yimiphi imibandela yokubhalisa kungobolwazi? … · vakashela amahhovisi kamasipala aseduze nawe...

2
ISINGENISO Uhlelo Olubanzi Lwemisebenzi Yomphakathi (I-EPWP) ngolunye lwezinhlelo ezibalulekile zikahulumeni ezihlose ukunciphisa ububha kanye nokuhlinzeka imali kubantu baseNingizimu Afrika abangaqashiwe ngokubanika umsebenzi wesikhashana. Lolu wuhlelo lukazwelonke oluhlanganisa zonke izinhlaka zikahulumeni kanye namabhizinisi aphethwe nguhulumeni (ama-SOE). IDolobha LaseTshwane kade laqala ukubamba iqhaza kulolu hlelo ngokuqasha abasebenzi okwesikhashana noma ngenkontileka ngenhloso yokubahlinzeka ngamakhono kanye nokubahlinzeka ngeholo. IDolobha LaseTshwane libuyekeze inqubomgomo yamanje yokuqasha ye-EPWP ngenhloso yokunikeza bonke abantu abangasebenzi abahlala eTshwane ithuba elilinganayo. Ukuqaliswa kwale nqubomgomo ebuyekeziwe kuzoqinisekisa ukuthi iDolobha libuyisa ukwethenjwa yimiphakathi futhi lilandela inqubo ethembekile ekuphatheni amathuba emisebenzi e-EPWP. Ezinye zezichibiyelo ezihlongozwayo kumgomo obuyekeziwe zihlanganisa ukubhaliswa kwabahlomuli abafanelekile be-EPWP kungobolwazi, kanti abahlomuli bayokhethwa ngokusebenzisa uhlelo olwenzelwa obala futhi oluqinisekisiwe olufana nelotho. IYINI INGOBOLWAZI YE-EPWP? Ingobolwazi ye-EPWP izosetshenziswa yiDolobha LaseTshwane ukugcina imininingwane yabahlali baseTshwane abangaqashiwe abafuna umsebenzi. IDolobha liyoqala ngokuqasha abantu abakungobolwazi. Inqubo yokuqoka abahlomuli abakungobolwazi iyokwenziwa ngokubakhetha ngaphandle kokulandelana, okuyokwenziwa ngokutomula amagama ngesandla noma ngokusebenzisa umshini. NGOBANI OKUMELE BABHALISE KUNGOBOLWAZI YE-EPWP? Ukubhalisa kuvuleleke kumalungu omndeni: inhloko yawo engafundanga ukudlula ibanga lemfundo ephansi; anelungu elilodwa kuphela lomndeni eliholayo eliqashwe ngokugcwele; lapho imali engenayo itholwa ngokulima, kanye naleyo ethembele kusibonelelo sikahulumeni, kubandakanya isibonelo sokukhubazeka. REGISTER FOR EXPANDED PUBLIC WORKS PROGRAMME (EPWP) www.tshwane.gov.za IsiZulu

Upload: others

Post on 27-Jul-2020

1 views

Category:

Documents

0 download

TRANSCRIPT

Page 1: YIMIPHI IMIBANDELA YOKUBHALISA KUNGOBOLWAZI? … · Vakashela amahhovisi kamasipala aseduze nawe ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nezindawo kanye nezinsuku zokubhalisa. Sicela

ISINGENISO

Uhlelo Olubanzi Lwemisebenzi Yomphakathi (I-EPWP) ngolunye lwezinhlelo ezibalulekile zikahulumeni ezihlose ukunciphisa ububha kanye nokuhlinzeka imali kubantu baseNingizimu Afrika abangaqashiwe ngokubanika umsebenzi wesikhashana. Lolu wuhlelo lukazwelonke oluhlanganisa zonke izinhlaka zikahulumeni kanye namabhizinisi aphethwe nguhulumeni (ama-SOE). IDolobha LaseTshwane kade laqala ukubamba iqhaza kulolu hlelo ngokuqasha abasebenzi okwesikhashana noma ngenkontileka ngenhloso yokubahlinzeka ngamakhono kanye nokubahlinzeka ngeholo.

IDolobha LaseTshwane libuyekeze inqubomgomo yamanje yokuqasha ye-EPWP ngenhloso yokunikeza bonke abantu abangasebenzi abahlala eTshwane ithuba elilinganayo. Ukuqaliswa kwale nqubomgomoebuyekeziwe kuzoqinisekisa ukuthi iDolobha libuyisa ukwethenjwa yimiphakathi futhi lilandela inqubo ethembekile ekuphatheni amathuba emisebenzi e-EPWP.

Ezinye zezichibiyelo ezihlongozwayo kumgomo obuyekeziwe zihlanganisa ukubhaliswa kwabahlomuli abafanelekile be-EPWP kungobolwazi, kanti abahlomuli bayokhethwa ngokusebenzisa uhlelo olwenzelwa obala futhi oluqinisekisiwe olufana nelotho. IYINI INGOBOLWAZI YE-EPWP?Ingobolwazi ye-EPWP izosetshenziswa yiDolobha LaseTshwane ukugcina imininingwane yabahlali baseTshwane abangaqashiwe abafuna umsebenzi. IDolobha liyoqala ngokuqasha abantu abakungobolwazi. Inqubo yokuqoka abahlomuli abakungobolwazi iyokwenziwa ngokubakhetha ngaphandle kokulandelana, okuyokwenziwa ngokutomula amagama ngesandla noma ngokusebenzisa umshini.

NGOBANI OKUMELE BABHALISE KUNGOBOLWAZI YE-EPWP?Ukubhalisa kuvuleleke kumalungu omndeni:• inhloko yawo engafundanga ukudlula ibanga lemfundo ephansi;• anelungu elilodwa kuphela lomndeni eliholayo eliqashwe ngokugcwele;• lapho imali engenayo itholwa ngokulima, kanye• naleyo ethembele kusibonelelo sikahulumeni, kubandakanya isibonelo sokukhubazeka.

YIMIPHI IMIBANDELA YOKUBHALISA KUNGOBOLWAZI?Umfakisicelo kumele –• kube ngumuntu ongasebenzi ngesikhathi sokubhalisa;• abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika; futhi uhlale eTshwane.• abe neminyaka efanele ukuthi angaqashelwa umsebenzi;• ahlinzeke ikhophi eqinisekisiwe kamazisi noma, uma ungekho umazisi, isitifiketi sokuzalwa, ilayisense yokushayela, incwadi efungelwe noma ubufakazi besicelo sikamazisi; futhi• aveze ubufakazi bendawo ohlala kuyo• ahlangabezane nemibandela yomzimba odingakalayo ukwenza umsebenzi kanye nemibandela yomsebenzi.

YINI UBUHLE BENGOBOLWAZI?• IDolobha LaseTshwane lizoqeda ukungenelela kwezombangazwe kanye nokuqashana ngokobuhlobo. • Amakhansela eDolobha LaseTshwane ngeke avunyelwe ukubamba iqhaza enqubeni yokukhetha.• Abahlomuli bazokhethwa ngokuse benzisa inqubo efana neyelotho.• Konke ukukhetha okucishe kufane nenqubo yelotho kuyoqinisekiswa ngabazimele ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinto zenzelwa obala kanye nokuthembeka kohlelo. • Ukukhetha okungahleliwe ngokutomula amagama kuyovule leka emphakathini ukuthi ube yizinqapheli, futhi le micimbi yokukhetha kumele ishicilelwe kusenesikhathi ezingcemeni kanye nakuzifunda lapho kuzoqashwa khona abazohlomula ku-EPWP. Akukho umuntu, ngaphandle kwalabo abagunyaziwe ukuba baqhube ukutonyulwa kwamagama, abazovunyelwa ukuba yingxenye yenqubo yokukhetha

UBHALISA KANJANI UKUBA NGUMHLOMULI KU-EPWP?

Vakashela amahhovisi kamasipala aseduze nawe ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nezindawo kanye nezinsuku zokubhalisa.

Sicela wazi ukuthi inkontileka ngeyezinyanga ezi-12 kuphela.

UMA UNEMIBUZO SHAYELA LE NOMBOLO012 358 7611

REGISTER FOR EXPANDED PUBLIC WORKS PROGRAMME

(EPWP)

www.tshwane.gov.za

IsiZulu

Page 2: YIMIPHI IMIBANDELA YOKUBHALISA KUNGOBOLWAZI? … · Vakashela amahhovisi kamasipala aseduze nawe ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nezindawo kanye nezinsuku zokubhalisa. Sicela

EPWP