the apostolic faith mission of...

5
THE APOSTOLIC FAITH MISSION OF SOUTH-AFRICA Together moving in unity to fulfill our God-given missional calling! AFM - AGS Unity Anniversary isiZULU

Upload: vuongdung

Post on 10-Feb-2019

214 views

Category:

Documents

0 download

TRANSCRIPT

THE APOSTOLIC FAITH MISSION OF SOUTH-AFRICA

Together moving in unity to fulfill our God-given missional calling!

AFM - AGS

Unity AnniversaryisiZULU

The AFM MISSIONAL STRATEGYEm

powe

rmen

t

Ecum

enica

l Inv

olvem

ent

Com

mun

ity In

volve

men

t

Gove

rnan

ce

Disci

plesh

ip

VALUES

MISSIONAL

UKWENGAMELA NGENDLELAYibani ngabaqaphi abahle (abalondolozi, abahloli,

abondli) bengcebo kaNkulunkulu - Ukukhuphula isiv-inini sokuqalisa ukusebenza koMyalelo Omkhulu.

Amagama asho okufanayo:▪ Ukuba ngabaqaphi▪ Ukuphatha ngendlela ▪ Ukubophezeleka, ukuveza obala nokukwazi ukuphatha kahle impahla yebandla, ingcebo yalo kanye nesikha- thi▪ Ukuba nezinhlelo ezibekiwe ezizokwandisa ukubophe- zeleka kwabo bonke abathintekayo ebandleni ▪ Uhlaka olufanele lwabaphathi kanye nokuphathwa

Izincazelo: Ukwengamela Ngendlela kumayelana nokusebenza kahle kakhulu ngempumelelo okuhambisana nokubophezeleka ekwenzeni izin-qumo kanye nendlela ezisetshenziswa ngayo lezo zinqumo.

Ukwengamela ngendlela ebandleni kuhambisana nendlela iband-la eliphatha ngayo izindaba ezivulelekile nezangasese kanye neng-cebo yalo, njengoba linjengesikhungo somphakathi.

Amavesi Amqoka: ▪ Izenzo 6:3▪ NgokukaThimothewu Woku-1, 3:5▪ NgokukaMatewu 2:14▪ KwabaseRoma 12:8▪ KwabaseKhorinte Boku-1, 12:28

UKWENGAMELA NGENDLELAYibani ngabaqaphi abahle (abalondolozi, abahloli, abondli) bengce-bo kaNkulunkulu - Ukukhuphula isivinini sokuqalisa ukusebenza koMyalelo Omkhulu.

Umqondo woKwengamela Ngendlela ebandleni umayelana nokubophe-zeleka kuwona wonke amazinga ebandla ekuhlangabezaneni nezidingo zamalungu ngokuba kusetshenziswe ingcebo ekhona. Ukwengamela Ngendlela kuncike ebuholini obusebenza ngempumelelo nakwimigomo yokuziphatha ngokwesimilo. Kuqondiswe ekukhuleni nasekuthuthukisweni kwebandla, ngakho-ke kuncike kakhulu esisekelweni sokuba yibandla elise-benzela ukufeza injongo kaNkulunkulu.

USathane nesono usebenzela ukudala izinxushuxhushu nesiphithiphithi. Yonke into edalwe nguNkulunkulu iphila futhi isebenza ngokuvumelana nangokulingana nayo yonke indalo yakhe - kusukela ohlelweni lomkhathi womhlaba olukhulukazi kuya ezicutshini zomzimba emntwini. Empilweni esiyiphilayo emhlabeni wethu ogcwele ukona, uSathane uyohlale ezama ukuletha isiphithiphithi nokuba kungasebenzeki ngisho nasebandleni. Yin-gakho abanye abantu abazibheka bona bodwa bevame ukuhlamuka izin-hlelo zamabandla ezihleleke ngendlela nalapho kukhona khona ukubophe-zeleka.

Ukwengamela ngendlela ebandleni kuhambisana nokuvuma ukuthi amak-holwa akusibo abantu abahlabahlosile nabangenamaphutha kanti kuzohlo-mulisa kuphinde kuphephise wonke umuntu ukuqashelwa kokuzibopheze-la nokubophezeleka. Ngaphandle kokuvimbela abantu nangaphandle kokucindezela imizamo, ukwengamela kumayelana nokuqapha okwenzi-wayo kuwona wonke amazinga ebandleni.

Ukwengamela ngendlela kumayelana nokuqapha kahle abantu baNku-lunkulu kanye nalokho akuthandayo. Uma impilo yomuntu inokwethembe-ka kuNkulunkulu futhi yethembekile nakwabanye abantu, ngeke lowo muntu abe nenkinga ngokubophezeleka nangokubeka izinto obala. Em-peleni, ubuqotho buyahambisana nakho.

Ukwenziwa kwalokhu:

Phendula lo mbuzo ukubona ukuthi UKWENGAMELA NGENDLELA kuyinto eyenziwa kangakanani ebandleni lakho.

1. Yiziphi izinto ezenziwayo noma izenzo ibandla lakho elizenzela ukwenza ngcono UKWENGAMELA NGENDLELA. [Bhala uhlu lwazo.]

Notes:

Building no.14 | Central Office Park | 257 Jean Ave | Centurion GautengSouth Africa

P.O. Box 9450 Centurion 0046

Tel: 27 12 644 0490 | Fax: 27 12 644 0732/4 | www.afm-ags.org

The WHOLE church taking the WHOLE Gospel to the WHOLE world.

THE APOSTOLIC FAITH MISSION OF SOUTH AFRICANATIONAL OFFICE