonjalo, uklabalasela abesifazane, futhiuklabalasela owesilisa, nezinto ezinjengalokho na?” Wathi,“Awu, awubayeki ngani kanjalo na?” Wathi, “Awubafundisingani into enkulu kunezinwele eziphunguliwe nezinto, futhiukuyeke kanjalo lokho na?”109 Ngathi, “Ngingabafundisa kanjani onkamisa babe bengazingisho noABC babo na? Kunjalo. Mabafunde oABC babokuqala.”110 Umfundisi omdala wahamba futhi washumayelaukulungisiswa emvuselelweni, ubusuku besibili, ubusukubesithathu, ubusuku besine, ubusuku besihlanu. Abadikonibambizela ngaphandle, base bethi, “Mfundisi ohloniphekile,akusekho okunye okwaziyo kunentshumayelo ngokulungisiswana?”111 “O, impela. Kodwa bonke mabathole ukulungisiswa kuqala,sizobe-ke sesishumayela enye into.” Kunjalo.112 O, ukuba kuphela beningabuyela emuva esisekelweni!Nakhu kumi uSamsoni, ehluliwe.113 Manje bukani, singahle sithi ukuba bahle kakhudlwana,lokho kungaba njalo. Kodwa kufana nje njengoba ngangizangehla ngomgwaqo ngoluny’usuku, ngabona enkulu isayini,ithi, “Oka Funk, ummbila obhasteliwe,” wawumkhulu kakhulukangakanani. Kodwa awusizi lutho. Awusizi ngalutho njengakho konke, futhi ubulala isizwe. Nifunda ngawo, iReader’sDigest, “Uma abesifazane beqhubeka nokudla inyamaebhasteliwe nommbila, nezinto, ngeke babenengane eminyakeniengamashumi amabili kusukelamanje.”Akukho okuhle kuwo.114 Yini ebhasteliwe, isithombo esikhuliselwe endlwaneniyezithombo na? Uma kungesiso isithombo sasekuqaleni,uzofanele ulokhu usifutha ngasosonke isikhathi, ukubauvimbele izilwanyakazane kuso. Izilwanyakazane ziyosidlazisiqede. Kodwa uma siyisithombo sasekuqaleni, awudingiukusifutha. Isithombo esiphilile esihle, isilwanyakazane ngekesihuquzele kuso.115 Yileyo indaba, uzofanele ulokhu utotosa abantu ebandleni,“Udumo kuNkulunkulu, dadewethu,” niyabo. Ungobhasteliwe,ungeniswa ngenye indlela ethize.

Page 18: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

116 Thatha lowommbila obhasteliwe bese ubuye uwutshala,futhi unani na? Lutho. Ungeke ngisho wenze lutho.117 Ibandla lihle namhlanje, iqiniso lelo, izakhiwo ezinkulungokuthe xaxa kunoma nake naba nazo, amabandlaamakhulu kunawo onke owake washumayela kuwo, abefundisiabangcono abahlakaniphile kunoma wawuvamise ukuba nabo.Wawuvamise ukuba nowesilisa uphuma emasimini ommbilandawondawo, uNkulunkulu ambiza phandle lapho esiqintinisesithonjana sokunonga somshanelo. Kodwa manje uthumeleabantwana bakho esikoleni, wase wenza abazukulu ngabo,futhi sebebuya nabobonke oPh.D, noLL.D. Futhi ngisho nelinyelamabandla amaPentecostal amakhulu namhlanje, ngaphambikokuba athumele indoda emasimini ezimishini, izofanele imephambi kwesazi sezifo zengqondo ukubona ukuthi ihlakaniphengokwenele yini ngokwengqondo. Kucabangeni!118 EPhentekoste, isidingakalo kwakungesikho ukuhlolwaingqondo, kwakungukuhlola kukaMoya oNgcwele owehlangoSuku lwePhentekoste. Lokho akusabuzwa kubantunamhlanje.119 Benazi yini ukuthi ibandla eliRoma Katolika kuqalalaliyibandla lePentecostal lase kuqaleni na? Kulithatheiminyaka eyizinkulungwane ezimbili ukungena esimwenielinaso namhlanje. Uma lenhlangano yamaPentecostalilokhu iqhubeka eminye iminyaka engamashumi amahlanu,iyoba yimbi ukwedlula ibandla eliKatolika. Kunjalo. Isonosinqwabelana macala onke! Manje ningahle ningacabangiukuthi ngi…Ningahle nicabange ukuthi ngiyahlanya, kodwangiyazi lapho engikhona. Niyabo? Futhi kuqinisile. Linda njefuthi uzothola. Yebo.120 Obhasteliwe, ummbila obhasteliwe, ubangela abesifazaneukuba banciphe ezinqulwini zabo futhi babebanzi emahlombe,kanjalonjalo.121 Inguqunguquko yempilo yayivamise ukusitshela lokho,kwinguqunguquko yempilo, ukuthi izilwane ezithize zahlanganandawonye zase zizala into ethize ehlukile, nento ethize ehlukile,iphumela kumuntu. Babelokhu behlolisisa ngapha nangaphabaze baphikisa umhlahlandlela wabo uqobo.122 Ake nginitshele into ethize, nina balimi lapha. Yinieyenza umnyuzi na? Uyisilwane esibi kabi kunazozonkeezweni. Ungobhasteliwe. Awunangqondo, kwasekuqaleni nje.Ngeke uwufundise lutho. Uyolinda yonke impilo yawo, ukubaukukhahlele nje ngaphambi kokuba ufe. Ngeke uwutshele lutho.Uyini na? Ngoba ungobhasteliwe.123 Nje kungikhumbuza ngamanye amaKristu abhasteliwe,abizwa kanjalo. Ungazama utshele umnyuzi omdalainto ethize, uyoma umise amadlebe awo, uhambe, “Wo!Wo! Wo!” Niyabo? Okwaziyo kuphela ngukukhonya

Page 19: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 19

nokuqhubeka. Ungeke uwutshele iqiniso futhi uwufundiselutho. Yileyondlela lababantu. Ubatshele ngoKristu, nguyenaizolo, namuhla, naphakade. “Wo! Wo! Izinsuku zezimangalisoselwedlule,” ukukhonya kwekoliji elithize esakufundayo.Kungokubhasteliwe.124 UMoya oNgcwele uyogcizelela yonke imiyalo kaNkulunkulungo “amen.” Leyo yinto ethize yekoliji umoya ophefumulakuyo. Ungakhonyi ngokumelana neZwi likaNkulunkulu, umakunguMoya oNgcwele. Uyoligcizelela ngo “amen.”Niyabo?125 Niyazi, ngicabanga ukuthi umnyuzi awazi lutho. Kodwaniyazi ukuthini? Ungeke washo ukuthi ubaba wawowayengubani noma umama wawo wayengubani. Niyabo, uyisewayeyinkuzi yembongolo encane, unina wayeyihhashi lensikazi,kodwa awukwazi ukubuye uzale. Usuphelile.126 Isithombo ngeke sabuye sizizale. Thatha imbali emhlopheivayolethe nevayolethe el’hlaza sibhakabhaka, ukhipheivayolethe yakho ephinki; itshale kabili noma kathathu, iyobuyaphakathi kokuthi imhlophe noma iphinki, niyabo.127 Lokho kuyafakazisa, niyabo, azizi neze kanjalo.UNkulunkulu wathi, “Yonke into mayiveze imbewu yayouqobo,” futhi yileyondlela ehlale ingayo. Umuntu wenziwangomfanekiso kaNkulunkulu, hhayi inkawu. Niyabo? Lezozintoezihlanyayo!

Qaphelani, niyazi, ukungazi komnyuzi. Kodwa niyaziukuthini? Ungekewawutshela lutho. Unekhanda elilukhuni.128 Kodwa ngicabanga ihhashi lohlobo lwangempela, o, he,liyazi ukuthi umama walo kwakungubani, ukuthi ubaba walokwakungubani. Lingelohlobo lokuzalwa. Liyazi ngabo bonkeabazali balo abangugogo nomkhulu nayoyonke into, ngobalinohlobo lokuzalwa.129 Yileyondlela okungayo ngalawo abhasteliwe, okuthiwaamaKristu. “Izinsuku zezimangaliso selwedlule. Awu, thinamaPresbyterian, thina maMethodisti, thina s’bani-bani,asikukholwa Lokhu. Thina bakaMthathu emunye, thina s’bani-bani, asikwenzi. Asikwenzi lokhu.” Niyabo, awazi ukuthi umikuphi.130 Kodwa umKristu wohlobo lokuzalwa wangoqobo ozelwengokusha eNcwadini yeZenzo, wazi impela lapho emi khona.Uzalwa nguMoya, futhi nantu uhlobo lwakhe lokuzalwa. Uvelaegatsheni likaNkulunkulu. Liyoveza into efanayo ngaso sonkeisikhathi.131 Akumangalisi, ibandla lilihle kakhulu ngokuthe xaxa.Kodwa yini indaba na? Liphelelwa nguMoya. Lizizale laphuma,nezwe. Livumela abesifazane bagqoke izikhindi. Badlaleupiyano, babavumele bapende ubuso. Bavumele owesilisaaganwe kane noma kahlanu, futhi babambe indawo yabo,

Page 20: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

isikhundla. Zonke lezizimo zezinto abedlula kuzo, khonaimpela nje okwashiwo umBhalo. Lehlulwe nje impela njengobauSamsoni ehlulwa. Impela nje. Yebo, mnumzane.132 O, njengoba uSamsoni acabanga! Ngingahle…angifuniukunihlalisa isikhathi eside; ngizozeqa ezinye zalezizindikimbalapha. Njengoba uSamsoni ufanele ukuthi wama laphowayesecabanga ngesiphosiso sakhe, nalapho ayefanele ukubakhona!133 Khumbulani uIsrayeli. Ngingakwenza, ningangixolelaumzuzu, ukuba ngibuyele kuIsrayeli na? Niyazi ukuthini,bayenzani leyominyaka engamashumi amane ngenkathibenza inhlangano yabo phandle lapho na? Esikhundlenisokuqhubeka bedlule, beholwa yiNsika yoMlilo, iNgelosiyeNkosi, eyayinguKristu, esikhundleni sokuba baqhubekebedlule futhi beYilandela. Cishe ezinsukwini eziyishumi,babeyobe sebesesithembisweni esigcwele. Kodwa niyaziukuthini, “Bazulazula ehlane,” iBhayibheli lasho.134 Bafika eKadeshi-barineya, okwakuyisihlalo sokwahlulela,futhi lapho ngenkathi izinhloli zibuya futhi zakhuluma ngezwe.Bathi, “Ngeke sakwenza.”135 UKalebi noJoshuwa bathi, “Singaphezu kwamandlaukukwenza,” ngokuba babebheke esithembiswenisikaNkulunkulu, hhayi ukuthi isimo sasiyini.136 “Singeke saba nebandla ngaphandle kokuba nenhlangano.”Awu, aniboni ukuthi uNkulunkuluwathini. Kunjalo.137 Benzani na? Ngabe uNkulunkulu wababusisa na? Impela,impela. Babehamba bemangala. Baganwa abafazi. Batshalaizivini. Futhi babenezingane, futhi banda. Futhi benzeokuhle ehlane. Kunjalo. Kodwa noma kunjalo wayengakabisesibusisweni esigcwele.138 Ngakho ngenkathi bonke laba abenza leliqembuelikhulukazi lenhlangano, “izilwi ezindala” lalibizwa kanjalo,kulungile, uNkulunkulu ubayeka bahlale lapho baze bafa bonke.Wayese-ke Eqala ngesizukulwane esisha, phansi kobuholibukaJoshuwa, owalikholwa iZwi, amen, wayesebayisa ezwenielithenjisiwe.139 O Nkulunkulu, kwangathi lesisizukulwane esincanesamaPentecostal singathola u—umbono. Niyabo, baqhubekelaezweni elithenjisiwe. Besifanele sibe lapho esinazo zonkeizinhlobo zeziphiwo zikaNkulunkulu.140 Sakhuluma ngezilimi. Kunjalo. Lokho kuhle. Akukhookumelene nalokho. UMose wawela uLwandle oluBomvu; isithasabulawa emva kwakhe. Si—si—siyakuthokozela lokho. Kodwalokho kusalokhu kungesikho konke okwakho.141 Bacabanga kancane kanjani oyihlo nonyoko ngenkathibabemi phandle lapho futhi bebadubula ngezibhamu

Page 21: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 21

amaphistoli emafasteleni, futhi bona besina eMoyeni, ukuthiabantwana babo babeyoke beze kulokhu na?Kodwa kwenza.142 Kodwa kunesizukulwane esisha esizayo manje. IzinwelezikaSamsoni sezikhulile. Niyabo?143 Bhekisisani! Ningalokothi nidedele uDelila aze aniphiceleemuva entweni enjengaleyo. Hhe-e. Dedani kuyo. Yileyontoeniqalekisile. Naphakanyiselwa ukuyigxeka. Futhi ngizamengawo onke amandla ami ukukwenza, nakuba ngime ngedwa.Kodwa ngizame ngawo onke amandla ami ukuma emiYalwenikaNkulunkulu. Ngibona ibandla lima lapho, liphucwe amandlakaNkulunkulu, liphucwe izibusiso, liphucwe iziphiwo.144 NoNkulunkulu uyothululela isiphiwo saKhe phansi. Bathibathi, “Lokho ngukufunda ingqondo, kungukufunda umqondo,”kanti ngabe bebefanele ukuKusingatha. Niyabo? “Awu,usengale kwabakaMunye manje. Qhabo, lokho ngukuthi, lokhokungahle kubenjalo, ngokuba, o, babeyi lokhu, lokho, nomaokunye.” Niyabo? O, ukuba kuphela beningalwazi usuku lwenu!NingaLivumeli linedlule. Yileli ihora, nihlangana kuKristu.Qaphelani.145 USamsoni emi lapho, ecabanga ngesiphosiso sakhe, izintoayezenzile. Manje niyaqonda ukuthi yini eyambangela abengaleyondlela na? Isitha sakhipha amehlo akhe.146 Naleyo yinto yokuqala inhlangano eyoyenza, iyokhiphaamehlo enu kunoma yiyiphi inhlanganyelo kodwa laboabangabenu uqobo. Amen. Bengingasho yonke inqwaba yezintokhona lapha, kodwa a—angizukukwenza. Kodwa nina, umaningabakamoya, niyazi ukuthi ngikhuluma ngani. Kuyokhiphaamehlo enu! Wena nje neqembu lakho; uma uyiMethodisti,uyiMethodisti kuphela; uma uyiBaptisti, uyiBaptisti kuphela.Uma uyiPresbyterian, uyi…Uma ungokaMunye, umaungokaMbili, uma ungokaMthathu, noma baningi kangakananiabanye abanabo, niyabo, uyilokho nje. “Konke okunye kwawoakulungile.”147 IBaptisti yayinesiqubulo ngezinsuku zezinsukuzasekuqaleni zikaBilly Graham, amashumi amane…“Ngo’44, esinye futhi isigidi.” Natholani na? Isigejane sababhemausikilidi, abazenzisi abajoyina ibandla.148 Ngenkathi uBilly, qobo lwakhe, ngenkathi ngisekudlenikwakhe kwasekuseni, wathi, “Uyazi ukuthi yini indaba na?”Wathi, “Nasi isibonelo.” Wathi, “Ngizohamba ngiyongena…”Wathi, “UPawulu ongcwele wangena emzini, ayenoyedwaophendukile. Wayesebuyela emuva, unyaka kusukelangaleyonkathi,” wayesethi, “lowo oyedwa ophendukilewaveza amanye amashumi amathathu.” Wathi, “Ngiyohambangiyongena edolobheni amaviki ayisithupha, futhi ngibenezinqumo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu,

Page 22: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

futhi ngingabuya ezinyangeni eziyisithupha futhi ngingawatholiamashumi amathathu.” [Akuqoshwa eteyipini—Umhl.]149 Awu, manje, ngayincoma indoda ngesibindi sayo, kodwangithanda ukuyibuza umbuzo owodwa. “Ubani owathathaabaphendukileyo bakaPawulu na? Imuphi umelusi ovilaphayongaye na?” Kwakuyini na? UPawulu wahlala naye wazewaba ngumntwana kaNkulunkulu ngempela ngempela, wazalwangoMoya. Wamyisa kude le kuKristu waze wangabe esabukangisho emuva.150 Bavele benyuke nje futhi mhlawumbe bajoyineibandla, noma ngisho bakhulume ngezilimi. Ngiyakholelwaekukhulumeni ngezilimi. Ngiyakholwa ukuthi uMoya oNgcweleukhuluma ngezilimi. Kodwa ngiyazi ukuthi bonke abakhulumangezilimi abanawo uMoya oNgcwele. Niyabo? Ngizibonileizinyanga-bathakathi zikhuluma ngezilimi, futhi ziphuze igazingogebhezi lwekhanda lomuntu, bese zibiza udeveli, zikhulumengezilimi futhi zikuhumushe. Lokho akusiso isivikela msindo.Qhabo, qhabo. UkuPhila kukaKristu kini, isithelo sizifakazelasona, yilokho-ke. Kodwa sizinza kulokho, “Uma umuntuekhulume ngezilimi, yilokho kuphela, makangene.” Bukaniukuthi ninani namhlanje. Niyabo? Lelo yiqiniso, ukukhulumangezilimi, kodwa akusilo lonke iQiniso.151 Njengendoda eyikhaladi idla ucwezu lwekhabe. Wathi,“Ulithande kanjani, Mose na?” Lathi, “Belimnandi, basi, kodwaimpela lisekhona elinye.”152 Uma ngingakhuluma ngezilimi, impela kusekhona okunyekwaWo. Niyabo? Kodwa senzani na? Njengo Israyeli nje, wazinzakuleyonto eyodwa, futhi wazulazula ehlane manje iminyakaengamashumi amane, eselokhu engenalo lonke laLo ngaleezweni elithenjisiwe. Yilokho impela esikwenzile.153 USamsoni emi lapho, (ngifanele ngisheshise), kufaneleukuthi wabuka emuva, wacabanga ngazozonke lezozinto.Futhi nangu wayelapha, sona impela isizathu aphakanyiselwasona, waphuphuthekiswa. Futhi naso isakhiwo sakhe esikhulu,inhlangano yakhe enkulu yomzimba wenyama, intaba yenyamaimi lapho, izinkonyane zakhe ezinkulukazi eziyingongomela,kodwa kungekhomandla.154 Simi lapha namhlanje. Emuva phakathi ngenkathiiPhentekoste isavamise nje ukulinganisa abangaka, mhlampeamakhulu amane noma amahlanu abantu esizweni sonke,namhlanje iyibandla elikhula ngokushesha kakhulu kunawoonke ezweni. Singenaphi na? Isigejane samalunga. Nomsebenziowuhlaka olukhulu lwethu, besifanele sibe namandla kakhulungokuphindwe kazinkulungwane eziyishumi kunoma sasinjalongenkathi siqala. Futhi sibuthakathaka kakhulu ngokuphindwekazinkulungwane eziyishumi kwesasiyikho ngesikhathi siqala,ngoba sikwakhela phezu kwe—kwesisekelo esingenamkhawulo,

Page 23: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 23

phezu kwenhlangano, into ethize uNkulunkulu ayiqalekisile.Futhi singalakha kanjani i—ibandla phezu kokusha kweSodomaneGomora na?155 Ngithemba ukuthi aningizondi, kodwa hlalani nje nithuleumzuzu futhi nilalele. Niyabo?156 Angeke akwenza. UNkulunkulu akuqalekisile,Ukuqalekisile. Manje-ke, ngidedise kunoma yini uNkulunkuluayiqalekisile. Ngifuna Akubusisayo. Kunjalo.157 Qaphelani njengoba wayemi lapho, ecabanga. Ophakimpi,bedakwe uhhafu, bemi lapho, “Ngiyamkhumbula lowomuntuomkhulu. Ngiyakhumbula ngenkathi emi nomhlathi wo—womnyuzi, esandleni sakhe. Ngiyakhumbula ngenkathiefonqa amasango aseGaza futhi wenyukela esicongwenisegquma. Ngiyazikhumbula zonke lezizinto. Ngenkathilelobhubesi libhonga emva kwakhe, lowomfo omncinyane,noMoya ufika phezu kwakhe, wavele nje walidabula kabililelobhubesi, ngesandla sakhe. Futhi nango umile, eboshiwe,ngumfanyana omncane ehamba emhola. Futhi unkulunkuluwethu, unkulunkulu wenhlazi uDagoni, unqobe ukunqobaphezu kwakhe.”158 Nakho lapho okhona. Izwe lingene ngesinyelela ebandleni,lizuze ukunqoba. Likhumule abesifazane bethu izingubo.Lifake isifiso enhliziyweni yabantu ukuba bahlale ekhayafuthi babukele itelevishini esikhundleni sokuya enkonzweninomhlangano womkhuleko. Uthando lwezwe lungenengesinyelela lwase luthatha ibandla lethu lePentecostal ukubaligibele liqonde esihogweni.159 Isifiso nokukholwa na? Dlulisa umuntu emgqeniwomkhuleko futhi umbonise noma yini eyenzekayo; ubusukuobulandelayo, lapho babuyele emuva ngqo futhi. INzalo kaAbrahama na? Ukukholwa akukho lapho. Kufanele kube lapho,kodwa akukho. Ngenkathi u…160 UNkulunkulu wake watshela uAbrahama, futhi iminyakaengamashumi amabili-nanhlanu wakubheka. Akunandabaukuthi kwafika emuva kude kangakanani, sengiyamuzwaethi kuSara, “Phumela lapho, usuneminyaka engamashumiayisithupha-nanhlanu ubudala. Hamba uyothenga ingutshanaenemibalabala, futhi uthenge nophini futhi wenze izicathulwanazomntwana. Sizoba nengane.”

“Wazi kanjani ukuthi uzoba nayo na?”“UNkulunkuluwasho njalo.”Nalokhu kwakuxazulula.

161 Okokuqala, niyabo, wayesethi akabe neminyakaengamashumi amabili anqamuka ukuya esikhathini. Wayehlalenaye kusukela eseneminyaka eyishumi nesithupha ubudala,njengensizwa. Akwenzanga mehluko; akakubukanga lokho;akakunakanga lokho. Wanaka okwashiwo nguNkulunkulu.

Page 24: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

Wazehlukanisa nakho konke ukungakholwa, waphumelaehlane.162 Yileyo inkathazo namhlanje. Ufuna ukuzenza wenauqobo nenhlangano yokungakholwa, esikhundleni sokubauzehlukanise nezinto zezwe; ufuna ukubona ukuthi ungagibelausondele kangakanani ekugcineni kwesono. Ubone ukuthiungadeda ube semuva kude kangakanani naso.163 Kodwa nakhu lapho ababekhona. Izinsuku zokuqalaezingamashumi amathathu noma ezingamashumi amabili-nesishiyagalombili zedlula. Izethameli ezixubile manje, nanienibadala niyazi ukuthi ngikhuluma ngani. “Sara, s’thandwa,uzizwa unjani na?”

“Akukhomehluko nhlobo, Abrahama.”“Udumo kuNkulunkulu, sizoba nayo, noma kanjani.”“Wazi kanjani na?”“UNkulunkulu washo njalo.”

164 Iminyaka eyishumi yedlula. “Gcina labophini bebekwelapho, nayo yonke ingutshana yomntwana emibalabala.”165 Abanye babangane bakhe bayedlula, “Abrahama, yisewezizwe, usunabantwana abangaki na?”166 “Udumo kuNkulunkulu! Ngalesisikhathi, abekho, kodwangizoba nabo.”

“Kanjani, wena? Ngani, usuneminyaka engamashumiayisishiyagalolunye ubudala.”167 “Akwenzi nomncu umehluko. Kuzoba yisimangalisoesikhulu kakhulu manje kunoma kwakunjalo ukubakwakwenzeke emuva lapho eminyakeni engamashumi amabilieyedlula.”168 Kodwa, namhlanje, “Ngikhulekelwe izolo ebusuku. Angizwabungcono namhlanje.” INzalo ka Abrahama?169 Yin’indaba na? Uhhunduliwe. Imisipha yakhoyebandla iselokhu ilapho; inhlangano yakho inkulunje njengeyamaMethodisti noma yamaBaptisti. Wakhelakulomsipha ngaso sonke isikhathi, kodwa kuphi lokho kukholwakwangoqobo na? O, ushaya ihlombe lakho, uyamemeza futhiucule amaculo, futhi usine. He, ngikubonile lokho kwenzekakwabaningi odokotela, imihlangano yezinyanga bathakathi,ngibabona beshaya amahlombe abo, futhi bekhulumangezilimi, bahumushe, futhi bagxume baye phansi naphezulu.Ubaba wobuNkulunkulu unento efanayo. Lokho akusikhoengikhuluma ngakho.170 Ngikhuluma ngokukholwa kwangokoqobookungasombulula isithembiso sikaNkulunkulu, futhi kumelapho futhi kusenze siphile, into yangokomBhalo.

Page 25: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 25

171 AbakaMohamede, ngibabonile bewela emgwaqeni futhibampongoloze, “Ala, Ala, Ala,” baze babe ngabanokuzwaimpela. Nami noBilly Paul sama lapho futhi sabonaindoda ithatha inkemba futhi nje ibhoboze ngayongaphansi kwenhliziyo yayo nje, nodokotela athele amanzingakuloluhlangothi bese ephumela ngakolunye uhlangothi.Ngiyibona ithatha u—ucezu, njengomkhonto omude, beseibhoboza ngawo udebe lwayo futhi wenyuke udabule ikhalalayo, futhi ingophi ngisho iconsi. Igwaze ngaphansi kwezinziphozayo ngezincezu zezinkuni, impongoloza, “Ala, Ala, Ala! Ala,Ala, Ala! Ala, Ala,” kanjalo. EkaMohamede, futhi idelelaimicabango kaJesu Kristu. YayingenaMoya oNgcwele. Qhabo,qhabo, kodwa yayinedlingozi. Kunjalo. Si…172 UbuKristu abusilo ngempela idlingozi. Ubuhedenibungaveza nje enkulu impela isayense ephathelene nengqondonjengoba—njengoba—njengoba ubuKristu bungakwenza; kodwalelo akusilo iQiniso. Sifuna iQiniso. UKristu uyiQiniso.173 Senzani na? Sizilungisa thina ukuze sime njengoSamsoni,manje, lapho emi lapho ecabanga ayengaba yikho.Ngiyacabanga, namhlanje, ibandla belifanele lime futhilicabange nami, imizuzu embalwa, ebesingaba yikho ukubalezizinto zazingakwenzanga lokhu. Ebesingaba yikho!174 Manje-ke kufika emqondweni wakhe, kwafika into ethize.Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu wakwenza. O, ukuba kuphelabekungenzeka kulenkundla yokukhempa! “Kunokwenzeka.”Kunokwenzeka.UNkulunkulu uyathethelela. Kunokwenzeka.175 Asinaso isikhathi eside ukuba sihlale lapha. Isikhathisethu siyaphela. Umfelandawonye wamabandla uthatha izwe.Uzohlangana nobuKatolika. Sinendoda phakathi lapho impelanje.176 Ngifisa sengathi ngabe benginesikhathi ukungena kukho,ukunikhombisa ukuthi lesisizwe sifana nse noIsrayeli. Bafikaezweni lezizwe, baxosha abahlali, base bedla ifa lezwe.Yilokho esakwenzayo. UIsrayeli, babenendoda yokuqala,indoda enkulu, indoda enjengoJoshuwa, indoda enjengoDavide,njengoSolomoni; kodwa ekugcineni nakho kufika indodaebu—ebukhosini, uAhabi, imbuka. Sasinendoda enkulu,uWashington, uLincoln; kodwa manje benzeni na? Yona impelainto esayizela inkululeko lapha, seniyifake eHlala-Mongameli,ngoba nicabanga kakhulu ngezombusazwe zenu kunoma nenzangoKristu. Kunjalo impela.177 Futhi khumbulani, ngalesosikhathi, bonke abefundisibayavuma. UJezibele wayengumholi. Lalelani, uAhabiqobo lwakhe wayengumfo othe ukuba nomoya omuhlana,kodwa uJezibele wayeyintamo emva kwekhanda. Wabanguye owakwenzayo. Wayeyimbuka. Angimelene ngaluthonaleyondoda, njengomongameli, kodwa yileyonqubo kaJezibele

Page 26: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

esemva kwakho. Aniboni yini, labophapha nezinto abangenayomanje, omunye uyavuka o “ngamazi uJosefa.” Nento yokuqalaniyazi, khona manje sicela ibandla lamaProtestane ukubalizihlanganise nakho, futhi zonke izinhlangano ziyongena ngqokumfelandawonyewamabandla, futhi nicushwa lapho.178 Siphila ngemali yentela eyokhokhwa eminyakeniengamashumi amane kusukela namhlanje. Isizwe asinalutho.Sikuphi na? Ubani onemali na? Asinayo na? Izimalimbolekozethu—zethu azilungile. Sifanele sibe negolide. Ubani onalona? Ibandla eliKatolika. Bayokwenzani na? Ngaphambikokuba lawa indoda kagologo nabobonke lababaphathiabakhulu nabaphathi bamashezi bayoze bayiyeke, bayothengisangempumelelo uqobo, nebandla liyokweletela isizwe imali.Futhi eliyokwenza, liyothengisa ngobuzibulo balo buqonde ngqokubuKatolika. Manje-ke nizokwenzenjani na? Lelo yigolidelomhlaba, bona namaJuda, naleso yisivumelwano asenzanoIsrayeli.179 Niyabo, nina bafundi beBhayibheli ningakufundisa lokhoebandleni lenu. Niyabo, ngiyanikhombisa nje ngikholwa yintoefanayo.180 Kuyodingeka kufezeke kanjalo-ke, futhi sinakho khonalaphomanje. Futhi nakhu lapho esikhona, inhlangano, nophawulwesilo phezu kwethu, ngokufana nje nse njengesilo sokuqala;umfanekiso kuso, umfelandawonye wamabandla, ejoyinaamandla. Futhi benza umfanekiso kuso isilo, ukuba sikwaziukukwenza kokubili sikhulume, futhi senze into efanayoisilo sokuqala esakwenzayo phambi kwakho. Khona impelaekukhamfuneni kwethu! O, bantwana!181 Sikhathi sini na? “Ngabe kukhona okunokwenzeka na?”USamsoniwama laphowayesesho. Sikhathi sini na?Nje, “Ngabekukhona okunokwenzeka na?” USamsoni kwenzeka ukubaacabange, “Lowo Nkulunkulu omkhulu! Ungosezindawenizonke. UnguNkulunkulu ongunaphakade. Ngiyalibona iphuthalami. Ngizophenduka.” Futhi wamemeza.182 Kunokwenzeka ukuthi besingenza into efanayo.Labo abangalolosuku…Lolusuku aluwuboni umbono,njengoSamsoni. Ukuba kuphela besingabona umbonowokunokwenzeka! Qalani khona lapha, khona manje.Okunokwenzeka, niyabo.183 Bahlala babopheke, futhi bashaye ihlombe labo, futhingiyamangala ukuthi kuzophuma kube yini. Nizotholangoluny’usuku, nizophumela ekugcineni okuncane kophondo,niyabo, lesosikhathi. Nibe nemibuthano emikhulu,nokucwazimula, izinto zezwe, “O, siyacabanga, awu, niyaziukuthini? Sinamaningi amanye amalunga kunoma sake sabanawo. Futhi singakha izigidigidikazi zamadola ezindlu,sineningi enye imali kunoma sake saba nayo, amabandla

Page 27: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 27

angcono mhlawumbe kunamanye amaProtestane noma amanyeawo linalo. O, ndoda! Umfundaze; awu, siyisa abantwana bethuesikoleni, futhi sibakhela amakholiji amasha ukuba bayongenakuwo.”184 Ake nginitshele khona manje. Indoda enemfundo,ingenaMoya oNgcwele, ithatha yona uqobo, zonke iziqu enazo,iqhele kakhulu kuNkulunkulu. Kunjalo. Wena uthi, “NgineZiquzobuNgcweti.” Khona-ke uthe ukuqhela kakhudlwanyanakunomawawunjalo. Bacaze iqanda libe i atomu, bese bekhubekaphezu kwedlebe lotshani abangazi lutho ngalo. Nisizwile isishoesidala, “Iziwula ziyohamba ngezicathulo ezinezipikili, laphoiziNgelosi zesaba khona ukunyathela.” Kunjalo, umfundaze,kodwa akuwulethi uMoya. Akuyilethi imisebenzi nokuPhilakukaJesu Kristu.185 Inkathazo yakho ingukuthi, ibandla namhlanje alifaninoSamsoni. Abavumi ukukhokha intengo. USamsoniwakhulekakahle ngenkathi ekhuleka, “Nkosi, mangife nesitha.”Wayazi ukuthi kwakuzombiza into ethize. Wayazi ukuthikwakuzombiza into ethize. Kuzokubiza into ethize, kuzongibizainto ethize; isithunzi sakho senhlaliswano, indawo yakhonesikhundla ehlelweni. “Nkosi, mangife, ngaleyonkathi.Ngiyayibona inhloso yaKho.” Wayazi ukuthi kwakuzombizainto ethize. Ufanele ukulungele ukuphela, esitheni sakho, ukubaungene ezibusisweni zikaNkulunkulu. USamsoni wavumaukukhokha intengo, ukuba athole amandla kaNkulunkulu futhiphezu kwakhe.Wavuma ukukwenza.Wena uyavuma na?186 Uyavuma ukunikela ngezinhlelo zakho zetelevishini na?Futhi, niyazi, kwakuvame ukuba kungafaneli kithi ukuba siyeemabhayisikobho. Kodwa manje udeveli ubeka eyodwa phezukwakho, wayiletha ngqo endlini nawe. Kunjalo. Niyabo?187 Ngangivame ukwehlela kumshumayeli omdalaoyiMethodisti, wayevame ukucula iculo:

Siwise imigoqo, siwise imigoqo.Sixegise esonweni;Siwise imigoqo, izimvu zaphuma,Kodwa izimbuzi zingene kanjani?

Niwise imigoqo, yilokho kuphela.188 O, ngizwa omunye ethi, “Manje awume kancane, MfowethuBranham, sinezimvuselelo!” Ya, iyini na? Imvuselelo yehlelo.Kunjalo. Bukani izimilo zenu nemehluko yenu. Ngabeyimvuselelo na? Ngabe sikhona isikhathi sokugqashukana? Ngabe sikhona isikhathi ukuthi wonke umuntuangazihlanganisa ndawonye futhi abe nenhlanganyelo na? Umainhlangano yakho ikuyo, “kulungile.” Niqhela kakhulu eZwiningaso sonke isikhathi, kunjalo, nenza ababhishobhi abasha nayoyonk’into. Niyabo?

Page 28: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

189 USamsoni wayazi ukuthi isimo sakhe sokuhlubuka samanjesasingenakuwaveza amandla okuqina kwenselelo yehora.190 Besilisa nabesifazane, bafowethu nodadewethu, mangisholokhu. Ibandla, esimweni salo sobuhlelo samanje, lingewavezeamandla okuqina ukuphosela inselelo isikhathi, ukusibizangesikhathi. Abesilisa nabesifazane ufuna uNkulunkulu,izinhliziyo eziqotho. Futhi ningahle nishiye a—abakamunyefuthi niye kwabakambili, ningahle nishiye abakambili futhiniye kwabakamthathu, futhi ningahle nenze konke lokhu,lokho, noma okunye; nidonsa kuphela iphepha, noma—noma ukutelebhela kwemishini, noma niziphatha sengathiangazi ukuthi ini, umntwanyana onobungane. Kunjalo.Anikutholi kanjalo. Amandla ethu okuqina ahlubukile,kungeke kwahlangabezana nenselelo yalelihora. Amahleloawazukukuthatha ukuqinisekiswa kweZwi.191 Ngenkathi, uJesu Kristu, njengoba ngizame ukunitshelaizolo ebusuku, wathembisa lokhu ngezinsuku zokugcina.Wethembisa ukuba nakho lapha. Futhi niyakwazi lokho,ngeBhayibheli. Futhi iminyaka eyishumi nanhlanu, emuvanaphambili esizweni sonke, futhi baya ngokuba babi kakhulungaso sonke isikhathi. Kunjalo. Niyabo, abakufuni.192 Bathi, “Awu, manje, uzihlanganisa nabakamunye,” noma,“Uzihlanganisa nomthathu emunye. Wenza lokhu, lokho,noma okunye.” Sizihlanganisa noKristu, phandle kuzo zonkeizinhlangano, sizama…193 Kodwa uNkulunkulu uyabona kulokho, ukuthi bayaLibona.Namakholwa angempela afana nesifebe esincane, izoloebusuku; kwathi nje Lingabaneka endleleni yaso yezinyawo,naleyombewu yokuPhila ilele lapho, saLikholwa. Kwaba yilokhokuphela, kokhela umlilo khona manje. Ngenkathi kwakukhonaizinkulungwane zimi lapho, zihlekisa ngaLo, kodwa hhayisona. Sazi ukuthi lowo kwakunguMesiya. Sazi ukuthi lesokwakuyisithembiso, ukuthi, umaEfika, Uyokwenza lokho.194 Ngiyamangala, ukuba kuphela besazi into efanayo! Ngabesesisongeleke kakhulu enhlanganweni yethu, senqatshelwangisho ukuLibuka na? Ngiyamangala ukuthi uma nibukaa—amaphephabhuku nezithombe, namanyala amadala ezwe,esikhundleni sokufunda iBhayibheli lenu njengoba benifanelena? “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso, kepha ngawoonke amaZwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”195 Abantwana bethu, abafana bethu, usephenduke isigejanesoRicky abancane noRicketta, niyazi ukuthi lokho kunjalo,isigejane sezikhubekiso zentonga eshisayo nayo yonke intoenjengaleyo. Futhi nimtholaphi umfana wePentecostal na?Nentonga yakhe eshisayo, emgwaqeni. Nimtholaphi udadena? Ezansi enkantini ndawondawo, enza umculo wokuzibinyana? Nimtholaphi ubaba nomama na? Ubaba, ephandle edlala

Page 29: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 29

igalofu, noma ephandle ndawondawo kanjalo, nomamaephandle kwenye iphathi yesitishi nokuthunga kwelinyeidlangala angowakulo, noma okuthize. Kanti, bekufanele kubeyikhaya kubuthenwe phansi kobuholi bukaMoya oNgcwele,neBhayibheli selibuyile futhi. Yilapho esishushumbele khona.Kungesikho ukugxeka, kodwa nje ukunishukumisa kancane,niyabo, ukuze nizoqonda.196 Sonke isikhathi, futhi (o, ngifanele ngivale) amaFilistiawazange aqaphele ukuthi kwakwenzekani. Ikhona intoeyayenzeka, ngoba into ethize iqala ukunyakaza enhliziywenikaSamsoni, “Kwakukhona okunokwenzeka,” niyabo. Wathintaemuva ukubona ukuthi ngabe kwakusekhona yini.197 Abanye besifazane banesikhathi esil’khuni manje, baziukuthi kwakufanele kube nakho. Kodwa bonani ukuthingabe isithembiso saKhe sisekhona yini, bonani ukuthi ngabeWayesasenza yini…Thintani emuva nje futhi nibone ukuthingabe Akasuye yini izolo, namuhla, naphakade.198 Wakuthinta. Wayazi ukuthi kwakukhona intoethize. Waphakamisa ikhanda lakhe. Wayengasenamehlo.Abaziqaphelanga izinyembezi zehla ziphuma ezingoxeniezingasenalutho, lapho izindlala yayidedela amaconsiezinyembezi zehla. Ikhanda lakhe libheke phezulu,izindebe zakhe zinyakaza kancane, izinyembezi ziwa zivelakulezozingoxe eziphuphuthekile. Wayephenduka. Wayaziukuthi uJehova wayesalokhu ephila. Nakuba wayekadeenze iphutha, wayazi ukuthi Wayesalokhu enguNkulunkulu.Izinyembezi ziqathaka ezihlathini zakhe, lapho emi lapho.AmaFilisti wayedakwe kakhulu ukuba akuqaphele lokho.199 Uma amalunga enu ebandla, ozakwenu ebandlenibengakuqapheli, qhubeka nje ukhuleka. Wayefuna ukubona,kanye futhi, iZwi likaNkulunkulu labonakaliswa phambikwaleso esiphuphuthekile, isigejane esidakiwe sabahedeni,abangakholwayo. Uma lokho kungukulamba kwebandlanamhlanje, ukubona kanye futhi, ifeshini endala, imvuseleloethunyelwe nguNkulunkulu, isuka epulpiti ize iyothingqu kumlindimnyango, ukuhlanzisisa okuyifeshini endala,imvuselelo eyifeshini endala inamandla kaNkulunkulu, i—iVangeli elihlanzisisa indoda, kusukela ngaphakathi kuphumelengaphandle; eqondise okombhobho wesibhamu, ifeshiniendala, amahlathi asemaphandleni, isibhakabhaka esil’hlaza,ebulalayo, inkolo ebulala isono ekhipha yonke iHollywood kini,labo okhathalele.200 Nango wayelapho, ekhuleka. Hhayi ihlelo elisha manje,isivumokholo esisha; kodwa ukuqinisekiswa kweZwi. “Nkosi,Wake waba phezu kwami, Wake wanginika amandla okuqina.Ukuba kuphela bengingaba nalawomandla okuqina! Nginazoizinkonyane, kodwa zibuthakathaka.”

Page 30: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

201 Sinamalunga, kodwa abuthakathaka. Athanda izintozezwe kangcono kunoma enza izinto…Wena uthi ngiyikhokonke…O? Buka phezu kwamabandla bese uthola. Ungazamiukukuphika. Izenzo zakho sikhuluma kakhulu kunoma kwenzaamazwi akho, uyabo. O, ya, kunamalunga amaningi amanye,izinkonyane ezinkulu kakhulu, kodwa aphi amandla okuqinaeNkosi na? Izinkonyane zenu ezinkulu ngeke zihlangabezanenenselelo yalelihora, ukukholwa kokuhlwithwa ukukhiphaiBandla kulento ngaphambi kokuba ukwahlulela kushayeumhlaba.202 Nokwahlulela kulungiselela ukushaya. Ngizosho, njengobaumngane wami uJack Moore washo; uma uNkulunkulu eyekelaiMelika izedlulele nezinto ezenzayo manje, Uyobophezelekangokwesimilo ukuba avuse iSodoma neGomora futhiaxolise kulo, ngokulishisa nya. Kunjalo! Ukwahlulelakungokulandelayo.203 Nkulunkulu, khipha lonke izwe kimi. Ngiphe ukukholwa, ONkosi, koHlwitho. Ngokuba, kuyobakhona ababili embhedeni,futhi oyedwa uyothathwa, oyedwa ashiywe. Ababili bayobebese—sesihlalweni semoto, noyedwa uyothathwa nomunyeashiywe. Kuzokwenzeka ngesikhashana.

Wena uthi, “Mfowethu Branham, kuyoba nini na?”204 Ningahle nikugxeke lokhu. Uma kulungile ukukusho?[Abefundisi bathi, “Qhubeka futhi ukusho, mfowethu.”—Umhl.]Ake ngiqathaze into ethize encane lapha. Ngoluny’usukunizothola.205 Nizothi lapho, “O, ngifundiswe ukuthi kukhona lokhu,lokho, nokunye, kuzokwenzeka ngaphambi kokuba iNkosi ifike.Kuyoba nesikhathi sokuhlupheka esikhulu, futhi siyodlulakukho.” Niyabo? Niyabo?206 Niyazi, ngesinye isikhathi uJesu wabuzwa umbuzo. Wathi,“Isholoni imibhalo ukuthi uEliyase umelwe ukufika kuqala na?”207 NoJesu wathi, “Ngithi kini, Usevele ufikile, futhianikwazanga.”208 Ngolunye lwalezizinsuku nizothi, “Awu, ngangicabangaukuthi iBandla lalihamba, lalizokwenza lokhu, lokho, nokunye.Ngangicabanga ukuthi kuyoba noHlwitho.Ngangicabanga…”209 Niyabo, kuyoba ngukuhlwithwa okuyimfihlo. Uma Ethatheoyedwa lapha eHot Springs, noyedwa kwenye indawo, noyedwaezansi lapha, noyedwa lapho, kuyokwenza ngokwangempelaizigidi zalabo abenyukayo bephuma emhlabathini. Futhikukhona okungenani abantu abangamakhulu amahlanu, nsukuzonke, abalahlekayo ezweni, futhi asazi ngisho nokuthi bayephi.Niyabo, uHlwitho luzokwenziwa ngabo bonke labo abalalaothulini lomhlaba, abakahle noNkulunkulu.

Page 31: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 31

Bayothi, “Awu, ngangicabanga ukuthi uHlwitholwaluzokwenzeka.”

“Seluvele lwedlule, futhi anilwazanga. Senishiyiwe.”Niyabo?

“Awu, yonke into izo…”Yebo, mnumzane.210 KungukuFika okuyimfihlo, uHlwitho lunjalo, lufikaukuba lunyenye. Njengalelobhuku engalifunda ngalesosikhathi(lalithini), uJuliet noRomeo. Ufika ngesikhathi sasebusuku,ngenkathi abantu babelele ehlane, nebandla lonke likokwezwe.Futhi khona manjalo, kwafika ukumemeza, futhi basukabahamba.211 Lalelani, nizwe kakhulu impela kwi Christian BusinessMen,iFull Gospel Men, ethi, “O, uyazi, Mfu. Fata oCwebeliyo uS’bani-bani! AmaPresbyterian aqala ukwemukela uMoya oNgcwele.AmaLuthela aqala ukwemukela uMoya oNgcwele.”212 Nina sigejane sabantu abalele! Anazi yini? UJesu wathi,“Ngenkathi leyontombi elele ifika ukuzothenga amaFutha,kwakungaso lesosikhathi uMyeni afika ngaso, futhi yangena.”Khumbulani, aziWatholanga! Kunjalo na? [Ibandla lithi,“Kunjalo.”—Umhl.] Njengoba uBooth-Clibborn wathi, “Ha”Zingahle ukuba zedlula emadlingozini athize, kodwa ngempelaaziWatholanga. Ngenkathi zifika ukuzothanga amaFutha,isikhathi sasesedlule.213 Futhi nazi manje, iPresbyterian, iLuthela; bukani leloPhimbo leFull Gospel Business Men, nalesosigejane sabazukulubePentecostal nalababazalwane behlelo, becabanga ukuthilokho kuyinto ethize enkulu. Ungahle ubuze ngoluny’usuku,“Awu, ngangicabanga lokhu.”214 “Sekuvele kwedlule, futhi anikwazanga.” Ake ngime lapho,ngoba a—angikho lapha ukuba ngishumayele imfundiso.215 Kodwa, okunokwenzeka! Ningayithathi leyoshansi. Yiloluusuku. Yileli ihora. Kunokwenzeka khona manje, mhlampehhayi ngelesihlanu nqo. Kunokwenzeka. “Nkosi, ngiyaziWena unguNkulunkulu. Ngiyazi Unguye. Ngiqhelile kuWe.Kodwa ngiyazi ukuthi lemisipha yami yake yabhuza amandlakaNkulunkulu. Ngiyazazi izinto engizinakekelayo namhlanje,ngizisho ukuthi ngiyiPentecostal;” abesifazane, “Ngigundaizinwele zami;” owesilisa, “Ngenza lokhu, lokho, noma okunye.”216 Nawe wena wesilisa eniyovumela abafazi benu bagqokelezozikhindi futhi benze lezozinto, bese-ke uzibiza ngendodanakaNkulunkulu, ngiyakudabukela.217 Ngaya ebandleni lehlelo elikhulu elithize, kungekudala,e…Babenomhlangano, ngase ngiphuma ukuyobavakashela.Nomelusi wangikhipha, futhi wayezongethula kumkakhe.Wayengumshayi wopiyano. Nalowo wesifazane wayegqokeingubo eyayimpintsha ngangokuthi isikhumba sasicishe impela

Page 32: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

sibe ngaphandle. Wayepende ubuso, futhi efake zonke izinhlobozezinto ezindlebeni zakhe.218 Ngase ngithi, “Mfowethu, uqonde ukusho ukuthi umkakho—kakho ungongcwele na?”

Wathi, “Yebo, mnumzane.”219 Ngathi, “Ubukeka efana nongesuye.” Ngathi, “Angikazengikubone okunje egameni lePhentekoste nobungcwele!”220 O, mfowethu, sidinga ukuhlanzwa kwendlu, kusukaepulpiti kuya kwiphansi lokugcina lendlu. Futhi ngolunyelwalezizinsuku…Wena uthi, “NgiyiPentecostal.” Lokho akusholutho kunokuba yingulube, kuNkulunkulu. Lokho akuhlangenenoKristu. Lokho yigama nje. Ufanele ube yiPhentekosteenhliziyweni yakho, izithelo zikaMoya. Qaphelani. O, he!221 Wayazi ukuthi kwakuzokwenzekani uma uNkulunkuluephendule umkhuleko wakhe.222 Uyazi na? Uyazi yini ukuthi inhlangano izokuxoshaesontweni na? Uyaqonda yini ukuthi uyakhona manjekumfelandawonye wamabandla, nezinto ongena kuzo ngqo na?Uyaqonda ukuthi kuzokubizani na?Uyazi labo besifazane odlalanabo amakhadi bazokubiza nge “feshini endala” nalolonkelolohlobo lwezinto na? Isizathu ungeke uvumele abantwanabakho bagqoke izikhindi, futhi wenza lezizinto, uyazi ukuthikuzokubizani na? Kungcono ukubale ngaphambi kokuba uqale,uyabo. Kungcono ucabange ngakho. Ya. Kungcono u—kungconoukuxoxe ngakho noNkulunkulu, kuqala, ngaphambi kokubawenze kuqala.223 Wayazi, uma umthandazo wakhe wawuphenduliwe; kodwawayeselungele, futhi wayeqotho.224 Uma ibandla kuphela lingangena kulesosimo! Umausulungele khona manje, uma uqotho, uma ukuqonde ngempela,uma amehlo akho evulekile kulokhu engizama ukukutshelakhona ngendlela ezungelezayo! Uma uqotho, khona-ke thana,“Nkosi, angikhathali ukuthi kuyini, sengilungele. Ngiyasibonaisibonakaliso. Ngiyazi ukuthi isikhathi sesedlule kunomasicabanga. Yisikhathi sokuza.”225 Wayesememeza-ke uSamsoni, “Nkosi, babhobozileamehlo ami. Ngiyazi ukuthi Wena unguNkulunkulu. Ngiyaziukuthi Unamandla okukwenza. Ngiyazi Ungangikhululakulezizibopho. Kanye nje futhi, Nkosi, kanye nje futhi!”226 Kanje nje futhi, Nkosi, kanye nje futhi! Makube khonaumhlangano wasekhempini eceleni kwegquma, njengobawawukhona egqumeni eKamelweni eliPhezulu. Makufikeinhlokomo evela eZulwini, njengokuvunguza komoyaonamandla, ugcwalise yonke indlu, ubufakazi obubonakalayobukaKristu ovukileyo.

Page 33: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

O NKOSI, KANYE NJE FUTHI 33

227 “Kanye nje futhi, Nkosi, kanye nje futhi,” wakhala.Lapho ememeza, ngobuqotho, emi lapho, namehlo akheaphuphuthekile. “Ngiyayazi intengo, Nkosi, kodwa kanye njefuthi!”228 UNkulunkulu uphendula umkhuleko. Wayizwa imisiphaiqina. Izinkonyane zakhe ziqala ukubamba. Ukuqina komlenzewakhe kuqala ukubuya. Wathi kumfana omncane, “Ngiholeleesigxotsheni manje.”229 “Ngihole, Nkosi, ngihole. Ngiholele esigxotsheni, eKalvari.Ngiholele esigxotsheni lapho engingabethelwa khona, impiloyami endala yezwe ize iphele lapha, nakho konke engiyikho.Ngiholele esigxotsheni, Nkosi.”230 Ngenkathi eqala ukuzwa lezizinkonyane ziqina namandlakaNkulunkulu, akadingekanga ukuba abone ukuthikwakwenzekani wakuthinta okwakwenzeka. Uqala ukusontaamahlombe akhe, futhi, ngenkathi enza, yasho yehla indlu.Ngalolosuku, wanqoba, wabulala amaFilisti amaningi kakhulukunoma enza zonke izinsuku zokuphila kwakhe.231 Bangani, kunokwenzeka ukuthi lelibandla, kulomumo…Manje nginamakhasi athi awabe mathathu noma abe maneamanothi lapho, ngizowayeka. Kunokwenzeka. Kunokwenzekakhona lapha kulomhlangano wasekhempini. Kunokwenzekakhona lapha ngalelihora. Kunokwenzeka, uma sesilungeleukukhokha intengo, singabona ezinye iZenzo 2 zenzeka.232 “Kanye futhi, Nkosi! Sikonile. Sihlelile. Sibhidlizeubuzalwane bethu. Sehlukanise inhlanganyelo yethu. Sithatheiqembu elincane ngapha. Silwa sodwa, nodeveli uhlezi emuva,esibukela sibhaxabulana phansi. Nkosi, kungenzeka yini ukuthikanye futhi ukuthi sonke esiyikhulu namashumi amabilisingabanokuvumelana kunye endaweni yinye na? Kungenzekayini ukuthi kufike inhlokomo evela eZulwini, njengokuvunguzakomoya onamandla na? Kanye futhi, Nkosi, kanye futhi!”233 Asime ngezinyawo zethu, futhi sithi, “Kanye futhi, Nkosi!Kanye futhi, Nkosi!”234 O Nkosi Nkulunkulu, ngizwe, Nkosi. Kanye futhi,Nkosi! Kanye futhi thumela uMoya phezu kwalomhlanganowasekhempini, ngamandla nenkazimulo!

Page 34: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

ONKOSI, KANYE NJE FUTHI ZUL63-0628M(O Lord, Just Once More)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngoLwesihlanu ekuseni, ngo Juni 28, ngo 1963, eAssociatedBrotherhood Of Christians Campground eHot Springs, eArkansas, U.S.A.,uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthe futhi washicilelwa ungafinqiwengesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulu kwashicilelwa futhi kwakhishwayiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2016 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 35: ONKOSI,KANYE NJE FUTHIdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0628M O Lord Just Once...ONKOSI,KANYENJEFUTHI 3 ukuthi uMlayezo omdala ofanayo esiwushumayela lapho uhambaunqamulekuwo,empeleni

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org