zul65-1205 izinto ezizoba khona vgrdownload.branham.org/pdf/zul/zul65-1205 things that...

54
IZINTO EZIZOBA KHONA KuMfowethu Boone nebandla, impela lena yi—yinhlanhla enkulu kimi ukuba ngibuyele eSan Bernardino futhi. Lendawo iphethe eziningi izinkumbulo ezinkulu zezinsuku ezedlulayo. Nokuzwa lokho, ukuvakasha lapha, futhi kusalokhu kunokuthonya okuphilayo, ngani, impela kukwenza uzizwe ujabulile ukuthi iNkosi isiqondise ngalendlela, iminyaka eyadlulayo. 2 Kade nje ngihlezi phandle lapho endaweni yokupaka, njengamanje, ngizama ukukhumbula ngesinye sezehlakalo ezenzekile. Kwakukhona uNkk. Isaacson wayekade engutolika wami eFinland, emkhankasweni waseFinland, futhi weza emotweni lapho ngenkathi ngisanda kusuka nje. Futhi wathi, “Iphimbo lakho laseFinland.” Futhi nje angazi noma uNkk. Isaacson wakhe khona lapha. Bengingazi. Akwenzekanga ukuba abe khona kulobubusuku, ngiyethemba? UNkk. May Isaacson, futhi ungowaseFinland. 3 Bese kuthi enye into egqamile efike ezinkumbulweni zami, kwakunguweta omncane esitolo othenga udlele kuso engidlela kuso, ndawondawo eduze, basibiza ngeAntlers Hhotela. Ngikholwa ukuthi kunjalo, manje. Nenenekazi elincane laline…Ngangikhuleka nalo. Laline…Lona, inenekazi elincane elihle, kodwa lalingesuye umKristu. Ngalimemela emhlanganweni. Futhi lalilahlekelwe yingane, futhi ngikholwa ukuthi umyeni walo, behlukana. Futhi sasikhuleka ukuthi lifanele lilungisane nomyeni walo, noma babezobonisana, ndawonye. Ngakho, angazi nje noma lelonenekazi elincane lingaba khona. Niyabo? I… 4 Bese kuthi-ke esinye isehlakalo esenzekile, kwakuyingane encane eyalethwa ivela ndawondawo, cishe okuwusuku ushayela. Futhi yayikade ifile, futhi yayilele ezingalweni zikanina. Futhi yabuye yavuswa. Ngabe lokho…Ngabe lowomuntu ubekhona lapha na? Futhi iyafika, ngiyakholwa, ivela esifundazweni enhla ngapha, macala onke, yayingenhla lapha. Nomama omncane wayeshayele ubusuku bonke, nobaba, nomama omncane ehlezi lapho, ngokudabuka, ephethe eyakhe encane, ingane esiyisimo esifile. Futhi ngacabanga, “Ukukholwa okunje pho!” Ukuba ngangingumzenzisi omkhulu kunabo bonke ezweni, uNkulunkulu wayezohlonipha lokho kukholwa kukamama. Ngiphethe ingane encane ezandleni zami, kanjalo, ngikhuleka. Yafudumala, iqala ukunyakaza, yavula amehlo ayo amancane. Ngayibuyisela kumama wabo. Ngakho, babevela ndawondawo. Angicabangi ukuthi

Upload: trannguyet

Post on 15-Mar-2018

714 views

Category:

Documents


26 download

TRANSCRIPT

IZINTO EZIZOBA KHONA

KuMfowethu Boone nebandla, impela lena yi—yinhlanhlaenkulu kimi ukuba ngibuyele eSan Bernardino futhi.

Lendawo iphethe eziningi izinkumbulo ezinkulu zezinsukuezedlulayo. Nokuzwa lokho, ukuvakasha lapha, futhi kusalokhukunokuthonya okuphilayo, ngani, impela kukwenza uzizweujabulile ukuthi iNkosi isiqondise ngalendlela, iminyakaeyadlulayo.2 Kade nje ngihlezi phandle lapho endaweni yokupaka,njengamanje, ngizama ukukhumbula ngesinye sezehlakaloezenzekile. Kwakukhona uNkk. Isaacson wayekade engutolikawami eFinland, emkhankasweni waseFinland, futhi wezaemotweni lapho ngenkathi ngisanda kusuka nje. Futhi wathi,“Iphimbo lakho laseFinland.” Futhi nje angazi noma uNkk.Isaacson wakhe khona lapha. Bengingazi. Akwenzekanga ukubaabe khona kulobubusuku, ngiyethemba? UNkk. May Isaacson,futhi ungowaseFinland.3 Bese kuthi enye into egqamile efike ezinkumbulwenizami, kwakunguweta omncane esitolo othenga udlele kusoengidlela kuso, ndawondawo eduze, basibiza ngeAntlersHhotela. Ngikholwa ukuthi kunjalo,manje. Nenenekazi elincanelaline…Ngangikhuleka nalo. Laline…Lona, inenekazielincane elihle, kodwa lalingesuye umKristu. Ngalimemelaemhlanganweni. Futhi lalilahlekelwe yingane, futhi ngikholwaukuthi umyeni walo, behlukana. Futhi sasikhuleka ukuthilifanele lilungisane nomyeni walo, noma babezobonisana,ndawonye. Ngakho, angazi nje noma lelonenekazi elincanelingaba khona. Niyabo? I…4 Bese kuthi-ke esinye isehlakalo esenzekile, kwakuyinganeencane eyalethwa ivela ndawondawo, cishe okuwusukuushayela. Futhi yayikade ifile, futhi yayilele ezingalwenizikanina. Futhi yabuye yavuswa. Ngabe lokho…Ngabelowomuntu ubekhona lapha na? Futhi iyafika, ngiyakholwa,ivela esifundazweni enhla ngapha, macala onke, yayingenhlalapha. Nomama omncane wayeshayele ubusuku bonke, nobaba,nomama omncane ehlezi lapho, ngokudabuka, ephethe eyakheencane, ingane esiyisimo esifile. Futhi ngacabanga, “Ukukholwaokunje pho!” Ukuba ngangingumzenzisi omkhulu kunabobonke ezweni, uNkulunkulu wayezohlonipha lokho kukholwakukamama.

Ngiphethe ingane encane ezandleni zami, kanjalo,ngikhuleka. Yafudumala, iqala ukunyakaza, yavulaamehlo ayo amancane. Ngayibuyisela kumama wabo.Ngakho, babevela ndawondawo. Angicabangi ukuthi

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

babengamaPentecostal, nokho. Babe nje…Ngikholwa ukuthinje kwakungeliny’ibandla, ukuthi kusukela…Angazi ngishonoma ngabe babengamaKristu, noma qha. Angizangengibabuze. Nje ngangithokoziswe yingane encane ibuyeyaphiliswa futhi.

Kusukela ngaleyonkathi, uMfowethu Boone, amanziamaningi ehlele emfuleni. Kodwa sisakhonza uNkulunkuluofanayoOsalokhu enguyena izolo, namuhla, naphakade.5 Nje ngiqalaza, ngibona uMfowethu Leroy Kopp ehlezi lapha.Kungokokuqala kade ngagcina ukumbona. [Umfowethu uthi,“UnguPaul Kopp lapha.”—Umhl.] UPaul. Kunjalo. ULeroynguyihlo. Kunjalo. [“Futhi u—useRashiya, kulobubusuku,ngakho mkhulekele.”] O, he! ERashiya. Awu, lokho ngukuthi,ngiyazi, lelisosha eliyiqhawe lapho, lilapho ebhizinisini leNkosi.[“Kunjalo.”] Ngakho, ngijabule ngempela ukuba lapha nokuzwalomfundisi osemncane ethi waba nogqozi ngenkonzo esasinayongenkathi sasilapha. Lokho kuyinto enkulu exhuxhumisakanjani pho!

Futhi ngiyethemba manje, ukuthi, sazi ukuthi sine…Abantu bamile, futhi ngeke sihlale isikhathi eside kakhulu.Siyazikhumbula lezozinkonzo ezinkulu zokuphilisa.6 Manje-ke, ngiyaqonda ukuthi kukhona u—u—umfowethulapha komakhelwane, ndawondawo, obambe umkhankasowokuphilisa, uMfowethu Leroy Jenkins. Ngikholwa ukuthikunjalo. Futhi ngakho ngibonga kakhulu, ngethemba ukuthiiNkosi iyambusisa futhi imupha enkulu, inkonzo enkulu. I…

He, ngizizwe ngihlonipheke ngempela, kulobubusuku,ukungena endaweni yokukhonzela enjengale. Ngizizwa njalongingcono ukuba sendlini yokukhonzela kunoma ngenzakulawomahholo. Akukho okumelene nehholo. Kodwa, niyazi,ngi…Kungahle kube yinkoloze, noma nje ngi…Kuzwakalakimi njengeqiniso. Niyabo? Ba…Ungena kulawo mahhololapho okunezimpi, ukubambana, umbukiso onhlobonhlobo,yonke enye into yenzeka, imimoya emibi ubonakalaulenga ngakulezozindawo. Manje, lokho kungabonakalakuyinkoloze, kodwa akunjalo. Kodwa uma ungena endliniyokukhonzela, u…ngokwejwayelekile, impela ibandlalikamoya, kubonakala sengathi, lokho ngukuthi, u—uzizwakakhulu ukhululekile, sengathi kukhona—kukhona into ethize.UBukhona bukaNkulunkulu bulapho. Niyazi, kubonakalakwehlukile. Angazi ukuthi isakhiwo sinamthelela muni, kodwayilapho abantu bebuthana khona. Kusobala, okufanayo, abantubakwenye indawo, kodwa kulezozinkundla ezimbi. Kungahlekube yimi nje engicabanga ngaleyondlela. Kodwa, empeleni,ngiyajabula ukuba lapha kulobubusuku.7 Futhi manje asifuni ukunihlalisa isikhathi eside kakhulu,ngenxa yezethameli ezimile. Futhi siya, kusasa ebusuku,

IZINTO EZIZOBA KHONA 3

kwenye indawo ethize lapha. Angazi ngisho nokuthikukuphi. Kuseduze kwalapha. [Umfowethu uthi, “eHhololoMbukiso iOrange.”—Umhl.] Kuphi? [“EHholo loMbukisoiOrange.”] EHholo loMbukiso iOrange, okwezinkonzo zakusasaebusuku. Ngi…Lokhu kuphakathi, ngikhuluma ngohambolweqembu lo—losomabhizinisi boSomaBhizinisi beFull Gospel.Okungukuthi, ngibe nenhlanhla yokukhuluma umhlaba jikelele,ngenzela bona. Futhi ngakho phakathi lapho, umnganiothandeka kakhulu usimemele lapho, futhi siyajabula ukubasebandleni kulobubusuku.8 Manje, ngaphambi kokuba sivule iBhayibheli…Manje,noma ubani onamandla angokomzimba angaLivula ngalendlela.Niyabo? Kodwa kuthatha uMoya oNgcwele ukuvula iZwikithi, avule ukuqonda kwethu futhi embule imiBhalo.Ngiyakholelwa eBhayibhelini. Ngikholwa ukuthi LiyiZwilikaNkulunkulu. Ngikholwa ukuthi umhlaba, noma abantubomhlaba, bayohlulelwa ngoluny’usuku ngaleliZwi. Manje,lokho kungabonakala kuyisimanga. Manje, baningi abehlukilekulowomqondo.9 Ngangikhuluma nomngani wami othembeke kakhulu,esikhathini esingeside esedlule, oyiKatolika. Futhi wathi,“UNkulunkulu uyohlulela izwe ngebandla eliKatolika.” Umalokho kunjalo, liphi lona ibandla eliKatolika na? Niyabo?Ngakho, uma Elehlulela ngeMethodisti, pho-ke kuthiwaningeBaptisti na? Niyabo? Uma Elehlulela ngelilodwa, elinyelilahlekile. Ngakho, kuningi kakhulu ukudideka lapho.

Kodwa sizofanele siye kuLo, ukuthola isitatimendesethu—sethu esiqinisileyo, neBhayibheli lithi uNkulunkuluuyokwehlulela izwe ngoJesu Kristu. Futhi UyiZwi. UJohaneoNgcwele 1, “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwiwayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ULizwiwaba yinyama, wakha phakathi kwethu.” AmaHeberu13:8 wathi, “Nguyena izolo, namuhla, naphakade.”Futhi ngiyakukholwa lokho ukuthi kuyiQiniso. Manje,ngiyakukholwa. E…10 UNkulunkulu, ekuqaleni, enguNkulunkulu ongenasiphelo;Unesiphelo futhi…noma akanasiphelo, ngiqonde ukusho njalo.Thina singabanesiphelo. Umqondo waKhe mkhulu kakhulu,futhi thina, emqondweni wethu omncane onesiphelo, ngekesaqonda okwaKhe okukhulu, ukuhlakanipha okungenasiphelo.Kodwa ngakho-ke, uma Ekhuluma noma yini, ingahleibonakale iyisimanga kakhulu kithi, ukuMuzwa esho intoethize emBhalweni, kodwa ifanele yenzeke. Ngikholwa ukuthiamaZwi aKhe awasoze adlula. Ngakho-ke, ngikholwa ukuthiuNkulunkulu, azi ukuthi thina emqondweni wethu omncaneonesiphelo sasingeke sahumusha umqondo waKhe—waKheomkhulu, Uhumusha iZwi laKhe Yena. Akadingi—mhumushi.

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

Uhumusha iZwi laKhe Yena, ngokuqinisekisa leloZwi enkathiniyaLo yonyaka.11 Ngikholwa ukuthi, uNkulunkulu, ekuqaleni, ukuthi uNowawayeyiZwi lalolosuku, loMlayezo waKhe.

Manje, kwase kufika, emva kwalokho, kufika uMose.Manje, uMose wayengeke athathe iZwi likaNowa. Wayengekeakhe umkhumbi bese ebantantisa abakhiphe eGibhithe, ezansinoMfula iNayili, noma baye ezweni lesithembiso, noma kanjalokanjalo. Umlayezo wakhe awusebenzanga osukwini lukaNowa;leyo kwakuyinxenye yeZwi likaNkulunkulu elaqinisekiswaukuthi liyiQiniso nguMose.

Kanjalo noJesu wayengeke abe neZwi likaMose. NoLutherwayengeke alondoloza izwi lebandla eliKatolika. UWesley,wayengenakulondoloza iZwi likaLuther. NePentecostal,babengenakuthatha iZwi leMethodisti. Ba…Niyabo?

IBandla liyakhula. Unyaka ngamunye, wabelwe emBhalwenilapha. Ngakho, uNkulunkulu, ngoMoya oNgcwele, wembulaiZwi laKhe, ngokuLibonakalisa nokuLiqinisekisa, qobolwaKhe, ekhombisa ukuthi LiyiZwi laKhe ngokwenziwalifezeke ngosuku eLithenjiselwe lona.12 UJesu wakusho lokho. Wathi, “Uma ningenakungikholwaMina, kholwani yimisebenzi eNgiyenzayo,” ngokuba ifakazangokuthi Wayengubani, niyabo, uma noma ubani ubewaziumBhalo.

Manje, Uza ngokuyinqaba kabi, ngokuyisimanga,ngangokuthi abantu abafunanga ukuMkholwa, ngoba, “Yena,enguMuntu, wayeZenza uNkulunkulu.”

Ngakho, WayenguNkulunkulu, esimweni, “UNkulunkuluwayekuKristu, enza ukuba izwe libuyisane naYe.”

“Futhi akekho ongenza lemisebenzi uNkulunkuluengenaye,” njengoba sazi uNikodemu washo lokho. Ukuthi,iSanhedrini yakukholwa lokho.13 Manje, siyakwazi lokho, leloZwi. Ukuba babelazile iZwi!Wathi, “Ukuba benimazi uMose, beniyakungazi Mina, ngobauMose waloba ngaMi.” Futhi siyabuka. Ukuba babebuke emuvaemBhalweni, babone ukuthi uMesiya wayefanele ukwenzani,khona-ke babeyoMazi ngokuqinisekisa, ukuthi, “UNkulunkulu,ngoKristu, wayenza ukuba izwe libuyisane naYe,” futhiefezekisa zonke izithembiso ezazingezikaMesiya, Ayezozenza.UJesuwafakaza ngaleloZwi, enza leloZwi liphilele lolosuku.14 Futhi ngikholwa ukuthi leyo yinto efanayo esiphilakuyo namhlanje: uNkulunkulu efakaza ngeZwi laKhe,ngokuqinisekisa lokho Athi Wayezokwenza. Manje, siyaziukuthi lolu wusuku lwensindiso, lapho uNkulunkuluebiza khona abantu ezweni, besuka ekuphileni kwesono,kuya ekuphileni kokukhonza. Nangosuku uNkulunkulu

IZINTO EZIZOBA KHONA 5

ethulule khona uMoya waKhe uvela Phezulu, izibonakalisonezimangaliso ezinkulu zifanele ziphelekezele inkonzoyalolusuku. Lena yi…lapho imvula yakuqala neyamuva yehlakhona, kanyekanye. Futhi siyazi ukuthi kufanele kubekhonaizibonakaliso nezimangaliso ezinkulu. Okungukuthi,emahlelweni amakhulu amaningi, Lokhu kuyenqatshwa.

Kodwa ngibonga kakhulu ngaleminyango evuliwe engibenayo, ukuba ngingene kuyo, nokuphefumulelwa okunikwaizinsizwa njengomelusi wenu lapha. Lokho kubabangele…Njengoba ngiqala ukuguga, futhi ngazi ukuthi izinsuku zamisezibaliwe, nokwazi manje ukuthi lezizinsizwa zingawuthathaloMlayezo futhi ziWushwibe kuze kuyofika ekuFikenikweNkosi, uma Ingafiki esizukulwaneni sami. Okungukuthi,ngethemba ukuYibona. NgiYibhekamalanga onke, ngibhekisise,ngilokhu ngizilungiselele lelohora.15 Manje asikhulume kumQambi ngaphambi kokuba sifundeiNcwadi yaKhe, njengoba sikhothamisa amakhanda ethu.

Baba waseZulwini, siyaKubonga, ukuba sibe ngabaphilayokulobubusuku, ukuba sibuyele kulelidolobha elikhulu. Sihlezilapha kulendawo ebonakala ndawo zonke lapha yezintaba,sibuka phezulu futhi sibona iqhwa, nokuqhakaza kwamaolintshi eqhakaza, ngesikhathi esifanayo, izwe elihle kakhulukangaka Osiphe lona ukuba siphile kulo! Nokuthi sibonakanjani ukuthi umuntu uthikameze futhi—futhi wenza kanjanikulelizwe, kusenza sibe namahloni ngathi, Baba.

Silapha, kulobubusuku, ukuzama ukuveza imizamo yethu,ukuzama ukubangela abantu ukuba babone lento enkuluuNkulunkulu ayenzile, futhi bazi ukuthi kukhona intoenkulu kunenye ngaleya nje. Kwangathi singabuka kulokho,kulobubusuku, Baba, njengoba siphendukela eZwini laKhofuthi sifunda. SingaLifunda, Baba, kodwa vumela uMoyaoNgcwele aLembule kithi ngesambulo. Ngokuba sikucelaeGameni likaJesu. Amen.16 Manje, nina enithanda mhlampe ukuthatha amanothi,no—nokufunda umBhalo nomfundisi, nje—njengobangokwejwayelekile beWufunda. Futhi kwakuvame ukuthi,uma mina…eminyakeni eyadlula, ngangingadingi ukubangiyibhale phansi imiBhalo yami, kanjalonjalo. Kodwa sengitheukuba mdadlana kusukela ngaleyonkathi. Niyabo? Ngisandanje kwedlula emashumini amabili-nanhlanu, maduzanenje, eminyakeni engamashumi amabili-nanhlanu eyadlula.Ngakho, kwenza kube kubanyana. Kodwa ngisalokhu ngizamaukubambelela kuyo yonke into engaziyo ukuthi yenziwa kanjanieZwini laKhe, Aze angibize.17 Manje, asiphenye kuJohane oNgcwele isahluko 14, umBhaloojwayeleke kakhulu esifuna ukuwufunda kulobubusuku,ukudonsa kulengqikithi, iNkosi ithanda. Cishe bonke bayawazi

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

lona. Ubonakala sengathi, izikhathi eziningi, usetshenziswaezinkonzweni zemingcwabo. Uma kwake kwabakhona isikhathiengangingathanda ukushumayela ngaso inkonzo yomngcwabo,bekungaba kulelizwe. Malife futhi liphinde lizalwe. UJohaneoNgcwele 14:1 kuze kuyofika kwele 7, ngiyakholwa, ngimakephansi lapha.

Izinhliziyo yenu mayingakhathazeki; uma nikholiwenguNkulunkulu, kholwani nayimi.Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi:…

bekungenjalo, bengiyakunitshela. Ukuthi ngiya futhiukunilungiselela indawo.…ngiya nginilungiselela indawo, ngobuye ngize,

nginibuyisele kimi; ukuba lapho ngikhona, nibe-khonanani.…lapho ngiya khona niyazi, nendlela niyayazi.UTomase wathi kuye, Nkosi, siyazi…lapho uya

khona; siyazi kanjani indlela na?UJesu wathi kuye, Mina ngiyindlela, neqiniso,

nokuphila; akekho ongeza kuBaba, ngaphandle kwami.Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba: kusukela

manje niyamazi, nimbonile.INkosi ayenezele izibusiso zaYo ekufundweni kweZwi

laYo. Futhi sizothathela kuLo futhi, ngezikhathi njengobasiqhubeka, ngenkathi nje sisafuna ukukhuluma isifundoesincane eBandleni.18 Izolo kusihlwa, bengiseYuma; eArizona, lapho esekuyikhayalami manje. Ngi—ngi…Ngenkathi ngilapha ngaphambilingangakhe eJeffersonville, eIndiana. Manje kade ngiseArizona,ngombono ungithumela lapho, eminyakeni embalwa edlule.Futhi sesihlala laphomanje. Anginandlu yokukhonzela lapho.

UMfowethu Green, umfowethu lapha kanye nathi, usunguleitabernakele lapho i…elinye lama-Assemblies of God, ibandla,amabandla asezansi nedolobha. Afufusa, futhi ngethembaukuthi onke angena noMfowethu Brock nanoMfowethuGilmore,washiya lelibandla livulekile. NoMfowethu Pearry Green, wase—waseTexas, wangena wase eyithatha indawo, ohlangene kanyenathi. Siyajabula ukwazi ukuthi—ukuthi uMfowethu Greenusephindewayivula lendlu yokukhonzela eyayivaliwe.19 Futhi izolo ebusuku, ngikhuluma ngale eYumakoSomaBhizinisi abangamaKristu, ngakhuluma ngendabayokuthi UHlwitho. Manje, leyo bekungahle kube yindabaexakile ukukhuluma phakathi kwabo, e—edilini, kodwacishe impela wonke obelapho bekungamaKristu. Futhiyileyondlela okungayo kulemikhankaso enjengalo, nomae—endlini yokukhonzela. Bengingathi manje, “Bangakikini abangamaKristu na?” Mhlawumbe sonke isandla

IZINTO EZIZOBA KHONA 7

besingaphakama. UngumKristu. Futhi ngakho, umasingamaKristu, ngicabanga ukuthi besifanele ngomusa saziswengaphambili. Asidingi nje ukuba siqagele. Siyaziswa ukuthiisiphetho sethu siyoba yini.20 Futhi ngifuna ukukhuluma ngalokho kulobubusuku.Nendaba izoba ngukuthi: Izinto Ezizoba Khona. Futhi manje,ngikhuluma izolo ebusuku ngokuthi UHlwitho, ngakhokulobubusuku, ngifuna ukukhuluma ngalendaba, ukuzengiyibophele ndawonye noMlayezo wayizolo ebusuku. Manje,kuzobakhona uHlwitho, siyakwazi lokho. Lokho kusenkathiniezayo, ukuba kwenzeke.21 Manje, uJesu lapha ukhuluma, ngokuthi, Uhambengaphambili ukuyosilungisela indawo. “Izinhliziyo zenumazingakhathazeki.” Manje, Wayekhuluma kumaJuda.Wathi, “Manje, nikholiwe nguNkulunkulu, kholwani nayiMi.Njengoba nikholiwe nguNkulunkulu, kholwani yiMi, ngobaNgiyiNdodana kaNkulunkulu.” Niyabo? “NoNkulunkulu,”ngamany’amazwi, “Mina noBaba waMi siMunye. UBaba waMiuhlala kiMi. Futhi enikubona kwenziwa, Ngiyakwenza, akusiMi.NguBabawaMi ohlala kiMi. Wenza imisebenzi.”

“UNkulunkulu wayekuKristu, enza ukuba izwe libuyisanenaYe.”22 Kwakulula kulawomaJuda ayekade efundisiwe,izizukulwane ngezizukulwane, ukukholwa ukuthi kwakukhonauNkulunkulu ongaphezu kwemvelo. Kodwa ukucabanga ukuthiuNkulunkulu wayehlile futhi Wayezibonakalisa ngomuntuweNdodana yaKhe, uJesu Kristu, uNkulunkulu ezifakeetabernakele emzimbeni wenyama, lokho kwakul’khunyanakakhulu kubo ukuba—ukuba baqonde.

Kodwa Wathi, “Manje, njengoba nikholiwe nguNkulunkulu,kholwani nayiMi. Ngokuba ekhaya likaBaba waMi kukhonaizindlu eziningi, futhi Ngiyonilungisela indawo.” Impilo kaJesuyayisizophela, lapha emhlabeni.

Wayebakhombisile abantu, futhi wafakazisa kubo, ukuthiWayenguJehova ebonakaliswe enyameni, ngezibonakalisonezimangaliso ezinkulu, nenkomba yeBhayibheli Ayekadeekhombe kuyo, kuYe uqobo. Futhi Wafakazisa ukuthiWayenguNkulunkulu, ebonakaliswa.

Manje Wathi, “Uma nibona impilo yaMi iphela, iphelelainhloso. Futhi Ngiyamuka, ukuyonilungisela indawo; ukuthilapho Ngikhona, nibekhona nani.” UJesu ngakho-ke utshelaabafundi baKhe ukuthi lempilo ayipheleli ekufeni.23 Manje, ngisho lokhu kwakuyindikimba yomngcwabo.Khumbulani, thina, ukufa kuhlezi phambi kwethu ngqo,futhi asazi noma ngabe kungahle kubekhona abanye kulendlukulobubusuku abangezukuphuma lapha bephila, kulempiloyenyama. Kungokungaqondakali kanjalo-ke. Imizuzu emihlanu

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

kusukela manje, kungaba yilabo abasha, abanempilo,abantu abasha kulendlu bangaba yisidumbu emizuzwiniemihlanu kusukela manje. Lelo yiqiniso. Kanti futhi, kungabangukuthi, emizuzwini emihlanu kusukela manje, singabasonke seNkazimulweni. Asazi nje. Lokho kusezandlenizikaNkulunkulu. UJesu wathi Wayengazi, qobo lwaKhe, ukuthilesosikhathi siyoba nini, kodwa, “Lokho kwakusezandlenizikaBaba kuphela.”24 Manje, kodwa, Wayebatshela, ukuthi, emva kokufakukhona ukuphila. Ngoba, “Ngiya nginilungisela indawo,”lokho ngukuthi, ukubemukela, kuyakhombisa lokho lapho,Wayekhuluma kubo, ukuthi kwakukhona u—ukuphila emvakokuba lokhu ukuphila sekuphelile. Futhi induduzo enje phoefanele ukunikeza kithi sonke, ukwazi ukuthi, emva kokubalokhu ukuphila sekuphelile, kukhona ukuphila, esingena kukho.Futhi lapho uguga, lokho kuba yikho ngempela kakhulukuwe. Lapho uqala ukubona izinsuku zokuphila kwakhozisondela, khona-ke kuqala ukuba, uqala ukupakisha usondelekakhulu, ulungiselela lesosehlakalo esikhulu. Kumanje…Kungukuqhubeka kwalokhu ukuphila okufanayo kwelinye izwe,enye indawo.25 Ukuzalwa kwakho lapha kwaplanwa ngaphambili.Ngiqagele niyakukholwa lokho. Nonke niyazi ukuthi ukuzalwakwethu kwaplanwa ngaphambili. Benazi yini ukuthi ukubakhona kwakho lapha akuzange kuqale ensumansumaneni njenoma umcabango na? Yonke into yaplanwa ngaphambili yonkenguNkulunkulu, ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuthiuyoba lapha. UNkulunkulu ongenasiphelo wayazi. Futhi ukubango—ukuba ngongenasiphelo, Wadingeka azi lonke izeze eliyokelibe semhlabeni, nokuthi liyocwayiza kangaki ngeso lalo.Lokho ngukuba ngongenasiphelo. Niyabo? Wena, imiqondoyethu emincane—yethu emincane, ngeke yakulinganisa ukujulakokuthi kusho ukuthini ukuthi ongenasiphelo. UNkulunkuluongenasiphelo, Wayazi izinto zonke. Ngakho-ke, ayikho intoephume emgudwini.26 Uma silazi iZwi likaNkulunkulu, siyazi ukuthi siphilakuphi. Siyalazi ihora esiphila kulo. Siyazi ukuthi yini esihlalele.Siyabona ukuthi sedlule kukuphi. NeNcwadi kaNkulunkuluiyisambulo sikaJesu Kristu; imisebenzi yaKhe eminyakeni,lokho kwakuze kuyofika encwadini yeSambulo, bese kuba-ke yizithembiso zaKhe esizayo. Ngakho, zonke ezezithembisozaKhe ziqinisile. UNkulunkulu angekhulume noma yiliphi iZwingaphandle kokuthi Liqiniswe. Lonke iZwi Alishoyo lizofanelelifezeke. Ngaphambi kokusekelwa kwezwe…27 Abanye abantu bayamxubanisa uGenesisi, lapho, ngenkathiethi, “UNkulunkulu uyaZiphinda.” Qhabo. Nje, uqondangokungesikho. Niyabo?

IZINTO EZIZOBA KHONA 9

UNkulunkulu, ekuqaleni, Wathi, “Makubekhona.Makube-bekhona. Makube-khona.” Izwe lalimnyama nje,enxushunxushwini. Ngisho nangenkathi Ethi, “Makube-khona ukukhanya,” ngahle ukuba kwakukade kungamakhulueminyaka ngaphambi kokuba ukukhanya kuze kugxumekungene. Kodwa ngenkathi Ekukhuluma, kuzofanele kufezeke.Kufanele kube ngaleyondlela. Niyabo? Futhi Wakhuluma iZwilaKhe. Lezozimbewu yayiphansi kwamanzi. Ngenkathi Omisaumhlaba, khona-ke izimbewu zaqhuma. Akushoyo kufanelekufezeke.28 Washo, ngabaprofethi. Ngikhombe kukho izolo ebusuku.Njengokuthi, sithatha uIsaya, wathi, “Intombi iyokhulelwa.”Ubani owayengacabanga, ngomuntu owayecatshangwaphakathi kwabantu, ukuba asho izwi elinje njengalelo, “Intombiiyokhulelwa”? Kodwa ngoba u…

Umprofethi uyisibuko sikaNkulunkulu. Wenziwe kanjaloukuze angakhulumi amazwi angawakhe uqobo. Kuzofanelekube ngamaZwi kaNkulunkulu awakhulumayo. Unjengesibukonje, futhi ungumlomo kaNkulunkulu.

Futhi ngakho, ngakho-ke, Wathi, “Intombi iyokhulelwa.”Mhlawumbe wayengakuqondi, kodwa uNkulunkuluwayekukhulume ngaye. Ngoba, Wethembisa ukuthi,“Akayikwenza lutho EngaLembulanga ezincekwini zaKheabaprofethi.” Manje-ke, ngenkathi esho lokho, kwakuyiminyakaengamakhulu ayisishiyagalombili ngaphambi kokuba lokhokuze kufezeke. Kodwa kwadingeka kufezeke.

Ekugcineni, lawomaZwi kaNkulunkulu abambelelisaokwehange esizalweni sentombi, futhi yakhulelwa futhiyazala uEmanuweli. “Sizalelwa u—uMntwana, siphiweiNdodana. IGama laKhe liyakuthiwa, ‘UMluleki,’ ‘UNkulunkuluonamandla,’ ‘INkosi yokuThula,’ ‘UYise ongunaphakade.’”Lokho kwakufanele kube ngaleyondlela, ngoba uNkulunkuluwayekukhulume ngomlomo wabaprofethi baKhe. Nawo onkeamaZwi kaNkulunkulu lifanele ligcwaliseke.

Ngakho-ke, siyazi ukuthi uJesu uye ukuyosilungiselaindawo, ukuba emukele abantu babekuYe uqobo. Bangobanilabobantu, ngethemba ukuthi kungukuthi siyinxenyeyalabobantu kulobubusuku. Uma kungenjalo, mngani wami,uNkulunkulu wenze indlela, isimo, ukuthi ungabandakanywakulokho uma ufuna. Usekuzikhetheleni. Ungaziphathangendlela ofisa ngayo. Kodwa manje qaphelani, manje,kulelizwe elizayo. Kukhona izwe elizayo.29 Njengokuzalwa kwakho nje lapha, ngathi, walungiselwa.UNkulunkulu wazi ukuthi uyoba lapha.

Futhi manje niyazi, ngisho nezinto ezenziwe ngabazalibakho, manje, abantu bacabanga ukuthi lokho akuhanjelwaesizukulwaneni ngesizukulwane, kodwa kuyahanjelwa.

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

30 Ngale eNcwadini yamaHeberu, ngiyakholwa, cisheisahluko 7, ekhuluma, uPawulu lapho, ababhali, ngikholwaukuthi kwakunguye, wayekhuluma nge—ngesehlakaloesikhulu esasenzeke kuAbrahama, ukuthi wakhokha izishumikuMelikisedeki, ngenkathi ebuya ekubulaweni kwenkosi. Futhimanje washo, ukuthi, “ULevi wayesokhalweni luka-Abrahama,ngenkathi ehlangabezana noMelkisedeki, ebuya ekubulawenikwamakhosi.” Wayese-ke ekubala lokho ku “Levi ekhokhaizishumi, futhi, esesokhalweni luka-Abrahama,” ukhokhozelawakhe.

Futhi uhambela izono zabantu phezu kwabantwana babo—babo, esizukulwaneni ngesizukulwane, abangayikuligcina iZwilaKhe. Niyabo?

31 Nonke naplanwa ngaphambili nguNkulunkulu. Ayikho intoeyenzeka ngeshansi, kuNkulunkulu. Wazi konke ngakho. Konkekuplanwe ngaphambili, kwaplanelwa kweziningi izizukulwaneemuva, ukuze nina nibe lapha kulobubusuku. Benikwazi lokhona? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]

Cabangani nje, ukuthi, wena, ngesinye isikhathi…Ngizokuphinda lokhu futhi. Wena, ngesinye isikhathi,wawukuyihlo, embewaneni yokhalo lukayihlo. Manje,wayengakwazi wena ngalesosikhathi, kanjalo nawewawungamazi ngalesosikhathi. Kodwa, uyabo, wase-ke ufakwaendaweni yokukhulela, esizalweni sikamama, ngomshadoongcwele. Bese-ke uba ngumuntu ovezwe emfanekisweninjengoyihlo, khona-ke kukhona inhlanganyelo.

32 Manje, indlela kuphela ongaba ngayo yindodana, indodakazikaNkulunkulu, ngoba wafanele ube yi…ufanele ube nokuPhilaokuPhakade. Futhi sinye kuphela isimo sokuPhila okuPhakade,nalokho ngukuPhila kukaNkulunkulu. Sinye kuphelaisimo sokuPhila okuPhakade, lowo kwakunguNkulunkulu.Lapho, ukuba yindodana kaNkulunkulu, wadingeka ubekuYe njalo. Imbewana yasokhalweni yokuPhila kwakho,ukuPhila kokomoya, kulobubusuku, yayikuNkulunkulu, uBaba,kungakabikho ngisho nemolikhuli umsuka wezinto. Niyabo?Futhi awulutho kodwa ungukubonakaliswa kwembewanaesokhalweni yokuPhila eyayikuNkulunkulu, njengendodanakaNkulunkulu.

Manje uyavezwa, emva kokuba iZwi laKhe selize kuwe,ukuKhanyisa bha lonyaka. Uveza ukuPhila kukaNkulunkulukuwe, ngoba uyindodana noma indodakazi kaNkulunkulu.Ngakho-ke, niyakuthola engikuchazayo na? [Ibandlalithi, “Amen.”—Umhl.] Uyabo? Use…Manje uyenziwa,uhlezi kulelibandla, kulobubusuku, ngoba umsebenziwakho ngukuveza uNkulunkulu kulesisizwe nalababantu,nalomakhelwane lapho ozihlanganisa khona.

IZINTO EZIZOBA KHONA 11

Noma ngabe ukuphi, uNkulunkulu wayazi ukuthi uyobalapha, ngoba wafanele ube ngomunye wezimbewana zokhalolwaKhe, noma izinxenye zaKhe ezingehlukaniseki. Wafanele.Uma wake waba, uma unokuPhila okuPhakade, khona-keKwakungukuPhila okuPhakade njalo. Futhi uNkulunkulu,ngaphambi kokuba kubekhona isisekelo, izwe, wazi ukuthiuyoba lapha. Futhi nxa iZwi, noma amanzi, “isigezo samanzieZwi” ehlela phezu kwakho—kwakho, kwavezwa emntwini.Manje usunenhlanganyelo noYihlo, uNkulunkulu, njengobanje unayo noyihlo wasemhlabeni. Niyabo? NiyizakhamizizeNkosi. Hhayi izakhamizi, kodwa ningabantwana, amadodananamadodakazi kaNkulunkulu ophilayo, uma kungukuthiukuPhila okuPhakade kuhlala kini.

Manje, bese-ke, uma Kwakukhona, uJesu wayengukugcwalakukaNkulunkulu kubonakaliswa. WayengukugcwalakobuNkulunkulu ngokomzimba. Ngakho-ke, ngenkathiEfika emhlabeni futhi wabonakaliswa enyameni, nanilaphakuYe ngaleyonkathi, ngoba WayeyiZwi. “Ekuqaleniwayekhona uLizwi; uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwiwayenguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathikwethu.” ULizwi waba yinyama. Ngakho-ke, nahamba naYe,ngenkathi nikuYe, ngenkathi Esemhlabeni. NahluphekanaYe, futhi nafa naYe. Nembelwa naYe. Futhi manje nivukenaYe, futhi niyizinxenye ezingehlukaniseki ezibonakalisiwezikaNkulunkulu, nihlezi ezindaweni zaseZulwini; senivelenivukile, navukela ekuPhileni okusha, futhi nihlezi ezindawenizaseZulwini kuKristu Jesu. O, lokho kusho lukhulu, ezinsukwinizamanje, Bandla! Lokho kusho lukhulu kithi, ukuzibonasibekwe endaweni okuyiyonayona kuJesu Kristu!33 Manje, uma siyilezozinxenye ezingehlukanisekizikaNkulunkulu, ngeke saphila ngezivumokholo. Ngeke saphilangobuhlelo. Sifanele siphile ngeZwi, ngoba uMlobokaziuyinxenye yoMyeni, njenganoma yimuphi umfazi uyinxenyeyomyeni wakhe. Ngakho-ke, sifanele sibe yileloZwi Mlobokazi.Futhi yini leloZwi Mlobokazi na? Ukubonakaliswa kwalelihora,uMlobokazi, hhayi isivumokholo noma ihlelo; kodwaimpendulo yezithixo eziphilayo zikaNkulunkulu, inxenyeengehlukaniseki ephilayo kaNkulunkulu, iveza obala ezweniizinxenye ezingehlukaniseki zikaNkulunkulu, ekubumbekenikoMlobokazi ozovezwa kulelihora esiphila kulomanje.34 UMartin Luther wayengenakuziveza izinxenyeezingahlukaniseki esizivezayo, ngenxa yokuthi lokhokwakusekuqaleni, ukuvuka, njengohlamvu lukakolo olwangenaemhlabathini.35 Manje, siyakucaphuna lokhu futhi. Mhlawumbe nayifundaleyoncwadi, leloJalimane lihlekisa ngami, futhi lathingangiwuhlanya lwazo zonke izinhlanya. Lali—lalimelenengokoqobo nazo zonke into ethiwa nguNkulunkulu, futhi

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

laze lahlekisa ngisho nangoNkulunkulu. Lathi, “UNkulunkuluowakwazi ukuvula uLwandle oluBomvu futhi,” lathi, “akhipheabantu baKhe; futhi wahlala ephice izandla zaKhe esiswinisaKhe, futhi wadedela (ngezikhathi zobumnyama) bonkelabobantu bafe futhi bahlupheke, labobantwana abancanebadliwe amabhubesi.”

36 Niyabo, lonke—lonke uhlelo, lonke iBandla, lakhelwephezu kwesambulo sobuNkulunkulu. UJesu washo, kuMathewuoNgcwele, isahluko 16, “Inyama negazi akukwembulelangalokhu, kodwa uBaba waMi oseZulwini ukwambulele lokhu.”Kwakuyini na? Isambulo sokuthi Wayengubani. “Futhiphezu kwaleliDwala, Ngiyakulakha iBandla laMi, namasangoehayidese angeLehlule.” Niyabo?

Isambulo sikaJesu Kristu kulelihora; hhayi lokhoAyeyikho kwelinye ihora! Ayeyikho manje, iBhayibhelilizwakalisa. Kukhula kuMlobokazi, emumweni ogcwele.Ngakho-ke, uma uhlamvu lukakolo, lukaKristu, lwadingekaluwele emhlabathini, kanjalo noMlobokazi wadingeka aweleemhlabathini, ngezikhathi zobumnyama.Noma yiluphi uhlamvuolungena emhlabathini lufanele lufe, kungenjalo ngekelwaziveza, luphinde luziveze. NeBandla elikhulu AlisungulangoSuku lwePentecoste, ngokuthunyelwa kukaMoya oNgcwele,ladingeka lihlushwe ngokufela ukholo futhi lingene othulini,emhlabeni esikhathini sobumnyama, ukuba lizale futhi onyakenikaLuther, futhi liphumele emumweni ogcwele woMlobokazikaJesu Kristu walolusuku lokugcina. Niyabo? Akukho-ndlela…

37 Ngakho-ke, uMlobokazi, oHlwithweni, uyoqhamuka. Futhinakho konke okuplanwe ngaphambili nguNkulunkulu, konkekwesekiwe. Kusukela ekuqaleni, Wayazi wonke umuntu,yonke indawo, ukuthi ubani oyohlala, konke ngakho. Konkekuplanwe ngaphambili. UNkulunkulu wayazi ukuthi kuyobalapha. Futhi—futhi ngenkathi…Wakwenza ngaleyondlela,ukuze ukuthi uma sesifika lapho…Uye ukuyosilungiselaindawo. Futhi uma sesifika lapho, kuyobe konke kulungiselwenjengoba nje ngisho lobu ubusuku bulungiselwe, njengobalelihora lilungiselwe. Yebo. Ukwaziphambili kwaKhe okukhulukuMtshela zonke lezizinto, ngokwaziphambili.

38 Usezindaweni zonke ngoba Ungowazi konke; owazi konkengoba Usezindaweni zonke. Ngakho-ke, ngokwaziphambilikwaKhe…Manje, Angebe nje njengomoya ovunguzayo phezukomhlaba, ngoba UnguMuntu. Akasiyo nje insumansumane.UnguMuntu. Uyahlala. Uhlala ngisho nasendlini. Uhlalaendaweni ethiwa yiZulu. Futhi ngakho-ke, ngobukonke baKhe,engosezindaweni zonke; ngokuba ngowazi konke, azi izintozonke,manje-keUsezindaweni zonke ngobaWazi izinto zonke.

IZINTO EZIZOBA KHONA 13

39 Wena, manje, wakhula ekuzalweni kwakho, ngenkathiuzalwa wase unikezelwa kulelizwe. UNkulunkulu wayaziukuthi wawuzoba lapha kulomhlaba, futhi wakhula usukaekuzalweni waya ekuvuthweni. Izinto ezazibonakala zixakekakhulu kuwe, ebufazaneni bakho bobusha, ubufana bobusha,njengabantwana, manje kubonakala kuyikho ngempelakakhulu. Wawungakuqondi ngenkathi usengumntwana. Kodwamanje, njengoba usuba ngomdala, uqala ukuqonda futhi utholaukuthi yonke into yayihlelwe kahle nje. Futhi, wena, kushookuthize ngempela kuwe manje.40 Kunjalo nasekuzalweni kwakho kokomoya. Wenza izintoongaziqondi, uma useyingane encane, uza ealtare. Unikelaimpilo yakho kuKristu. Wenza izinto ezixakile nje. Uyamangalaukuthi kungani wakwenza. Kodwa emva kwesikhashana,uma usuvuthwa, njengamaKristu asevuthiwe, khona-keniyakuqonda. Niyabo? Ikhona into ephakamisayo. Niyabonaukuthi kungani nakwenza. Ukuzalwa kwenu kokomoya!Ukuzalwa kwenu kwemvelo kufanekisa okwenu kokomoya.

Ukuthi kufanelana kanjani kini—kini, kulokhu ukuphila,lapho nikhula, yonke into ifanelana kahle, ngoba nenzelwalokho. Kwakungesiyo yini into exakile, ngobusuku enabhadazelangabo niyongena emishini, umhlangano wethende, nomaindlu yokukhonzela encane ndawondawo ekhoneni, nentoethize umshumayeli ashumayela ngayo, indaba ethize, futhinawela ngqo ealtare na? Niyabo? Niyabo? UNkulunkuluwayekwazi lokho, ngaphambi kokusekelwa kwezwe. Niyabo?Kwa—kwabonakala kuxakile kini, ukuthi nina nakwenzelaningaleyonkathi. Kodwa manje seniyaqonda; niyazi ukuthikwenzekani. Kwenela kakhulu kini kulokhu ukuphila, kantikuzoba njalo futhi ekuPhileni okuzayo. Lelizwe nokuphilakwalo kubonakala ku—kuqhubeka lapho nivuthwa. Yonke intoibonakala ihamba kahle nani.41 Angikholelwa e…ukuthi umuntu kwenzeka nje wabalapha ngeshansi. Manje cabangani nje, ngenkathi nifika e—ezweni, yonke into yadingeka nilungiselwe yona ngaphambili,noma ilungiselwe ngaphambili, njalo, yenzelwa nina. Angiqondingempela ukuthi besingacabanga kanjani ukuthi uNkulunkuluowakwazi ukusilungisela zonke lezizinto ezinhle ubenge…besingeke sabeka ithemba kuYe. Ukuthi, uma Asilethakulenxushunxushu esikuyo manje, futhi wasilungisela izintoezinhle lapha, singaMethemba kakhulu kangakanani ukubaalungisele izinto ezayo, niyabo, izinto zaPhakade! Kubonakalasengathi, ngiyasho, kuyisimanga kakhulu.42 Futhi a—angikholwa ukuthi iZulu liyindawo umamaayevamise ukungitshela ngayo. Ngikholwa ukuthi iBandlaselikhulile kulokho. Ukucabanga, kwakuvamise ukuba njalo,eminyakeni eyikhulu eyadlula, noma amabili, ngicabangaukuthi izingwazi ezindala zazivamise ukucabanga ukuthi wonke

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

umuntu owayefa wayeya eZulwini futhi abe nehabhu, bese—bese ehlala phezulu lapho emafwini bese—bese eshaya ihabhu.Manje, babazi ukuthi kwakukhona indawo ebizwa ngeZulu.Kodwa, bona, uma lokho kunjalo, bonke abashayi bezinsimbibebezoba nakho kithi, niyabo. Kodwa thina…Kodwa a—akusilona lolohlobo lwendawo. Akusikho ukushaya amahabhu,nhlobo. Ngiyakholwa, angikholwa ukuthi iBhayibheli lifundisalokho. Kodwa lowo kwakungumcabango ababenawo ngaphambikokuba ukugcwala kweZwi kube khona, noma ukuvulwakweziMpawu eziyisiKhombisa, esithenjiswe khona kulonyaka,ukuthi sesiyaqonda-ke.

Ngikholwa ukuthi iZulu yindawo yangempela, ifananje njengoba lena kuyindawo yangempela, niyabo, ngokubauNkulunkulu wasiqala ekukhuleni kwethu kukamoyakulendawo. Futhi ngikholwa ukuthi iZulu yindawo eyiyongempela nje njengalena, lapho esingahlali phezulu laphoiPhakade futhi nje sihlale lapho efwini. Asiligubhuzi njeihabhu lethu, kukho konke—konke lapha, njalonjalo. Kodwasiya endaweni yangempela lapho esizokwenza khona izinto,lapho esizophila khona. Sizosebenza. Sizokujabulela. Sizophila.Siya ekuPhileni, ekuPhileni okuPhakade kwangempela. SiyaeZulwini, iparadisi. NjengoAdamu noEva nje basebenza, futhibaphila, futhi bayadla, futhi bakujabulela, ensimini yase-Edene ngaphambi kokuba isono singene, sisendleleni yethusibheke emuva ngqo lapho futhi, ngqo, emuva ngqo. UAdamuwokuqala, ngesono, usikhiphile. UAdamu wesiBili, ngokulunga,usibuyisela phakathi futhi; uyasilungisisa futhi usibuyiselaphakathi.

43 Nina bantu enithatha amateyipu manje, umlayezowokulungisiswa, ngifuna niwuthathe. Futhi nithatheamateyipu, ngifuna nikuthole lokho. Ngakhuluma ngakho,lapha esikhathini esingeside esedlule.

44 Buka ukuthi ukanjani umzali wakho wasemhlabeni,ngaphambi kokuba ufike lapha, ngaphambi kokuba bazi ukuthiwawuzofika, wakulungisela ukufika kwakho. Cabanga njengalokho manje, abazali bakho basemhlabeni. Okungukuthi,umzali wasemhlabeni ungumfanekiso kuphela woMzaliwasezulwini. “Uma sazi ukuthi sibapha kanjani izipho ezinhleabantwana bethu, wazi kakhulu kangakanani-ke uBaba wethuwaseZulwini ukupha abantwana baKhe izipho ezinhle.” UJesuwakhuluma lamaZwi. Niyabo?

Bayakulungisela ukufika kwakho. Benza umbhejana, nomababe namancane, amabhuzu athize amancane, nezinguboezincane, kanjalonjalo. Balungisela, yonke into ukuba wenaufike, balungisela ngaphambi kokuba ngisho uze ufikeemhlabeni.

IZINTO EZIZOBA KHONA 15

45 UJesu uye ukuyolungisela ukufika kwethu lapho. Manjeqaphelani. “EKhaya likaBaba waMi kunezindlu eziningi.”Noma, asi…

Angiqondile ukwenezelela eZwini, noma ngisuse kuLo,ngoba asifanele senze lokho. IZambulo 22 zathi, “Oyonezela izwielilodwa, noma asuse iZwi kuLo.” Kodwa nje ake ngenze lokhu,kungenjengaso isenezelo, kodwa nje uku—ukuveza iphuzu.

“EKhaya likaBaba waMi kunezinhlobo eziningi zezindlu.”Angikholwa ukuthi uma sifika eZulwini ukuthi siyoba, njewonke umuntu ubukeka efana nje ncamashi. Angikholwaukuthi—ukuthi bonke bayoba nebala elikhanyayo, nomaabanezinwele ezinsundu, noma—noma abancane, noma—nomababebakhulu bonke, noma—noma babe yiziqhwaga bonke.

Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkuluwezinhlobonhlobo. Izwe liyakufakazisa lokho. Unezintabaezinkulu nezintaba ezincane. Unamathafa. Unezingwadule.Unezinto ezehlukene, ngoba Wakwenza ngendlela Ayekufunangayo. Futhi Wenza izinkathi zonyaka; ihlobo, ubusika,intwasahlobo, intwasabusika. Wenza izinkathi zonyaka.Kukhombisa ukuthi UnguNkulunkulu wezinhlobonhlobo.Wanenza ngezinhlobonhlobo. Amanye amadoda azikhukhumezangempela; namanye angazidlayo ngempela; namanye akahle;amanye anomusa. Futhi nithola nje zonke izinhlobo ezahlukenezabantu, naseMbusweni waKhe. Niyabo?46 Bukani uPetru oNgcwele, futhi nimehlulele ngoAndreya.Niyabo? NoAndreya uyileloqhawe lomkhuleko, nje wayehlalaemadolweni akhe ngaso sonke isikhathi. Nomphostoli uPetruwayengomunye walezozikhuni zomlilo esasishumayela,ka—kanjalokanjalo. NoPawulu wayesengathi uthe ukubayisifundiswa kakhulu, kakhulu we…njengomprofethi, nomaenye into, futhi eqhiyama.47 Futhi, niyabo, uMose waloba iziNcwadi zokuqala ezinezeLidala. Okungukuthi, waloba iTestamente eLidala. Konkeokunye kwalo kwakuyimithetho, namakhosi, namahubo,kanjalonjalo, nalokho omunye akuloba ngabaprofethi.Kodwa uMose waloba imithetho, iziNcwadi zokuqalaezine zeBhayibheli; uGenesisi, uEksodusi, uLevitikusi,noDuteronomi.48 Kwase kuthi-ke uPawulu waloba iTestamente eLisha.Lokho kuqinisile. UMathewu, uMarku, uLuka noJohanebaloba izenzo zalokho okwenzekile, kanjalonjalo. KodwauPawulu wehlukanisa umthetho nomusa, wayesekufakaendaweni yakho. Niyabo? Wayengumlobi weTestamente eLisha.Wasinika imibhalo yeTestamente eLisha, ehlela kahle iZwilikaNkulunkulu.

Manje qaphelani, eziningi, “izindlu eziningi,” izinhloboeziningi zezindlu.

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

49 Njenge, ziningi izinhlobo zamagquma; njenge, ziningiizinhlobo zemifula, iziphethu, amachibikazi. Kwakulaphangenkathi nina nifika lapha, kuqala, ngenxa yokuthi umusakaBaba wenu oseZulwini wazibeka lapha. Ngoba, amanyeamadoda ithanda izintaba. Abanye abantu uthanda amanzi.Abanye uthanda izingwadule. Ngakho, niyabo, ukufika kwenu,Wayeyazi imvelo yenu nokuthi niyoba yini, ngakho Wakwenzanje ngendlela enaningakujabulela ngayo. O! Ngicabanga ukuthilowo nguBaba omangalisayo, niyabo, ukwazi ukuthi Wakwenzakanje.

Ngiyajabula ukuthi Wenza izintaba. Ngi—ngiyazithandaizintaba. Ngi…Futhi ngi—ngiyakuthanda lokho. Lapho,abanye, “O, ngeke ngama…O, Ufanele ukuthi wathululaibhokisi laKhe likakhonkolo lapho.” Awu, Walithulula ukuzengikujabulele. Niyabo? Ngakho-ke uthi, “Ngithanda amathafa,lapho engingabona khona kude.” Awu, izimvelo ezimbiliezehlukene, sobabili singamaKristu.

Kodwa uBaba wayazi ukuthi niyoba lapha, futhiwanilungisela yonke into ngaphambi kokuba nifike lapha.Amen. Ukufika kwenu kokuqala, lapha, Wayenakhosekunilungele ngenkathi senifike lapha. Lokho akumangalisina ukucabanga ukuthi Wenzeni na?50 Manje, manje, kodwa khumbulani, lezi ziyiziphozesikhashana kuphela, emfanekisweni. “Manje, siyazi ukuthiuMose, ekwakheni itabernakele ehlane, noma elilungisa,wathi wenza zonke izinto ngokohlelo lwalokho akubonaeZulwini.” Niyabo? Ngakho, izinto zasemhlabeni ziveza kuphelalokho izinto zaPhakade eziyizo. Futhi uma lomhlaba esiphilakuwo namhlanje, umkhulu kangaka, njengoba siwuthanda;futhi sithanda ukuphila, futhi siphefumule umoya, futhisibone amaflawa nezinto; uma—uma lokho, uma lokhu laphakungukuveza, lelo elifayo liveza lelo eliPhakade. Uma nibonaisihlahla sizabalaza, sidonsa, sizama ukuphila, lokho kushoukuthi kukhona isihlahla ndawondawo esingadingi ukuba senzelokho.

Uma ubona umuntu lapha, ezabalazela ukuphila, umuntumumbe esibhedlela, noma esembhedeni wokugula, nomaesengozini, ezabalaza, nokukhohlozela kokufa kusemphinjeniwabo, futhi bedonsa, futhi bekhala, futhi bempongolozelaukuphila, kusho ukuthini lokho na? Kukhona indawo,ndawondawo, kukhona umzimba ongazabalazi futhiumpongolozele lokho. Niyabo? Nje awukwenzi.51 Manje, ziyizipho zesikhashana kithi, lezizinto, zivezakuphela ukuthi ukhona Olapho OngoPhakade khona. YilokhouJesu ahambele ukuyokulungisela, Lowo oPhakade wethu.Manje, kuphela ziveza ukuthi kukhona olukhulu kakhululohlobo olufanayo, ngoba lezi ziwuhlobo olufanayo.

IZINTO EZIZOBA KHONA 17

52 Manje, khumbulani, iBhayibheli lathi, “Uma lelidokodolasemhlabeni lokuhlala kwethu, uma libhubha, libhidlizwa,sinalo eselivele lilindile.”

Njengengane encane nje, imisipha yayo emincane, kumama,iyatshikiza futhi iyaphenduka. Futhi, kodwa nje…Niyabo?Futhi niyaqaphela, ungathatha owesifazane, uma onakelekakhulu impela; kodwa uma eseba ngumama, isikhashanangaphambi kokuba leyongane izalwe, kukhona umusangowesifazane. Yiya ngakuye, njalo kukhona into ethize,uthambe kakhulu. Ngani na? Kukhona umoya wengelosiomncane ulungele ukwemukela lowomzimba wemvelo. Masinyanje lapho izalwa, ukuphefumula kokuphila kungena kuwo.NoNkulunkulu uwuphefumulela phakathi lapho, futhi ubangumphefumulo ophilayo. Manje, ithi nje lengane ingazalwa,khona-ke umzimba kamoya ulapho ukuwemukela.

Futhi manje, uma lomzimba uqathaka lapha, kulomhlaba,njengengane iqathaka, kanjalo futhi kukhona umzimbaongafiyo olindele ukwemukela umoya ubuye uyongenakuwo uqobo futhi. O, into enkulu kangaka pho! Manje si—sikuKristu Jesu, (amen), izingane, izingane kuKristu, abantwanabakaNkulunkulu, silindele ukukhululwa okugcwele, ekuFikenikweNkosi yethu uJesu, u…ukusemukela senyukele kuYe, umaumzimba, lo ofayo, uyothatha ongafiyo.53 Ukufana, zonke izinto Azenzayo, kuveza izinto ezizayo.Uthi nje umzimba ungakunika lapha, lapho nje lomzimba,Wakunika ukuba uphile kuwo, kuveza kuphela ukuthi ukhonaomkhulu kakhulu, nokho, ozayo. Niyabo? “Uma sithwala, nomasithwale umfanekiso wowasemhlabeni, kanjalo siyothwalaumfanekiso wowaseZulwini,” ongaphathi bubi kulona ozayo.Manje, lona uphatha ububi, ukugula, ukufa, usizi. Ngisandakuveza nje lapha, esikhathini esingeside esedlule, ngishumayelangokuthi INguquko YeZwi LikaNkulunkulu, kokuthi u—ukanjani lomzimba, unobubi kuwo.54 Nayo yonke lempucuko yesimodeni esiphila kuyoingekaDeveli. Anikukholwa lokho na? IBhayibheli lithiiyiyo; lelizwe, wonke uhulumeni. Asifuni ukukukholwalokho. Kodwa iBhayibheli likubeka ngokucacile, ukuthiwonke uhulumeni, wonke umbuso womhlaba, uphethwenguDeveli futhi ubuswa nguDeveli. UJesu wathathwanguSathane, phezulu, futhi waMkhombisa yonke imibusoyezwe owawukhona, owawuyobakhona, nokunye. NoSathanewayithatha ngokuthi ingeyakhe, yakhe, noJesu akazangeaphikisane naye, ngoba ungunkulunkulu walelizwe. Niyabo?Futhi wathi, “NgizoKunika yona uma Uzoziwisa phansifuthi ukhuleke kimi.” Niyabo? Wayezama ukuyinikelakuJesu, ngaphandle komhlatshelo. Niyabo? KwakungumtitilizoayezoMenzela wona.

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kodwa izwe lalonile. Ngakho, inhlawulo yesonokwakungukufa, futhi Wayefanele afe. Yingakho uNkulunkuluwabonakaliswa enyameni, ukuze Athathe ukufa kube kuYe,ukukhokha inhlawulo. Ayikho into ezobuya. Ayishayiweuphawu. Ngokoqobo, ikhokhelwe ngesihle. Sonke isikweletusikhokhiwe. LingelaKhe manje. Futhi siyizithunywa zoMbusowaKhe, sibuthene lapha ndawonye kulobubusuku, eGamenilikaJesuKristu iNkosi yethu, sihlezi ezindaweni zaseZulwini.55 Manje, kulelizwe esiphila kulo, lemfundo. Ngifunaukukufakazisa kini. Imfundo, isayense, impucuko, nazozonke lezizinto esibonakala sizijabulela kakhulu namhlanje,zingezikaSathane, futhi ziyobhubha. Wena uthi, “MfowethuBranham, impucuko?” Yebo, mnumzane. Lempucuko ifikangoSathane. UGenesisi 4 uyakufakazela. Indodana kaKayini,niyabo, yaqala lempucuko, yakha amadolobha, namaogani,kanjalonjalo. Nempucuko yafika ngokwazi. Ukwazi yilokhouDeveli akuthengisela uEva, ensimini yase-Edene, eyambangelaukuba acindezeleke, eqe umyalo kaNkulunkulu.

Ngakho kuyobakhona impucuko ezweni esiya kulo, kodwaingeke ibe yiloluhlobo lwempucuko, ngokuba kulempucukosinokugula, usizi, inkanuko, ukufa, yonke into kulempucuko,ayilungile. Kodwa kuleyompucuko akuyikubakho nokukodwakwalezizinto. Asiyikuyidinga isayense.

Isayense iyimpendukezelo yokwasekuqaleni, empeleni.Niyabo? Nihlakaza umsuka wezinto imolekhuli, ukuhlakazaama-athomu futhi nenze ukuthi-no-kuthi, ukuba niziqhumise.Nithatha umsizi wesibhamu, niqhumise lokhu, ukubanibulale into ethize. Nithatha imoto. Futhi nikhiphe upetroliemhlabathini, nezinto zokusebenza nizikhiphe emhlabathini,ukuba nidedele amafayibha, ukuze kuniqhumise. Bese nehlangomgwaqo ngamamayela angamashumi ayisishiyagalolunyengehora, bese nibulala umuntu. Niyabo? O, ninovalo kakhulu,nimpintshe, futhi nisheshise; sifanele sifuqe, futhi sithathe. O!Niyabo? Konke kungokukaDeveli.

UMbuso kaNkulunkulu awuyikuba nazo izimoto,amabhanoyi, kumbe noma yiyiphi yezimpumelelo zesayense.Qhabo. Awuyikubanamfundo, nhlobo. Kuyoba yimfundoephakeme kakhulu impela kule, ukuthi lena ngeke ngisho izeicatshangwe. Niyabo? Imfundo, impucuko, nakho konke lokhu,kuvela kuSathane.

Manje, wena uthi, “MfowethuBranham, ufundelani, pho?”56 Niyabo, kufana nokuthi nje, ngizigqokelaniizingubo manje na? Empucukweni eyayizofika, leyoeyayisekuqaleni, babengadingi-zingubo. Babembozwengeveyili. Babengenasizathu sokugqoka izingubo, ngobababengazi ukuthi babehamba-ze. Manje ni…Manje nithola,ukuthi, phakathi manje, manje-ke, ukuthi siyazi ukuthi si—si—

IZINTO EZIZOBA KHONA 19

si—sihamba-ze, isono sihlala lapha, manje-ke sifanele sigqokeizingubo. Kodwa kwakungenjalo ekuqaleni; kwakungekho-sono. Niyabo?57 Manje, into efanayo isendleleni yempucuko, ngakho konke.Siyafunda. Siyabhala. Senza lokhu. Kodwa ningalokothinilandele kulokho. Ningalokothi nikwenze lokho kubengunkulunkulu wenu, ngokuba lokho ngunkulunkuluwobukhomanisi. Niyabo? Akusikho okukaJesuKristu.58 UJesu Kristu ungokukholwa; hhayi lokho ongakufakazisangokwesayense, kodwa lokho okukholwayo. Ngekenganifakazisa ngokwesayense kini, kulobubusuku, kulendlu,ukuthi kukhona uNkulunkulu, kodwa nokho ngiyazi ukuthiUlapha. Kodwa, ngokukholwa kwami, kuyakuqinisekisa.

UAbrahama wayengenakufakazisa ngokwesayensekini ukuthi wayezoba nengane kulowo wesifazane, futhiyena esesondele eminyakeni eyikhulu ubudala. Kodwaukukholwa kwakhe kwakuqinisa. Niyabo? Akadingangasifakaziso sesayense. Ngani, i…Ngani, udokotela wayezothi,“Ikhehla liyahlanya, phandle lapha lithi lizoba ne—nenganengalowo wesifazane; lona lineminyaka eyikhulu ubudala,naye enamashumi ayisishiyagalolunye.” Kodwa, niyabo,uNkulunkuluwasho njalo, ngakho akuthathi isayense. Kuthathaukukholwa, ukukholwa iZwi likaNkulunkulu, hhayi isayense.59 Ngakho, izikole zethu nezinto zingukuqhuma. Njengoba,uNkulunkulu akazange athi, “Hambani nenze izikole,” nomangisho, “nibe nezikole zeBhayibheli.” Niyakwazi lokho na?[Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Wathi, “Nishumayele iZwi.”Kunjalo impela. Izinqubo zethu zezemfundo zisithathazisiqhelise kude noNkulunkulu kunanoma yini into engazingayo, kunjalo, siqhele kude noNkulunkulu. Akusikho ukwakhaizikole, izibhedlela, kanjalonjalo; lokho kwakungokwezwenokwaleloqembu. Kodwa, angimelene ngalutho nabo; babambaiqhaza labo, kodwa lokho kusalokhu kungesikho lokho.

Sakha isibhedlela, kahle kakhulu, futhi sisebenze ngomuthiodlula yonke esinayo, nezinkulungwane zifa nsuku zonkekuso. Kodwa, o, he, eMbusweni kaNkulunkulu, akukho-kufa, akukho-sizi. Amen. Akukho sidingo salezizinto zezwe.Kodwa sedlulile kulento, sangena emaqinisweni kaNkulunkulu;lapho esizabalaza khona kanzima kakhulu ukuzama ukuthola,ngesayense. Futhi uma sithola ukuba ngabesayense kakhulu,siletha okuningi ukufa kithi uqobo. Silwa impi yokwehlulwalapho, ngakho zikhulule kuyo. Futhi ngokukholwa, asikholweuJesu Kristu iNdodana kaNkulunkulu, kulobubusuku, futhisiMemukele. NguYe.60 Inilungiselela ini isayense na? Okuningi ukufa. Kunjalo.Iziputniki imishini ethwebula emkhathini nayo yonke intoyenyuka, zonke lezizinto, ukusabalalisa ukufa nayo yonke into

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

emhlabeni wonke. Ningakubuki lokho. Phendukisa ikhandalakho liphakame kakhulu kunalokho, ngaseZulwini. Bukalapho uJesu ehlezi khona, “Ngakwesokunene sikaNkulunkulu,”kulobubusuku, “ephilela njalo ukwenza izinxuselo ekuvumenikwethu.”Kwani na? Siyalikholwa iZwi laKhe ukuthi liyiQiniso.61 Manje, siyathola, lokhu ukuphila kuphethe zonke izinhlobozobubi, ngakho ngakho-ke ukuphila okuzayo ngeke kube nakho.Lokhu kunenkanuko, nokugula, ukufa. Ngoba, kuyini na?Akusiyo indlu Aye ukuyoyilungisela. Lena yindlu yabaguliswayizinhlupho. Bangaki abaziyo ukuthi yini indlu yabaguliswayizinhlupho na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Impela. Awu,yilapho ophila khona. Indlu yabaguliswa yizinhlupho yilaphoababeka khona bonke abantu abanezifo. Awu, lokho yilokho njeisono esikwenze kithi, sisifaka endlini yabaguliswa yizinhluphoyasemhlabeni. Nani…Babengavumeli noma yimuphi omunyeumuntu angene endlini yabaguliswa yizinhlupho, ngobakukhona zonke izinhlobo zamagciwane ahamb’endiza phakathilapho, na—nabantu bayothatha lamagciwane futhi—futhibagule, bona uqobo. Nesono sasifaka endlini yabaguliswayizinhlupho kaDeveli.62 O, kodwa enye ibizwa nge, “Khaya likaBaba waMi.”“Ngihamba ukunilungisela indawo. Nginikhiphe kulendluyabaguliswa yizinhlupho futhi nginikhulule ningene eKhayalikaBaba waMi.” Amen. Nakho lapho okhona; nginikhiphekulendlu yabaguliswa yizinhlupho endala yasemhlabeni. Uyeukuyolungisela indawo, indawo ephelele lapho okungekho-bubiobukhona, okungekho-kugula okukhona, okungekho-kugugaokukhona, okungekho kufa okukhona.

Kuyindawo ephelele ikubizela kulokho kuphelela, futhiufanele uphelele ukuze ungene lapho. IBhayibheli lashonjalo. UJesu wathi, “Ngakho-ke manibe-ngabapheleleyo,njengokuba uYihlo waseZulwini ephelele.” NguMbuso ophelele,ngakho kufanele kube ngabantu abaphelele abezayo. Ngoba,nifanele nime futhi nishade neNdodana kaNkulunkuluephelele, futhi nifanele nibe nguMlobokazi ophelele. Ngakhoningakwenza kanjani nganoma yiyiphi enye into ngaphandlekweZwi likaNkulunkulu eliphelele, okungukuthi, “AManziokwehlukanisa, asigeza ezonweni”? Amen. Kunjalo. IGazilikaJesu Kristu, cabangani ngaLo, elivuzayo, iZwi elineGazi.Amen. IGazi, i—iZwi likaNkulunkulu lopha iGazi, ukugezauMlobokazi phakathi. Amen. Yebo, mnumzane. Limi liphelele,intombi, engaxutshwe nalutho. Alikaze lone, endaweniyokuqala. Amen. Labhabheka kukho. Niyabo?

Nanto iKhaya likaBaba Aye ukulilungisela.63 Leli lifika ngocansi, nasekuweni, futhi lifanele liwe nokuwa.Akunandaba ukuthi uyiphesha kangakanani into endala, lizowa,noma kanjani. Liphelile, ngoba lilahliwe, ngoba uNkulunkulu

IZINTO EZIZOBA KHONA 21

washo njalo. Liphelile. UNkulunkulu uzolibhubhisa. Washonjalo. Kuzobakhona ukulungiswa kabusha kwayo yonke into.Niyakukholwa lokho na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]

Ekuqaleni, ngenkathi izwe lalibe nokuzalwa kwalo,ngenkathi uNkulunkulu edonsela amanzi emuva, kuqala, esukaemhlabeni, njengoba Enza emanzini esizalweni sikamama,kwakukhona izwe elizalwayo. Yebo. Nabantu baqala ukuhlalakuwo ngenkathi uNkulunkulu ebabeka lapho. Base-ke beqalaukona. Futhi wabhaphathizwa, ngokucwiliswa, ngezinsukuzikaNowa.Wase-ke ungcweliswa yiGazi loMdali liconsela phezukwawo.

Futhi manje yileyondlela enifika ngayo, ngokulungisiswa,ukukholwa uNkulunkulu. Nabhaphathizelwa ekuphendukeni,noma, futhi, kukho ukuthethelelwa kwezono zenu. Nazivumaizono zenu phambi kukaNkulunkulu, futhi Wanithethelelangaso. Futhi wabhaphathizwa, ukukhombisa ukuthi wawukade,wawukade usuthethelelwe; uvuma kubantu, futhi ukhombisaezweni, ukuthi uyakholwa ukuthi uJesu Kristu wakufela. Futhiu…Wathatha indawo yakho, futhi wena uma endaweni yaKhe.Uba nguwe, ukuze wena ube nguYe.

Kwase kuthi-ke amandla kaNkulunkulu angcwelisayoahlanza yonke imikhuba yaphuma empilweni yakho.Wawuvamise ukubhema, ukuphuza, wenza izinto engalungile,ukhuluma amanga, yonke into. Kwase kuthi-ke amandlaangcwelisayo eGazi likaJesu Kristu angena empilweni yakhofuthi asusa zonke izinto kuwe. Uma kwenzeka usho intoengalungile, masinya thana, “Awume kancane. Ngixolele.Bengingaqondile ukukusho kanjalo.” Niyabo? UDeveliunonoxhaka ohlezi lapho. Kodwa unomusa wokubuya, umaungumKristu wangempela, uthi, “Benginephutha.” Yebo.Ngakho, ngakho-ke, manje, i…64 Manje, into elandelayo oyemukelayo, kwabangumbhaphathizo kaMoya oNgcwele noMlilo.

Manje, uNkulunkulu, uma lesisikhathi seminyakaeyiNkulungwane sesedlule, uNkulunkulu uzonika izweumbhaphathizo womlilo. Uzoqhumisa yonke into. “Amazulunomhlaba kuyosha.” UPetru washo njalo. Nento iyobanombhaphathizo womlilo, ukulungiswa kabusha kwayo yonkeinto. Kuyobe-ke sekubakhona amazulu amasha nomhlabaomusha. Lokho kungukuthi, ngenkathi, lapho okuhlala khonaokulungileyo.

Yilapho esikhona. Sesisuke ekubeni yizidalwa ezifayo,ekubeni yizidalwa zesikhathi, saya ekubeni yizidalwazaPhakade. Ngenkathi iZwi likaNkulunkulu lokhelaimiphefumulo yethu, futhi siba amadodana namadodakazikaNkulunkulu, nezinxenye ezingehlukaniseki, imbewanaesokhalweni lukaNkulunkulu ikithi, ukuba sibe amadodana

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

namadodakazi kaBaba, uNkulunkulu eZulwini, simemeza,“Aba, Baba! Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, eKhayalikaBaba wami.”65 Manje, lelizwe elidala lifanele liwe, ngoba lifika ngocansi.Futhi lifika ngokungalaleli, ekuqaleni. Futhi sazalwa laphangocansi, ngokuwa, futhi lifanele libuyele emuva ngqo ngendlelaefanayo, ekuweni. Kodwa lo Anilungiselela lona manje, angekelawa, ngoba Ulenza kanjalo. “Ngiye…”

Ukuba-ke besidingeke nje ukuba sihlale kuloluhlobolomzimba na? Anijabuli yini ukuthi kukhona into enjengokufana? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Manje akusiso isimanga lesona? Kodwamanje, ake sithi, isibonelo nje…

Eminyakeni embalwa edlule, ngangingumfanyana,futhi manje sengiyindoda ephakathi nendima yempilo.Nginomngani ohlezi khona lapho, uMnu. Dauch, futhiuneminyaka engamashumi ayisishigalalolunye-nantathuubudala, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Mbukeni manje.Engamashumi amane noma eminye iminyaka engamashumiamane-nanhlanu, lowo bekuyoba yimina. Manje beka eminyeiminyaka engamashumi amane kuye. Ubungayaphi na? Intokuphela…66 Ngiyajabula ukuthi kukhona into esikhipha kulendluyabaguliswa yizinhlupho. Kukhona umnyango ovulekileyo,futhi ubizwa ngokufa. UJesu umi kulowomnyango. Amen.Uyongiqondisa ngaphesheya komfula. Uyongithathaangedlulise kulowomnyango. Kukhona umnyango omkhuluomi ngaleya, obizwa ngokufa. Futhi ngaso sonke isikhathiuma inhliziyo yakho ishaya, usondela ngokushaya okukodwakuwo. Futhi ngoluny’usuku ngifanele ngifike kulowomnyango.Nifanele nifike lapho. Kodwa uma ngifika lapho, angifuni ukubayigwala. Angifuni ukumpongoloza futhi ngihlehlele emuva.Ngifuna ukufika kulowomnyango, ngizisonge ngezingubozokulunga kwaKhe (hhayi ezami), ezaKhe.

Ngalokhu ngiyazi, ukuthi, “NgiMazi emandleniokuvuka kwaKhe.” Ukuthi, uma Ebiza, ngiyophumaphakathi kwabafileyo, ukuba ngibe naYe, ngiphumekulendlu yabaguliswa yizinhlupho. Noma yikuphi lapholomzimba ongawela khona, futhi noma yikuphi la ungawelakhona, futhi noma ungehlela kuphi, noma ngabe kuyini,ngiyophuma ngoluny’usuku, ngoba Wangethembisa Lona. Futhisiyakukholwa. Yebo,mnumzane.WenzaLowo ongenakuwa.67 Qaphelani ukuthi ukanjani umama okhulelwe, emhlabeninamhlanje, ukuthi umzimba kamama uthandiswa kanjani izintoezithize. Ngikhuluma, ngiqagele futhi ngiyethemba, kubo bonkeabadala abazoqonda. Umama, ekuzalweni kwengane, umakukhona into eshodayo emzimbeni wakhe, uqala ukuthandiswainto ethize. Bukani ukuthi ubaba ukanjani…

IZINTO EZIZOBA KHONA 23

Ngiyakhumbula sakhuliswa, singumndeni ompofu kabi,futhi—futhi cishe impela sasingenalutho esizoyidla ngenkathisiseyizinganyana. Abaningi benu babehlupheka ngaleyontoefanayo.

Ngakho ukuthi kanjani ukuthi, ngenkathi, ngaphambikokuba izingane zizalwe, umama wayethandiswa into ethize.Nobaba wayevele nje ancwebe amakhona, yonke into, ukubaamtholele yona. Niyabo? Nguye, umzimba, umzimba wakhe,ikalsiyamu isakhamathambo kanjalonjalo yomzimba wakhe,nezakhamzimba azidingayo. UJunie uyakhiwa, niyabo, futhiuthandiswa izinto, ukudla komntwana ozayo. Nokuthi kanjani,abazali, bazama ukukuthola ukuze ingane izozalwa ngakhokonke ngokuphelele nokujabula okungenzeka. Niyabonaukuthi abazali benu bayokwenza kanjani? Uma kukhona intoedingekayo, umama uyafakaza ngakho, niyabo, umgudu wakheuyakhiwa. Niyaqonda na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]Lokho, ukuthi kubanjani uma kukhona into ethize edingekayolapha, kumntwana ozayo, u—umama uqala ukuthandiswalokho.68 Manje, yimani umzuzu nje. Kungani sinezimvuselelona? Kungani sibuthane ndawonye na? Kungani ngihlalanjalo ngisola abantu na? Kungani ngibiza nina besifazanebePentecostal, “Yekani ukufaka opende, ukuzipenda ubuso,nokuphungula izinwele zenu, nezinto ezinjalo”? Kungani ngisholokho na? Ngoba, indlela eyifeshini endala yephentekosteyayingavamile ukwenza lokho. Indlela yangempelayeBhayibheli ayisiyo eyokuba kwenziwe lokho. Nigqokalezizikhindi nezingubo ezingezabesilisa, niyazi yini ukuthiiBhayibheli lithi kuyiyisinengiso kuNkulunkulu na? [Ibandlalithi, “Amen.”—Umhl.] Kodwa siyakuvumela. Kungani uMoyaoNgcwele ulokhu umemeza kakhulu na? Uyazi ukuthi kukhonaokushodayo lapho. Sifanele sibe semumweni ogcwele kaJesuKristu. Sifanele sibe amadodana namadodakazi kaNkulunkulu.Sifanele siziphathe njengabantwana bakaNkulunkulu.69 Kudala, kwaxoxwa indaba endala. Ngaqaphela omunyeumfowethu oyikhaladi ehlezi ngemuva. ENingizimu,babevamise ukuthengisa izigqila. Futhi lokhu, ngenkathibenezigqila ezansi lapho, ngenkathi kusekhona izigqila,ngaphambi kwenkululeko, yesimemezelo. Futhi babehambabayozithenga, labobantu, njengoba nje babengenza e—emotweniesisetshenzisiwe, umthengisi. Babenohlu lokuthengisa, futhibethengisa lezozidalwa ezingabantu sengathi nje babe—babeyizimoto esezisetshenzisiwe. Unohlu lokuthengiswayonabo.70 Ngesinye isikhathi umthengi uyafika, umthengeli oqashiwe.Futhi wayezo…Wayejikeleza lamaplazi amakhulu beseethenga izigqila. Futhi ufika kwelikhulu iplazi elithize laphoababenezigqila eziningi, futhi wayefuna ukubona ukuthi

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

babenezingaki. Futhi zonke zaziphandle lapho, zisebenza. Futhiza—zazidabukile. Zazikude nekhaya. ZazingezaseAfrika.

Babezilethe ngapha. AmaBhunu ayebalethe ngaphafuthi abathengisa baba yizigqila, futhi ngakho zazidabukekakhulu. Zazazi ukuthi ngeke ziphinde zibuyele ekhayafuthi. Zaziyohlala futhi zifele ezweni. Futhi babekade,izikhathi eziningi, babephatha iziswebhu futhi bazibhaxabule.Zaziyimpahla yomninizo, futhi wayenza ngazo lokho ayekufuna.Futhi nje zi…Uma esibulele, usibulele. Futhi uma yena,noma ngabe kwakuyini, wayekwenza nje. Lobo ngubugqila,njengoba uIsrayeli wayenjalo, ne—neziningi zezizwe zazilethweebugqilini. Futhi babethatha lezozigqila ezimpofu. Zazikhonzanje. Zazikhala, niyazi, ngaso sonke isikhathi, futhi zidabukile.71 Kodwa baqaphela esisodwa salezozigqila, umfo osemncane,wayeqhoshe ngesifuba, ikhanda lakhe libheke phezulukanjalo. Babengasibhaxabuli neze. Babengasitsheli neze ukuthiasenzeni. Ngakho lowomthengeli oqashiwe wathi, “Ngifunaukuthenga lesosigqila.”

Wathi, “Asithengisi.”Wathi, “Ngithanda ukusithenga.”Wathi, “Qhabo. Asithengisi.”Wathi, “Ngabe singubasi wazo zonke na?”Wathi, “Qhabo.”Wathi, “Asisuye ubasi. Siyisigqila.”Wathi, “Awu, mhlawumbe usondla ngokwehlukile kunoma

wondla zonke ezinye.”Wathi, “Qhabo. Zonke zidla phandle lapho ekamelweni

lokuphakela, ndawonye.”Wathi, “Yini eyenza lowomfana ehluke kakhulu kangaka

kunazo zonke ezinye na?”Wathi, “Nansi into eyodwa. Ngake ngamangala isikhashana,

nami. Kodwa lowomfana, owezizwe eAfrika, kodwa eAfrikauyise uyinkosi yesizwana. Futhi, nokho, ungowezizwe ekudenekhaya. Uziphathisa okwendodana yenkosi. Uyakwazi lokho,phesheya kwezwe, ukuthi uyise uyinkosi yesizwana. Futhi manjeuyaziphatha, ngoba uyazi ukuthi uyindodana yenkosi.”72 O, mfowethu, dadewethu, wena nami, kulelizweesiphila kulo, asiziphathise okwamadodana namadodakazikaNkulunkulu. Singabezizwe lapha, kodwa ukuziphathakwethu kufanele kuhambisane nemiyalo kaNkulunkulu, ukuthisingamadodana namadodakazi kaNkulunkulu. Ukuziphathakwethu, sifanele sinyakaze futhi senze, nayo yonke into,ngokuhambisana nalokho imithetho uNkulunkulu ayendlalile.

“Futhi kuyisinengiso kowesifazane ukuba agqoke inguboengeyowesilisa.” Kuyiphutha futhi kuyisono, “Ukuba yena

IZINTO EZIZOBA KHONA 25

agunde izinwele zakhe,” iBhayibheli lasho njalo, “kuyintoengavamile kuye ukuba ngisho akhuleke.”

Wena uthi, “Uthini ngalokhu na?”73 Omunye wangithathelela; omkhulu, umfundisi owaziwayo,esikhathini esingeside esedlule. Wathi, “Mfowethu Branham,woza. Ngifuna ukubeka izandla phezu kwakho.” Wathi,“Uzoyona inkonzo yakho.”

Ngathi, “Ini?”Wathi, “Umpongozelela labobantu kanjalo.”Ngathi, “Ngisho i…”Wathi, “Ngiyakukholwa lokho.” Wathi, “NgiyiPentecostal,

nami. Ngiyakholwa ukuthi abesifazane abafanele ukubanezinwele ezimfishane, abafanele bafake opende, nalezizintoezinjalo indlela abenza ngayo, bapende ubuso babo.”Wathi, “Abafanele ukuba bakwenze lokho. Kodwa,” wathi,“UNkulunkuluwakubizela ukuba ukhulekele abagulayo.”

Ngathi, “Wangibizela ukuba ngishumayele iVangeli.” Ya.Wayesethi, “Ngiyakholelwa kulokho. Kodwa,” wathi,

“ucabanga lokho?”Ngathi, “Ya. Buka ukuthi unani, zonke lezizinhlelo ezinkulu,

amatelevishini, nakho konke okunye. Anginalutho kodwauNkulunkulu ukuba ngiphendule kuye.” Kunjalo. Ngathi,“Anginalutho kodwa uNkulunkulu ukuba ngiphendule kuye.”

Wathi, “Ngi—ngi—ngi…Uzoyona inkonzo yakho.”Ngathi, “Noma yiyiphi inkonzo iZwi likaNkulunkulu

eliyoyona, ifanele yoniwe.”Kunjalo. Impela. Kunjalo impela.Wathi, “Awu, uzoyona.”

74 Ngathi, “Ubani ozoLikhuluma-ke na? Niyabo? Ukhonaozofanele aLisho. Ukhona ozofanele amele lokho okuyiQiniso,akunandaba ukuthi Lilimazani.” Futhi bangani, njengomKristu,njengabantu abakholwa ukuthi siya eZulwini, uMoya oNgcweleuqobo Lwawo uzosifanekisa eZwini likaNkulunkulu.

Wathi, “Uyazi ukuthi ubufanele wenzeni?” Wathi, “Abantubakukholwa ukuthi ungumprofethi.” Wathi, “Ubufanele ngabeubufundisa laba besifazane ukuthi zitholakala kanjani iziphiwozesiprofetho nezinto ezinjalo, nezinkulu, izinto eziphakemekakhulu esikhundleni sezinto ezincane.”75 Ngathi, “Ngizobafundisa kanjani ongwaqa uma bengekebakwazi ngisho ukufunda oABCbabo na?Uma bengeke bakwazingisho ukwenza into evamile, niyabo, into yemvelo, uzobatshelakanjani izinto eziphakeme?” Uma ungeke wakwazi ngishoukuqala e…Ufuna ukufinyelela phezulu eladini ngaphambikokuthi ufike ekuqaleni. Yingalesosizathu uwa. Niyabo?

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kodwa fika phansi ekugcineni, bese ukhwela uye phezulunjengoba uNkulunkulu ekuholela phezulu. Niyabo? Bhekananempilo yakho bese ulandela njalonjalo konke nokunci kweZwiuNkulunkulu alimisele wena ukuba ulenze.76 Manje cabangani ukuthi kanjani uNkulunkulu…Sifanelesiziphathe futhi senze njengamaKristu. Ukuziphatha kwethukufanele kube njengamaKristu. Ngoba, singabezizwe lapha.Leli akusilo ikhaya lethu. Qhabo. Sabekwa nje lapha,okwesikhashana. Sifanele sihambe, sonke, kulobubusuku.77 Manje cabangani. Uma uNkulunkulu, esihawini saKhe,unomama, ngaphambi kokuba ingane encane izalwe, ithandiswaizakhamzimba ezithize, namazwi kamama liyakhuluma, “Baba,ngi—ngi—ngifuna ikhabe le olintshi, noma ikhabe. Ngifunainto ethize, enye.” Kuphuma…Ngani, uyokwenza konkeangakwenza, ukuba akuthole lokho, ngoba uyazi ukuthi ufunaumntanakhe azalwe ephelele nje ngakho konke. Niyabo? Futhiuyokwenza konke akwazi ukukwenza, ukuba akuthole.78 Ukwazi kakhulu kangakanani-ke Yena, ukukuthola!UnguMdali. Manje cabangani ukuthi Ukwazi kanjani,ukusilungisela umzimba, ukuba siphile njengomzimba waKheuQobo onenkazimulo, uma sifuna ukuphila. Kukhona okuthizekithi, okubizayo, ukuba siphile. Futhi kukhona into ethizephakathi kithi ebiza ukuba senze okulungileyo. Khona-ke uNkulunkulu uzobiza omunye umuntu emsamo, nomaipulpiti, ozoshumayela iQiniso loqobo. Ngani na? Niyabo?Kuyakukhombisa. Manje-ke, uma ungumntwana kaNkulunkuluwangempela, uyaqala umemeza kakhulu, “Nkulunkulu, kususekimi. Ngisoke kulokhu. Susa lezizinto kimi.” Ngani na?Kudingekela iKhaya lakho lasezulwini oya kulo, lapho Ayekhona ukulungisela. Ufanele ube ngowangempela uMlobokazioyiZwi kaKristu.79 Ngangishumayela ebusukwini obumbalwa obedlulengomhlatshelo, ngezinsuku zokubuyisana. Ngangishumayelangendawo kuphela uNkulunkulu, iBandla kuphelauNkulunkulu ayohlangana nomuntu kulo, nalokho kuphakathi,Wathi, indawo Abeka kuyo iGama laKhe. Wathi, “Ngekengihlangane nabo kunoma yiyiphi enye indawo kodwa indawo,isango eNgifake kulo iGama laMi.” Manje, Akahlanganinawe esangweni eMethodisti, isango leBaptisti, noma isangolePentecostal, noma yiliphi lawo. Kodwa Wafaka iGama laKheeNdodaneni yaKhe.Wathi, “Ngeza ngeGama likaBabawaMi.”

Noma yimuphi umuntu ozayo, nanoma yimuphi umntwana,uza ngegama likayise. U…Ngiza ngegama likaBranham, ngobaubaba wami wayenguBranham. Nawe uza ngegama lakho ngobalelo kwakuyigama likayihlo.

NoJesu, iNdodana, yeza ngeGama likaYise. Futhi WathiWabeka iGama lakhe, “Kulelisango eNgifaka iGama laMi

IZINTO EZIZOBA KHONA 27

kulo, lowo kwakungumhlatshelo.” Futhi kuJesu Kristu yiyonandawo kuphela oyoke uthole inhlanganyelo nokukhonzakuNkulunkulu.

Wena uthi, “Awu, ngikhonza ebandleni.” Lokho akwenzinokukodwa ukwehluka. Ufanele ube kuKristu.

Umfundisi othize wehlelo, ngobunye ubusuku, wathi kimi,wathi, “Mnu. Branham, buka lapha. UJesu wathi, ‘Okholwayo.’IBhayibheli lathi, ‘Okholwayo ukuthi uJesu Kristu uyiNdodanakaNkulunkulu, uzelwe nguMoya kaNkulunkulu.’”80 Ngathi, “Alisho yini iBhayibheli futhi, ukuthi, ‘Akekhoongathi uJesu unguKristu, kuphela ngaye uMoya oNgcwele’?”Niyabo? Ungeke wenza iBhayibheli liqambe amanga. Lifanelelihhukeke phakathi ngqo.

Ngakho ufanele uzalwe ngokusha ngempela, ngoMoyaoNgcwele kuwe, ofakaza kuzwakale, wena uqobo, uyaziukuthi UyiNdodana kaNkulunkulu. Bese kuthi-ke umaunjalo, nenxenye; uma ungumntwana kaNkulunkulu, eZwinilikaNkulunkulu; ungaliphika kanjani iZwi na? UMoyaoNgcwele ungakwenza kanjani ukuba wena ukholweyisivumokholo, ukuthi ufanele wenze into ethize kanje, libeiBhayibheli lisho enye into na? “Sifanele sijoyine ibandla, futhisenze lokhu, noma senze lokho,” libe iBhayibheli ngokucacilelikutshela ukuthi yenzani na? Niyabo? Bese kuthi-ke umaukubona Lokho, bese ugxumela kuLo ngqo, ukanye naLo ngqoke. Qhubeka nje wenyuke ngqo, futhi nje ukhule.

Njenge—nge—ngembewana izongena esizalwenisowesifazane neqanda. Bese kuthi-ke uma leloqanda elincaneliqala ukukhula, futhi liqala ukuveza izimbewana, alibekiimbewana eyodwa yomuntu, nembewana yenja, nembewanayenkomazi. Ibeka yonke imbewana yomuntu.81 Futhi uma umntwana kaNkulunkulu, uma leyoemiselwe ngaphambili…Lelo yigama elibi ukulisebenzisa,kodwa nguNkulunkulu. Nanti iBhayibheli likaNkulunkulu.Ukwaziphambili kukaNkulunkulu kungamisela ngaphambili,kwenze yonke into isebenze odumweni lwaKhe. Uma leyombewuemiselwe ngaphambili, owawuzoba yiyo, noNkulunkuluwakubiza, nalolokhozi oluncane lwenzalo phakathi lapholwezwa iZwi likaNkulunkulu, liyokwakha phezulu, iZwielilodwa phezu kwelinye, phezu kwelinye, phezu kwelinye.Ngeke Lixubane nanoma yisiphi isivumokholo.82 Qaphelani. “Kulamasango, nsuku zonke, babefanelebadle ucwecwana lwesinkwa olusha ikhosha. Futhikwakungekho-mvubelo efunyanwa phakathi kwabo, izinsukueziyisikhombisa.” Kunjalo na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]Iminyaka yebandla eyisikhombisa, ngaleyonkathi, kungekhookungenamvubelo, kungekho sivumokholo, kungekho-luthoolwenezelelwayo. Kuzofanele kube yisinkwa esingenamvubelo

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

uqobo. “Akukho-mvubelo eyofunyanwa phakathi kwenu,nhlobo.” Nje okunemvubelo, iZwi uqobo lwaLo, yilokhokuphela. NaleloZwi nguNkulunkulu. NoNkulunkulu wabayinyama, kuMuntu kaJesu Kristu, okungukuthi, lelo yiSango.“Nanto iSango eNgihlangana nani kulo, ukukhonza, umanilandela imiyalo kaNkulunkulu.”83 Ngakho-ke, uma ethe, kulobubusuku, uze nje, uthi,“Nginikela kuJesu Kristu ukuphila kwami,” futhi ungakazeuwemukele uMoya oNgcwele; ngena kuLo. Ufanele ukwenze.Ufanele ukhulele kuLo. Ucele uNkulunkulu anqwabele iZwiphezu kweZwi, kanjalo, uze ube ngumumo ogcwele wendodanakaNkulunkulu, noma indodakazi kaNkulunkulu.

Ukuthatha izinto zezwe na? UJohane wokuQala uthi,“Uma nithanda izwe, noma izinto zezwe, kungoba uthandolukaNkulunkulu alukho ngisho nakini.” Nidukisiwe.Ninothando lwezwe lapho, futhi linidukisile, uDeveliunidukisile, ngokunqwabela izinto phezu kwalapho, futhienikhombisa. Niyabo? Ningeke…Awu, manje-ke, ningekenasusa nelilodwa iZwi likaNkulunkulu eBhayibhelini.

Yini eyabangela isono sokuqala na? Hhayi nje ngamangaamakhulu asobala bha, kodwa ngoba uEva wahlanekezela,uDeveli wakwenza kuye, iZwi elilodwa. IZwi elilodwa,lagqabula iketango, futhi wala ukuthatha iZwi elilodwa. Lokhokwakungukuqala kweBhayibheli.

UJesu wafika kwimaphakathi neBhayibheli. Wathi,“Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso, kodwa ngawoonke amaZwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” Lelo yilolonke iZwi likaNkulunkulu. Niyakholwa ukuthi Leso yisambulosaKhe na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Lonke iZwilikaNkulunkulu.

Bese-ke, eZambulweni 22, uJesu wafika kuJohane,esiqhingini sasePatmose. Futhi uJesu, “Mina Jesu ngithumileingelosi yaMi ukufakaza ngalezizinto.” Niyabo? “Oyosusa iZwielilodwa kuLeli, noma enezele izwi elilodwa kuLo, Ngiyosusaisabelo sakhe eNcwadini yokuPhila.”84 Akusikho nje ukuthi, “Awu, ngi—ngiyamkholwa uJesuKristu, iNdodana kaNkulunkulu.” Lokho kulungile. Besewenezela konke okwaLo kukho. Wena uthi, “Ngilungisisiwe.Nginikela isandla sami kumfundisi. Ngiyakholwa kuJesuKristu.” Khona-ke ufanele uzalwe ngokusha. Ufaneleugcwaliswe ngoMoya oNgcwele. Niyabo? Yiba ulokhu wenezelanje, lapho uqhubeka nokuhamba. Ukhulela emumweniwendodana nendodakazi kaNkulunkulu. He!

UNkulunkulu, uyakwazi ukusilungisa, nokunikeza kithilokho kuthandiswa empilweni yethu, ukuthi kukhonaesifuna ukukubona. Bangaki phakathi lapha ofunaokuningi ngokwengeziwe kukaNkulunkulu na? [Ibandla

IZINTO EZIZOBA KHONA 29

lithi, “Amen.”—Umhl.] Ngani, kukhombisa ukuthi kuningingokwengeziwe okwenu. Niyabo? Niyakuthandiswa. Izinhlunguzenu ezincane zokuzala ziyeza. Niyabo? Nidinga okuningingokwengeziwe, ukuze sijabule, futhi sikhululeke, nokuphelele.Sifanele sibe njalo.85 Njenge—ngencane—imbewana encane yokuphila i…esifubeni sikaNkulunkulu, njengokuthi nje, nembewanayokuphila ise bo-…esifubeni sikamama. UNkulunkuluuyakhula; futhi uyahamba, uhambile, ukuyosilungisela indawo,indawo yaPhakade naYe uqobo; hhayi indawo lapho okukhonakhona indlu yabaguliswa yizinhlupho, efayo, isono, ukuphinga,nokungcola kwezwe lapha. Uma ingqondo yakho ikulokho,ikhombisa ukuthi ayikaze ifike ixhumane noNkulunkulu.Niyabo? Usetshenziwe. Unenkohliso yengqondo.

Ujoyina ibandla nje futhi uthi, “Awu, ngikhonza kuleli.Umama wami wayekhonza kulelo.” Lokho kungahle ukubakwakulungile ngosuku lukamamawakho, kodwa siphila kolunyeusuku.86 Umlayezo kaWesley wawungeke neze…Wayengeke njeathathe uLuther. ULuther wayekholelwa ekulungisisweni,kodwa uWesley wayenokungcweliswa. AmaPentecostal ayafika,ayengenakukuthatha nje ukulungisiswa, ukungcweliswa. Wona,kwase kuyisikhathi sokubuyiselwa kweziphiwo. Manje siyasukakulokho. Niyabo?

Izigaba ezintathu zom—mVini ukhula. Esokuqala, yidlebeelincane, uLuther ekhuphuka, esuka enguqukweni. Kulungile.Lolo kwakuwuhlanga. Bhekisisani imvelo. UNkulunkulunemvelo usebenza ngokuqhubekayo, ngoba uNkulunkuluusemvelweni. Niyabo? Esilandelayo esifikayo, intshakaza,impova, unyaka weMethodisti. Bese kufika iPentecostal, o,he, kuphelele kakhulu nje, niyabo, njengohlamvu lukakolonje lubukeka sengathi lungukolo ophelele, uhlamvu lukakolo.Luvule, akukho-kolo lapho, nhlobo. Yikhoba, umthwali waLo,kodwa lokho kuPhila kusebenza kuyedlula. Niyabo?87 Bona emuva lapho onyakeni kaLuther bemukelauLuther. Lokho kuPhila kuyafika, kodwa kwahambafuthi kwahlelwa kwaphuma. Into yokuqala niyazi, njekuphenduka okwehlelo okuphela kwalo kuzoshiswa. Niyabo?Uhlanga luyoma; lungumthwali nje. Abanye babo basazamaukuhlala kulowomthwali omdala owuhlanga, abazi luthongoNkulunkulu, bafile. Bathi, “Awu, buka, siyicembe.SasikuLuther.” Kunjalo. Kodwa bukani ukuthi usukuphi manje.Niyabo?

“SiyiMethodisti.”Futhi ngisho nokuthi, “SasiyiPentecostal.” Kodwa bukani

iPhentekoste, ukuthi iya ngokubanda nokuba yiyo ngegamakanjani, ukuthi wonke umuntu udeda kanjani. Niyabo?

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kuyini na? Kwakungumthwali weMbewu yangempela. Niyabo?Zonke lezi ezinye kwakungumthwali, kodwa kwaba yihlelo.Uma uthi, “NgiyiPhentekoste.” Lokho akungaphezu kokushokuNkulunkulu kunoma uma ubuthe ubuyiRoma eliKatholikanoma iJuda, noma kumbe ubungaba yini.88 Ufanele uzalwe, lokho kuPhila okufika ngalowomthwalilapho. Ungahlali ohlangeni. Ungahlali embewini. Qhubeka ngqouphumele enxenyeni ephelele.89 Manje, khumbulani, futhi yonke inguquko esibe nayo,phezu kwawo onke lawomaLuthela kanjalonjalo, eminyakeniemithathu ayahlela. Kunjalo. Yonke imvuselelo yalethainhlangano eminyakeni emithathu.

Cabangani ukuthi lokhu sekuqhubeke isikhathiesingakanani, iminyaka engamashumi amabili-nento, futhiakukho-nhlangano. Ngani na? YiMbewu, iza, ibumbekaphansi kwekhoba, elinjengalokhu. Yenekiwe, manje ifaneleyenekwe eBukhoneni beNdodana, ukuba ivuthwele ohlamviniolunenkazimulo njengaLolo olwangena kweyokuqala. IBandlalangempela elashona phansi, kuqala, seliyabuya likhuphukangqo ngohlanga, ukuba liphume, elinye iBandla, umaokuhlanganisayo sekufikela ukuLicosha. UkuPhila okwashonaphansi kuLuther, ukuPhila okwashona phansi kwiMethodisti,ukuPhila okwashona phansi kwiPentecostal, kuzofika kungeneohlamvini. Konke kuzohamba kuyongena ngqo ohlamvini, futhikuphume, kubumba uMzimba kaJesuKristu ophelele.90 Njengelanga nje liphuma, ekuseni. Ayikho imveloongeyibuke engafakazi ngoNkulunkulu. Awudingi ngishoiBhayibheli, ukwazi ukuthi kukhona uNkulunkulu.Ilanga elincane liyazalwa, ingane encane ebuthakathaka.Cishe ngelesikhombisa nqo, iyahamba, iqala ukuyaesikoleni. Ngeleshumi noma eleshumi nanye nqo,isiphumile. Ngeleshumi nambili nqo, isisekuqineni kwayo.Ngelesithathu nqo ntambama, isigugile. Ngelesikhombisanoma elesishiyagalombili, elesithupha…Ngelesihlanu nomangelesithupha nqo ntambama, isiqhothe amahlombe. Liyafa.Ngabe lokho ngukuphela kwalo na? Qhabo. Liyavuka futhiekuseni okulandelayo.Ukuphila, ukufa, ukumbelwa, ukuvuka!91 Bukani iqabunga liza ezihlahleni. Liyakhuphuka, elihle,icembe elikahle; likhipha umthunzi; likhipha isithelo salo.Okulandelayo, into yokuqala niyazi, kufika intwasabusika,ilishaye, ukufa; ligijima lehle ngqo liyongena empandeni,lingene emhlabathini futhi. Ngabe lokho ngukuphela kwalona? Ngentwasahlobo elandelayo libuya ngqo ukuba lifakaze. O!Lokho ngukuphila okungapheliyo.

Kodwa, mfowethu, dadewethu, sinokuPhila okuPhakade.SinokuPhila okuPhakade ngaLona omkhulu Owafika,osehambile, uyakwazi ukusilungisela umzimba.

IZINTO EZIZOBA KHONA 31

Nalezizinhlungu ezikhulayo esizizwayo, njengani besifazanenizwa nilahliwe ngalokhu enikwenzayo, nina besilisa olengaezimfundisweni zasekholiji, kanjalonjalo, nonke nifunaukuthi, “Ngi—ngisisho ngekhanda lesisivumokholo. Ngenzalokhu.” Kodwa kukhona into ethize phansi impela kuwe,uma ubona amehlo ezimpumputhe evulwa; izithulu ziunders-…izimpumputhe. Zonke lezizinto ethenjisiweyo.Ubona iZwi lishunyayelwa ngamandla aLo. Ubona isifebe,sisuka emgwaqeni, senziwa sibe yinenekazi. Ubona i—ubonaisidakwa siphuma lapho, futhi sibe ngowangempela ongcwelekaNkulunkulu. He! Niyabo? Kukhona okuthize, ukuPhilaphakathi lapho. Bese uqala ukuzwa, “Awu, mhlawumbebengingafanele ngikwenze lokho.” Kodwa, niyabo, okuyikhona,kuyinto ethize. UMzimba wakho ulambele isidingo, futhi,“Woza.” Kodwa uNkulunkulu unezakhamzimba phakathingqo Lapha okwakho konke nokunci kwalowoMzimba. UJesuuye ukuyolungisela indawo esifubeni sikaNkulunkulu, yebo,mnumzane, imbewana encane, indodana kaNkulunkulu,indodana noma indodakazi encane kaNkulunkulu.92 UJesu wacela into eyodwa kuphela, emkhulekweniwaKhe kuBaba. Niyazi ukuthi leyo kwakuyini na? Intoeyodwa, emva kwakho konke komhlatshelo waKhe Awenzayolapha emhlabeni, ukuphila Akuphilayo, indlela yezinyawoAyihambayo. Wacelela into eyodwa, “Ukuthi lapho Ngikhona,babekhona nabo.” Wacelela inhlanganyelo yethu. Yileyontokuphela Ayicela kuBaba emkhulekweni, ukuhlanganakobungani kwenu kwanjalonjalo. Uma nifuna ukukufundalokhu kuJohane oNgcwele 17, nevesi 24. Manje-ke sifanelesiMfise kangakanani na? Uma Efisa…

Manje lalelani. Uma ngempela nizelwe ngokusha ngoMoyakaNkulunkulu, lokho kuchaza yonke into kini. Niyabo? Akusiyoincwadi ethize yemigomo. Aniphili-mithetho nokunjalo. Niphilangomusa kaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu.93 Bengikusho kaningi lokhu. Njengesithunywa senkolo,ngiyaye ngiye phesheya kwezilwandle. Ukuba-ke bengiletheumkami ngamngenisa, abantwana bami, “Manje bukani lapha,bantwana! Lalelani lapha, Nkk. Branham! Ngingumyeniwakho. Awuyikuba nabanye abayeni ngenkathi ngingekho.Uma ukwenza, ngiyokuhlinza uma sengibuya ekhaya”? Ehhe.Niyabo?

Ngishaye ngonyawo lwami phansi, “Bantwana, niyezwaukuthi ngithini?”

“Ya. Yebo, baba. Ya.”“Keningizwise ngokukodwa kwesiphambeko? Niyabo?”

Niyabo? Manje, kungebe yikhaya lelo na?Manje-ke uma ethi, “Manje, usuqedile, mnumzane na?Manje

ngifuna ukukutshela okuthize. Mnu. Branham, ngingunkosikazi

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

wakho oshade ngokusemthethweni! Awuyikuba nezinyeizintombi ngenkathi ungekho, nawe”? Manje, kungebe yikhayana? Manje, lokho kungaba yinto ethize.

Asikwenzi lokho. Ngiyamthanda, futhi uyangithanda. Umaazi ukuthi ngiyahamba, uyazi angihambi ngaphandle umaiNkosi ingibizela ukuba ngihambe. Siguqa phansi, bese siqoqaabantwana. Siyakhuleka. Ngathi, “Nkulunkulu othandekayo,nakekela umata wami omncane, abantwana bami.” Bathi,“Nkulunkulu, nakekela ubaba sisahambile, esahambile.” Besekuthi-ke uma siwela…94 Manje, uma-ke ngenze into ethize engalungile laphaya na?Uma-ke ngiphambukile, ngenze into engalungile na? Futhingiyabuya ngase ngiya kulowomkami omncane bandla, ngamalapho bese ngimbuka ubuso bakhe osebushwabana, nezinwelezakhe seziba mpunga, ngenyuka ngase ngithi, “S’thandwa,kukhona engifuna ukukutshela khona. Uyazi ngiyakuthanda.”

“Impela, Bill, ngiyazi uyangithanda.”95 “Ngiyakutshela ukuthi ngenzeni. Ngithathe enyeintombazane ngaya nayo ekhaya.” Ngi—ngithi,“Uzongithethelela ngakho na?” Ngikholwa ukuthiubengangithethelela. Ngikholwa ngempela. Kodwabengingakwenza lokho na? Uma ngibheka, ngimi lapho, ngibukelezozinwele ziba mpunga, futhi ngazi ukuthi ume phakathikwami nomphakathi, futhi ngiyazi ukuthi ubeyinkosikaziyangempela kanjani, bengingakwenza lokho na? Ngi—ngingaqoka ukufa kunoma ngimlimaze, ngingaqoka khona.

Nalokho, othandweni lokuthanda umkami, lukhulukangakanani uthando lwami lokuthanda uNkulunkulu!O, ngingenze lutho lokuMlimaza. Impela ngeke. Ngi—ngiyaMthanda. Ngifuna ukwenza konke A—Afuna ngikwenze.Ngifuna ukubambisana nalo lonke iZwi Alisho, akunandabaukuthi izwe lithini. Bona, abazukuLikholwa, empeleni. Ngifunaukwazi ukuthi Wathi angenzeni. Futhi uma kukhona engishodangakho, ngifuna Yena ukuba angiphe khona. Futhi ngiphileleYena, sizigcina ezweni.96 Lomzimba omdala wasemhlabeni lapha ufanele kokwawou…Ake nginitshele. Lomzimba wasemhlabeni enicabangakakhulu kangaka ngawo, eniwufanisa neHollywood. Nisondelekakhulu kuyo. Ingeke ibe lapho isikhathi eside kakhulu.Khumbulani. Nisizwile isiprofetho, niyabo, iNkosi engipha sona,“Izoshona ngaphansi.” Yebo, mnumzane. Qaphelani. Izoshonangaphansi. Bhekisisani nje. Manje, Akukaze kungitshelelutho okuliphutha, namanje. Ngizokuthatha lokho ngikuyisekunoma ubani ofuna ukusho. Angazi ukuthi nini noma kuphi,kodwa isiphelile. Ukwahlulela kulenga phezu kwayo. Akukhokuhlengwa kwayo; seyedlule. Niyabo?

IZINTO EZIZOBA KHONA 33

97 Manje qaphelani lokhu. Philelani Yena, sizigcina ezintwenizezwe. Manje bukani. Nibuka itelevishini, abanye benubodadewethu, futhi nehlela lapha futhi nifuna, nina zintombi.Nisebasha. Ngiyakwazi lokho. Kodwa ningamaKristu. Niyabo?Nehlukile. Anifuni ukufana nezwe. Nithanda izwe. Akusininodwa nina basha; abanye benu esenibadala. Niyabo? Awu, yinieyenza lokho na? Niyabo? Nibuka itelevishini, nehlele esitolo,nibona lezizingubo ezindadlana abesifazane abazigqokayo,lokho ngukungamesabi uNkulunkulu.

Niyazi ukuthi kuzokwenzekani ngoSuku lokwaHlulelwa na?Ungahle ubemsulwa impela nje ngakho konke kumyeni wakho,kodwa ngoSuku lokwaHhulelwa uzophendula ngokuphinga.UJesu wathi, “Obuka owesifazane amkhanuke usephingile nayevele enhliziyweni yakhe.” Ubani okufanele asolwe na? Nguwe.Niyabo? Uziveze wena, lezozikhindi namabhulukwe eflanelaamasleksi.

Abanye besifazane bathi kimi, esikhathini esingesideesedlule, bathi, “Angizigqoki izikhindi, Mfowethu Branham.Ngiyayibonga iNkosi ngalokho. Ngigqoka ibhulukwe leflanelaamasleksi.”98 Ngathi, “Lokho kubi kakhulu.” Lokho kubi kakhulu.Kunjalo.99 Awukwazi ngisho nokuthenga ingubo, kul’khuni,kwabesifazane. Wathi, omunye wesifazane wathi, “Awu, ushoiqiniso. ‘Ungeke. Ungeke uyithenge.’” Kodwa basazithengisaizindwangu futhi banemishini yokuthunga. Niyabo? Ngakhoakukho-zaba, nhlobo. Niyabo? Niyabo?

Kuyakhombisa, dadewethu. Ngingumfowenu. Futhingiyinceku kuKristu, efanele iphendule eNkantoloyokwaHlulela ngalokho engikushoyo lapha kulobubusuku.Niyabo? Uzoma, unecala lokuphinga, ngenxa yokuthi uthandolukaNkulunkulu luvuzile enhliziyweni yakho. Usalokhu uyaesontweni. Ungahle ukuba usalokhu usina eMoyeni. Ungahleukuba usalokhu ukhuluma ngezilimi. Nalezozinto zikahle,kodwa akukabi suYe namanje. Qhabo, mnumzane.100 Khumbulani, iBhayibheli lathi, “Ngezinsuku zokugcinakuyofika oKristu bamanga,” hhayi oJesu bamanga. Babengekebame bathule ngalokho. Kodwa, “oKristu bamanga,”abagcotshiweyo bamanga. Bagcotshwe ngoMoya ngokoqobo,ngoMoya oNgcwele, futhi kusalokhu kungamanga. Niyabo?Kunababili…101 Kunabantu abathathu bakho. Ongaphandle ngumzimba.Unemizwa emihlanu, oxhumana nekhaya lakho lasemhlabeningalokho. Ongaphakathi ngumoya. Kunemizwa emihlanulapho, uthando nonembeza, kanjalonjalo, uyaxhumana. Kodwaingaphakathi lakho ngumphefumulo.

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

102 Khumbulani, “Imvula inela abalungile nabangalungile.”Imvula efanayo ezokwenza uhlamvu lukakolo lumile yenzaugudluthukela umile nawo. Niyabo? Kuyini na? Ngaphakathikwaleyombewu yimvelo, naleyomvelo iveza obala, iziveza obala.Ungama ensimini efanayo, khona lapho kanye nokhula. Ukhulanokolo kuma ndawonye, kujabule kakhulu impela nje. Ikhandalalo libheke phansi. Lubulawa ukomela amanzi. Uma kufikaimvula, ugudluthukela ungamemeza kakhulu nje njengobakungenza ukolo. “Kepha niyakubazi ngezithelo zabo.”Niyabo?103 MaKristu, ngingahle ngingaphinde nginibone. Niyabo,sekuyiminyaka ngagcina ukuba lapha. Ngingahle ngingaphindenginibone. Yibani semgqeni neZwi likaNkulunkulu. Bukaniesibukweni.

Njengomfana omncane ngesinye isikhathi, wayekadeephumele emaphandleni, engakaze asibone isibuko. Ufikaendlini ka-anti wakhe—wakhe. Uqala ukwenyuka ngezitebhisi.Wabona isibuko, futhi wabona umfana omncane esibukweni.Wayelokhu enyuka, ebuka. Futhi—futhi wayevayizela, nomfanaomncane wayevayizela. Futhi wayelokhu ebuka. Wayengakazeazibone esibukweni. Ngakho ngenkathi esesondele ngokwenelekuso, uyaphenduka, wathi, “Ngani, Mama, yimi lowo!”104 Ubuka kanjani, esibukweni sikaNkulunkulu na? Ngabesibonisa indodakazi noma indodana kaNkulunkulu na? Ngabekukhona into ethize, okungukuthi, uyakuzwa Lokho, ngabekukwenza uyizonde indoda eKushoyo na? Noma, ngabe ikhonainto edonsayo, ithi, “Ngiyazi leyondoda iqinisile ngoba lokhokusemBhalweni”? Manje-ke, lokho yizakhamzimba ezidingekakulomzimba omiselwe ukuba ube lapho, indlu leyo enyeezozidinga uma ufika lapho. Niyabo? “Lendlu; uma sithwaleowasemhlabeni.”105 Manje khumbulani, sicabanga kakhulu ngalomzimba.Siwugqokisa eziningi kakhulu izingubo. Senza izintoeziningi kakhulu, okungukuthi, ngokungenasidingo, sishintshesishintshe sishintshe, zonke lezizinto. Futhi—futhi, o, njewonk’umuntu!

Ake nje umuntu aqale into ethize. Upenda izitebhisi zakhozibe bomvu futhi bhekisisa abakwaJones bapenda ezabo zibebomvu. Ushintsha kwiShevurolethe uye kwiFodo, futhi njengeke bakumele. Yisikhathi sokufanisana. Udedele i…Dedelaowesifazane eze esontweni, efake uhlobo oluthize lwesigqoko,bhekisisa bonke abesifazane bathenga leso; ikakhulukaziumkamelusi, niyabo, bhekisisa nje ukuthi kwenzekani. Manje,lokho kuqinisile. Lelo yiqiniso uqobo. Yisikhathi sokufanisana.Mfowethu, kufanele kube yisikhathi sokufanisana. Nazo zonkelezo—zonke lezozinto i—ingeyenhloso.

Angikhathali noma ngabe ibhantshi lami liyafanelananebhulukwe lami. Futhi nginesikhathi esinzima. Umkami

IZINTO EZIZOBA KHONA 35

noma umalokazana wami, omunye, ungitshela ukuthi nhlobonika—kathayi engifanele ngiwufake nalo. A—angikhathali nomangabe kuyafanelana, nokho. Ngifuna isehlakalo sami sifanelaneneZwi likaNkulunkulu. Yileyonto, ngoba yilapho engihloseukuphila khona; hhayi ezansi ekhoneni ngaleya nabakwaJones,kodwa ngaleya eNkazimulweni lapho uJesu ekhona, eyeukuyosilungisela indawo. Yebo, sifuna lokho. Yebo, mnumzane.Zigcineni kukho konke lokhu.

106 Lelitabernakele lasemhlabeni elidala lapha, niyazi ukuthiliyini na? Lomzimba unjengebhantshi elidala oligqokayo,ibhantshi oke uligqoke. Kodwa manje unelinye elingconokakhulu, awusalisebenzisi. Wenzani na? Uliphanyekaekamelwaneni, ngoba usunalo elingcono. Usunebhantshielingcono. Lihambisana kakhulu nesikhathi kunaleliowawuvame ukuligqoka, lelo seligugile. Ini na? Yileyongubo.Wena uyingaphakathi lalowo lapho. Leyongubo kuphela yenzenina? Yathwala umfanekiso wakho. Niyabo? Kodwa awusayidingimanje. Usuyiphanyekile. Isiyisidwedwe.

Futhi yileyondlela lomzimba omdala oyiyo, wena,uthwale umfanekiso wowasezulwini. Nokho, awusuwe. Wenaukwingaphakathi lalowomzimba. Wena, uMoya kaNkulunkulu,ukwingaphakathi lalowomzimba. Yilokho okwenza ingaphandlelibe sekuthobekeni, ngoba ingaphakathi liyawudonsa, niyabo,liwungenisa ube semgqeni neZwi likaNkulunkulu; ingaphakathilakho, wena uqobo, ubuwena.

Lomzimba uyibhantshi elidala nje. Futhi ngoluny’usuku,uyokwenzani ngawo, ngoba wena wa—wawuyingubokuphela isikhashana na? Lowo unjengengubo yasemhlabeni;lomzimba. Umzimba wakho—wakho wangempela, uwenauqobo, ukwingaphakathi lalelibhantshi elidala olibizangoWilliam Branham, noma uSusie Jones, noma ngabe ubani.Niyabo? Ngoluny’usuku liyophanyekwa ehholo lasemhlabenilenkumbulo yakho. Uyolibeka ngaphandle ngaleya ethuneni,futhi omunye uyomisa itshe lethuna, “Lapha kulele uMfu.S’bani-bani, noma uJohn S’bani-bani, noma uS’bani-bani.”Liyolala lapho njengesikhumbuzo sakho. Abantu bakubonenje kuleli. Futhi lokho obuyikho wena, uwena ngempela,ubekwingaphakathi lalokho. Kodwa ibhantshi elidala, qobolalo, nje “lithwale umfanekiso wowaseZulwini.”

O, bantu, senikwenzile ukuzibekela izindawo ukushintshaamabhantshi na? Senikwenzile ukuzibekela izindawozaseZulwini na? Khumbulani, nifanele nibe nokuzibekelaizindawo. Ngeke nangena ngaphandle kwazo.

Ngikhuluma kini ngolwimi lwesimodeni manje, enilwaziyo.Uma uya ehhotela, uthi, “Awu, bengine…”

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

107 “Ubuzibekele izindawo na? Awu, ngiyaxolisa. Yonke intoisigcwaliswe phama.” Uphandle emakhazeni, ngoba wehlulekileukuzibekela izindawo.

Futhi uma ufika ekupheleni kohambo lokuphila kwakho,ngaphandle kokuzibekela izindawo, akuyikubakho-Muntulapho ukukuhlangabeza. Uyodingeka wehlele ePhakadenielimnyama lapho okuyobakhona ukudazuluka, nokukhala,nokulila, nokugedla amazinyo. Ufanele. Ungeke ungene eMzini,wena, ngoba awunayo indawo ozibekele yona. Ufanele ube nazo,ukuba ungene eMzini, lapho uJesu eye khona ukuyokulungiselaindawo. Khumbula. Ufanele ube nokuzibekela izindawo,nengubo yensindiso, igqokiwe. Ungeke.108 KuMathewu, nginomBhalo lapha. Ngibhekisisa umBhalo,uMathewu, amashumi amabili-…22:1 kuyakwele 14. Anginasoisikhathi sokukufunda, ngoba isikhathi siya ngokuphela.Ngikhulume isikhathi eside kakhulu, kini. Kodwa khumbulani,inkosi yathumela yase yenza isidlo sakusihlwa. Yahlaba zonkeezezinkabi zayo, yase—yase ilungisa ezikhuluphalisiweyonakho konke, yayinesikhulu isidlo sakusihlwa esilungisiweyo.Yayisithumela, futhi yayikade isho kwabaningi ukuba beze.

Omunye wathi, “Awu, niyazi, eqinisweni, Ngikhonzakuleli.” “Futhi nginalokhu,” “Ngifanele ngihambeneplazi lami.” Nomunye wenza izinto eziningi. Yaphindeyathumela, futhi baziphatha kabi. Futhi ekugcineni…Lesokwakuyisizukulwane samaJuda, uJesu ayekhuluma kuso.Babenezinye izinto abazozenza.

Kwase kuthi, ekugcineni, yathumela, “Futhi ithi…Hambani. Nje ninga…Nje nibaphoqe. Ngenani emigwaqeninesemigwaqeni emikhulu, nandawo zonke, futhi nibaphoqeukuba bangene.” Futhi emva kwalokho, yazimisela ukuthi indluyayo yayi…Isidlo sayo sakusihlwa sasizodekwa. Kuzoba khonaizimenywa lapho.

Yase-ke ithola umuntu phakathi lapho engayembethe inguboyomshado. Wayefuna ukubambelela ebhantshini elidala. Futhibukani ukuthi yathini. “Mngane, emva kokuba sengikumemeleesidlweni sakusihlwa sami somshado, futhi ngikumemile futhingikunika isimemo sokuba ufike!”109 Futhi uma wake waba semazweni aseMpumalanga,engishumayele ngakho phakathi lapho isikhathi esiningi,ukuthi isidlo sakusihlwa somshado sisenziwa ngayo nje indlelaesasiyiyo. Umyeni, ukuthi, bonke, unezimenywa eziningikakhulu azoba nazo. Mhlampe, Mfowethu Kopp, mhlampe ukewakubhekisisa lapho eNdiya. Niyabo? Banezimenywa eziningikakhulu azozicela; asithi uzocela izimenywa ezingamashumiamathathu.

Manje, umyeni uzofanele anikezele ngezingubo ezinde.Uzofanele azinike, ngakho-ke nango umuntu emi emnyango.

IZINTO EZIZOBA KHONA 37

Futhi wenyuka nesimemo sakho. Uhlola isimemo sakho beseekugqokisa ingubo, ingubo ende. Lokho, ezinye zazo zicebile,nezinye zazo zimpofu, nezinye zehlukile, kodwa zonke zibukekazifana uma zigqoka lezizingubo ezinde. Zonke zibukeka zifana.

Futhi nonke nifanele nibukeke nifana. Awuzukuba, ngothi,“NgiyiMethodisti nga pha. NgiyiPresbyterian ngapha.” O,qhabo. Awungeni, indawo yokuqala. Niyabo?

Ufanele uze ngoMnyango. UJesu wathi, “MinanginguMnyango esibayeni sezimvu.”

“NgiyiPentecostal. Ngiyilokhu. Ngiyilokho.” Lokho akushoneyodwa into.

Uza ngalowoMnyango. Futhi uma uza ngalowoMnyango,uthola ingubo ende.110 Nalomuntu, ngenkathi ethi, “Ungene kanjani lapha,mngane?” Niyabo?

Kwakhombisa ukuthi wenyuka ngenye indlela, futhiungena ngewindi, ungena ngendlela engemuva, kodwahhayi ngomnyango; hhayi ngoMnyango, indlela uJesu afikangayo, ngomhlatshelo wakho uqobo; unikela konke okwakhokuNkulunkulu, futhi uhamba uya eKalvari futhi ubethelwekanye naYe. Futhi uphinde uvuke, ukuba ugqoke ingubo yaKheyomhlatshelo nokufa ezintweni zezwe.111 “Uma nithanda izwe, noma izinto zezwe, uthandolukaNkulunkulu alukho ngisho nakini.” Niyabo? Uma nisalokhuninothando lwezwe, nifuna ukuziphathisa okwezwe, futhinenze njengezwe; nizama…ni…Nokho, nisebandleni, kodwaugudluthukela ekuchibiyelweni nokolo; nimemeza kanye nabobonke abanye, nithokoze nabo bonke abanye. Zonke izibusisozokomoya siphezu kwenu ngqo.

Wena uthi, “Awu, ngiyaprofetha.” Wenzenjalo noKayafase.Wenzenjalo noBalami. Lokho akunalutho…112 “Nginombhaphathizo, uMoya oNgcwele.” Lokho kusalokhukungahlangene ngalutho nakho. Leso nje kuphela yisiphiwosesikhashana sakho.

Isiphiwo sangempela ngumphefumulo wakho phansiphakathi lapho, niyabo, lowo wazalwa nguNkulunkulu,nalowo ulawula yonke into iye eZwini likaNkulunkulunentando kaNkulunkulu. Futhi ukhula lapho, niyabo, khona-ke uyindodana nendodakazi kaNkulunkulu. UngumntwanakaNkulunkulu. Nalezizinto, lapho wenyuka…Njengomama,manje usezibilini zomhlaba, uzama ukuvela. UyindodanakaNkulunkulu, uvela, futhi ubona iZwi lithi, “Ngifanele ngenzelokhu. Ngifanele ngizalwe ngokusha.”

“Awu, ngingowebandla.” Lokho akusho neyodwa into.Niyabo?

38 IZWI ELIKHULUNYIWE

“NgiyiMethodisti; umama wami.” Lokho kuhle kumamawakho.113 “Awu, he, ngiyiPentecostal. Ngingowakhona.” Lokho,uma ungami emgqeni naleloZwi, kukhona okungalungile.Niyabo? Manje-ke, niyabo, ubaba wakho wangempelaakusuye uNkulunkulu. Niyabo? Ngoba, lokho kuqalisakwangempela emphefumulweni wakho, ngaphambi kokubakuze kubekhona ngisho umoya, kwakungumphefumulo wakho.Lowomphefumulo awuvelanga kuNkulunkulu, khona-kekwakungesiyo imbewana kaNkulunkulu, ukuqala. Udukisiwe.Usekuchibiyelweni kokhula futhi uthela ubufakazi bezwebokhula buvela. Uziphathisa okwezwe, uthanda izwe, yingobauthando lukaNkulunkulu alukho kuwe.114 Futhi manje kuzobakhona abagcotshiweyo bamangangezinsuku zokugcina, hhayi uJesu wamanga. Babengekebakumela lokho. Kodwa, “abamanga,” abagcotshiweyo.Bagcotshiwe, yebo, mnumzane, kodwa bangumphiku-Kristu.Bagcotshwe ngoMoya, ukuba benze izibonakaliso nezimangauKristu azenzayo, kodwa abami emgqeni neZwi laKhe.Niyabo?

“Abaningi bayakuza kiMi, loloSuku, futhi bathi, ‘Nkosi,angiprofethanga yini, futhi ngakhipha amademoni, ngeGamalaKho na?’”

Uthi, “Sukani kiMi, nina benzi bokubi. Angizange ngishonginazi.”

“NgangiyiPentecostal, Nkosi. Udumo kuNkulunkulu!Ngamemeza. Ngakhuluma ngezilimi. Futhi ngabekaizandla phezu kwabagulayo, futhi ngabaphilisa, ngakhiphaamademoni.”

“Sukani kiMi, nina benzi bokubi. Angizange nginazi.”115 Niyabona ukuthi ngichaza ukuthini na? O, bantwanaabancane, niyasizwa isidingo salesosakhamzimbakulobubusuku, leyonto ethize na? Kukhona umzimba olindengaleya. Kukhona umzimba olinde ukwemukelwa. Bantu,ningadukiswa. Ningadukiswa. UDeveli ungumdukisi. Ngishone—nengubo yomshado, nifanele niYembathe. Ifanele.116 Manje sisesikhathini sokuhlwa. Umzimba wasemhlabenimanje usulungele ukudilizwa, futhi silungiselela ukungenakowaseZulwini. Futhi manje sizwa ubizo oluxakile,lukaNkulunkulu, ukuba siye kule-Edene enkulu. Futhingaphambi kokuba sikwazi ukuzalwa lapha, imizimba yethuemincane yayikhalela into ethize e—eyayifanele ihlinzekwe,kungenjalo besizoba ngumntwana ohluphekile lapha umabesingenjalo. UNkulunkulu akanazinhlupheko phezulu lapho.Bona, bonke, bame umugqa ngokupheleleyo, uMlobokazi impelanje njengoba wayenjalo uMyeni, iZwi lazibonakalisa enkathiniyaLo yonyaka. Nkulunkulu baphe, kulobubusuku, abantwana,

IZINTO EZIZOBA KHONA 39

nonke ngamunye wenu! Kukhona iZulu okuyiwa kulo. Kukhonaisihogo ukuba kudedwe kuso.117 Manje, abaningi benu bayazi ukuthi iNkosi inginikeimibono, izinkulungwane zaleyo. Into enkulu kunazozonke…Ngangikwesaba ukufa. Cishe eminyakeni emithathuedlule, nibabonile OsomaBhizinisi abangamaKristu, weDluleeKhethinini LesiKhathi. Ngiyaqonda ukuthi kungenzekangingaphili ngalobubusuku. Kungenzeka ngingaphindenginibone empilweni yami lapha, kodwa lokhu kuqinisile. A—angazi noma lokhu ngizokubiza ngombono, noma kwakuyini.

Ngokunye ukusa, maduze nje, ngangi…Ngangisandakuvuka nje. Ngingena ngivela emhlanganweni. Nomkamiwayelele lapho, elele ubuthongo. Ngathi, “S’thandwa, ubhekilena?” Wayesalele. Ngiyazi sasifanele sivuke, ukuba siyiseabantwana esikoleni.

Ngase ngibeka izandla zami ngemuva, kanje, ngase ngithi,“Awu, awusho, Bill Branham, uyazi yini ukuthi usudluleemashumini amahlanu na? Wena, uma kukhona ozokwenzelaiNkosi, kungcono usheshise, ngoba awusenaso esinye isikhathiesiningi kakhulu.” Ngacabanga, “He, ngethemba ukuthingingaphila ukuba ngibone ukuFika kweNkosi uJesu.”

Ngangihlala nginakho njalo engqondweni yami, ukuthi—ukuthi uma sesifile, ngiyobona, njengokuthi, umfowethulapha. Ngiyothi…“Ya, washumayela ebandleni lami, ngobunyeubusuku phansi emhlabeni, Mfowethu Branham.” Kodwa, u—ungumoya, ngangingekwazi ukuxhawula isandla sakhe, ngobaisandla sakhe silaphaya ethuneni, sesibolile, niyabo; nesami,futhi. Ngangivamise ukuthi nje ukukucabanga lokho.118 Kodwa ngalokho kusa, ngenkathi, ngizwa Into ethizeyehlela phezu kwami. Ngacabanga…Ngokwejwayelekile,njengokuba umbono ufika. Futhi ngabuka, futhi nga—ngabuka.Ngacabanga, “He! Yini le?” Ngase ngibuka, amakhulu,amagquma al’hlaza’tshani. Nabesifazane abasha wayevelakuyo yonke into, ngamashumi ezinkulungwane, namakhuluezinkulungwane. Futhi bonke babeza, izinwele ezindezize zayoshaya phansi emhlane wabo, bembethe izinguboezimhlophe ezinde, bengafake zicathulo, bememeza kakhulu,bempompoloza, “Mfowethu!”119 Nga—ngacabanga, “Manje, yisimanga lesi.” Ngaqalazangemuva ngase ngibuka. Futhi lapho ngangilele khona lapho,futhi lapho kwakukhona umkami, elele lapho embhedeni.Ngase ngithi, “Manje, uyazi uk’thini? Ngifile.” Ngathi, “Lokho,yilokho okwenzekile. Ngi—ngifile.” Ngase ngithi, “Ngingahleukuba ngibe nokuhlaselwa yinhliziyo, noma okuthize. Ngifile.Nanko ulele umzimba wami.” Ngangilele lapho nje nezandlazami ngemuva, kanjalo, ngigongobele impela nje. Ngacabanga,“Lokho akusiwo amafidi angamashumi amabili ukusuka

40 IZWI ELIKHULUNYIWE

kimi.” Futhi ngangilapho, ngibuka. Ngacabanga, “Lokho yi…Nango umkami lapho. Lapho, nanso yonke into. Nanto iyembelami lilenga lapho kulolothi lombhede lapho. Futhi ngakhongilapha.”120 Ngaqalaza futhi, nalaba besifazane bonke babeza. Futhibabe…Ngabuka, abeza ngapha, futhi nakho kuza abafowethu.O! Bayibo ngokoqobo. Bonke babebukeka beyizinsizwa.Babememeza kakhulu, “Mfowethu oligugu!” O, ngangingaziukuthi ngizocabangani.121 Ngacabanga, “Yisimanga lesi.” Ngabuka emuva, futhingangingesiyo indoda endala. Ngangimusha. Ngacabanga,“Lena yinto eyisimanga.” Ngacabanga, “Ngabe lonangumbono?” Ngangiluma umunwe wami. Ngase ngicabanga,“Qhabo. Akusilo uhlobo lombono engike ngaba nalo.”122 Manje-ke, lapho, Into ethize iqala ukukhuluma kimi phezululapha, yayisithi, “Ungene nabantu bakho.”

Ngacabanga, “Nabantu bami? Bonke laba bangoBranham?”123 Yathi, “Bangabaphendulwa nguwe kuKristu.” Nalababesifazane…

Niyazi bengihlala njalo ngithathwa ngokuthi, ngenxayokuthi babengibiza ngokuthi “ngingozonda abesifazane,”kodwa angisuye. Niyabo? Isizathu, ngikholwa…A—a—angisithandi isimilo esibi, ukungaziphathi kahle. Ngithandaabangempela, odadewethu abangaboqobo bakaKristu. Umakungaleyondlela, kulungile.124 Nganginezibazi ezithize ngenkathi ngisengumfanyana.Ngiyazazi izinto eyathi ukungiphendulela kuleyondlela. Kodwakwa—kwakunguNkulunkulu konke, kwenza, kungibumbelalelihora. Niyabo?125 Ngicabanga ukuthi owangempela, udadewethuwangokoqobo, ayikho into enye enhle ukwedlula. UmauNkulunkulu engapha indoda noma yini engcono kunensindiso,Uyomupha inkosikazi. Niyabo? Futhi ngakho, manje-ke, umaubengapha indoda noma yini engcono, Ubengakwenza. Besekuthi-ke ukubona abanye babo bejika futhi bangaziphathisingisho okwenkosikazi, bengethembeki ezifungweni zabozomshado, nabayeni babo ngokufanayo. Khumbulani,ubophezelekile inqobo nje uma usaphila, komunye nomunye.“Okuhlanganiswa nguNkulunkulu emhlabeni, kuhlanganisiwenaseZulwini.” Niyabo?126 Futhi ngakho-ke nga—ngakubona lokho. Nalaba besifazanebagijima benyuka futhi babesho bengigaxa, futhi bengigona,futhi bengibiza ngo, “Mfowethu!” Manje, babengabesifazane,kodwa ngeke saze sabakhona isono kuleyondawo. Niyabo?Babengabesifazane. Kodwa, niyabo, okusenzayo manje,owesifazane ne—nendlala, indlala yabesifazane, nowesilisa

IZINTO EZIZOBA KHONA 41

nendlala yesilisa, lokho kungokokuveza abantwana. Laphongeke ibekhona. Bonke bayoba yindlala eyodwa, kodwabayolokhu besesesimweni. Umfanekiso wasemhlabeniabawuthwalayo lapho uyoba lapho, kodwa asisoze sabakhonaisono. Nonke niyafana. Ngeke besabakhona abantwanaabayovezwa lapho. Niyabo? Kunjalo. Konke kuyobangaleyondlela. Futhi ngakho ngabuka, nalaba besifazane.127 Base bengiphakamisa. Lababafowethu bangihlalisa phezuluendaweni. Ngathi, “Nikwenzelani lokhu?”

Wathi, “Emhlabeni wawungumholi.” Futhi kwathi—futhikwathi, “U…Yilababantu.”128 Futhi kwakukhona omunye wesifazane owenyukayo. Wathi,“Mfowethu oligugu.” Owesifazane omuhle kakhulu!

Ngenkathi edlula, leliPhimbo lama, lathi, “Awumkhumbulina?”

Ngathi, “Qhabo.”Lathi, “Wamholela kuKristu ngenkathi esedlule emashumini

ayisishiyagalolunye. Niyabo? Awuboni yini ukuthi kungani ethi‘mfowethu oligugu’?”

Ngathi, “Awu, u—uhamba…”Lathi, “Qhabo. Silinde lapha.”Ngathi, “Awu, uma ngedlulile, ngifuna ukubona uJesu.”Lathi, “Ungeke uMbone manje. Lona ngumBhalo, wathi,

‘Imiphefumulo ephansi kwe altare.’ Uthe ukuphakamakakhudlwana nje. Ngoluny’usuku Uyobuya. Sibuyelaemhlabeni. Asidli noma siphuze lapha.”129 Ngathi, “Usho ukuthi ngangesaba lokhu na? Ngani,lokhu…”

Alikho izwi lokukukhuluma, bangane. “Kuphelele,”belingeke—belingeke likuthinte, “okuphakeme kakhulu.”Akukho-magama esiNgisi akhulunywayo engiwaziyo, akukho-zwi nhlobo, elaliyoke lizwakalise ukuthi kuyini. Kungaphambilile kwanoma yini engiyaziyo. Wayelapho. Kwakungekho-kugula, kungekho-sizi. Wawungeke ufe. Wawungeke wone.Kwakuphelele nje, kuphelele nje. Bangane, anifanele, anifanelenikugeje. Khumbulani.130 Futhi ngenkathi ngisengumfana omncane, ngabonaumbono wesihogo, njengomfana omncane. Futhi niyaziukuthi akanjani amanenekazi, namhlanje, noma abesifazane(inenekazi belingeke layenza into enjengaleyo), bapendeamehlo abo njengempisi, noma into efana naleyo, intoel’hlaza sibhakabhaka phansi kweso labo. Ngikubonile lokho.Ngangizika. Njengomfana omncane, ngangikade ngidutshuliwe,futhi ngangilele, ngifa esibhedlela. Futhi ngangazi njalo ukuthiwayekhona uNkulunkulu.

42 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngiyawukhumbula umkhuleko wokuqala engake ngazamaukuwukhuleka. Into kuphela engangingayisho…A—angikazengikusho lokhu ngaphambili. Ngizwa nje ukuthi ngizokuxoxakhona manje. Ngadutshulwa, ngilele lapho, ngifa endle.Nesicelo kuphela engangingaba naso kuNkulunkulu, ngathi,“Uyazi, Nkosi, angizange ngiphinge.” Niyabo? Njengomncane,umfana osemncane cishe iminyaka eyishumi nanhlanu ubudala,ngazama ukuphila ngokufanele. Ngase ngithi, “Ngiphilengokuhlanzeka.” Futhi yilokho engangingakusho. Yilokhokuphela okwakungifanele engangingakunika Yena.131 Kwase kuthi-ke ngilele lapho, ngaleyonkathi, ngenkathiudokotela esehambile wasuka kimi, futhi ngazizwa ngicwilangingena ePhakadeni elimnyama, futhi kwakubukekakufana nalo. Ngampongolozela ubaba, “O, baba, ngisize.”Kwakungekho-baba lapho. “Mama, ngisize.” Kwakungekho-mama lapho. “Nkulunkulu, ngisize.” Kwakungekho-Nkulunkulu lapho. Kwakungelingakhawukiyo nje, elibi kabi,o, iphupho elesabisayo. Esivuthayo, isihogo esinamalangabisasingaba yintokozo, siqhathaniswa nalokho. Futhi ngiwangidabula lapho, ngacabanga, “O, he!” Ngiphenduphenduka,kanje. Ngangena endaweni, intuthu, nomnyama, nokugula.Futhi, o, ukuzwa okunje pho!Kwakungukufa phezu kwami.

Ngangibabona labo besifazane benyukela kimi,benalolohlobo lwamehlo apendiwe kanjalo. Manje khumbulani,lokho sekube yiminyaka engamashumi amane-nanhlanueyedlula, cishe iminyaka engamashumi amane edlule, empeleni.Bethi, babethi, “Hhee! Hhee! Hhee!”

Ngathi, “Ngizoba lapho kuze kube-phakade na?”

“Kuze kube-phakade.”132 Ngathi, “ONkulunkulu, umaUzongidedela ngiphume lapha,a—a—angisophinde ngibe namahloni ngaWe futhi. Angisozengaba namahloni. Nkulunkulu, ngiyacela nginike ithuba.”

Into yokuqala niyazi, ngazizwa ngibuya ngenyuka.Nodokotela washaqeka, ngoba inhliziyo yami yayishaya kuphelakashumi nesikhombisa eminithini. Ngase ngophe laphuma lonkeigazi lami nakho konke, ngangilele egazini lami uqobo. Futhibengimangala, ngoluny’usuku lokho kwakuyokwenzeka na?133 Cishe eminyakeni emibili edlule, ngenkathi ngithuthelaeTucson, nganginomkami eJ. C. Penney’s. Ngangihlezi laphokanjalo, nekhanda lami libheke phansi, ngilindile. Isizathu,niyazi ukuthi kukanjani, amanenekazi, athenga isikhathieside. Futhi ngangi—ngangihlezi lapho, ikhanda lami libhekephansi kanje. Nesitebhisi esizihambelayo sasikhuphuka. Futhinakhu kwenyuka abanye balabo besifazane, nalokho kugundwakwezinwele eziyinkimbinkimbi, niyazi, njengoba benza, kanjalo.Benyuka nalawomehlo abukeka ependwe kanjalo. Futhi

IZINTO EZIZOBA KHONA 43

babekhuluma iSpanishi. Futhi lokho yilokho. Wonke (umbono)waphindewenzeka futhi. Kwakulapho, “Hhee! Hhee!”134 Mfowethu, dadewethu, ake nginitshele into ethize. Kungahlekubukeke kuyinsini manje, kodwa uma uke wafika lapho.Kuyinto enzima. Ningahambi neze ngaleyondlela.135 Mina, njengendoda esindala, umfundisi, ngishumayeleumhlaba jikelele, nginezigidi zabangane, kodwa ngiyazingifanele ngime nani ngaleya. Suka ezintweni zezwe. Futhiuma ikhona into ekuwe, ukuthi usafuna ukwenza ngendlelaowenza ngayo, uma unezinto zezwe kuwe, khumbula, awusuyeokaNkulunkulu. Useyilunga lebandla nje, kuze kube yilolobizo;lolotwa, lubizana noTwa. Niyabo?136 Njengokuthi, ngaphambi kokuba kubekhona isigwedloemhlane wenhlanzi, kwafanele kubekhona amanzi ayo ukubaibhukude kuwo, kuqala, kungenjalo yayingeke neze ibenesigwedlo.

Ngaphambi kokuba kubekhona i—isihlahla ukubasimile emhlabathini, kwadingeka kubekhona umhlabathi,kungenjalo bekungeke kubekhona isihlahla ukuba simile kuwo.Kwakungeke kube nasizathu sesihlahla, nokusenza sibekhonakanyekanye.137 Ngaphambi kokuba kubekhona okudaliweyo, kuzofanelekubekhona uMdali. “Babusisiwe abalambela bomele ukulunga.”Niyabo? Kukhona into ethize kithi. Uphakamise isandla sakhoesikhashaneni esedlule, “Ngifuna okuningi ngokwengeziwekukaNkulunkulu.” Niyabo? Ikhona into edingekayo.

Futhi uma nithanda izwe, nihamba ngaleyondlela, izintozezwe, niyohamba uhambo lwezwe, nasekuweni niyoba njalo.Niyabo? Phumani. Ningamadodana namadodakazi eNkosi,iNkosi qhwaba. Yiba yinenekazi nomnumzane ohloniphekile.Hambani njengamaKristu. Philani njengamaKristu. YenzaninjengamaKristu. Khumbulani, ngiyohlangana nani eNkantoloyokwaHlulelwa naleziziphawulo. Niyabo?138 Buka esibukweni sakho sokubuka, kulobubusuku, beseuyabona. “Yiyiphi indlela engiqonde kuyo na? Ngabe uJesuungilungisela indawo, umzimba na? Lowomzimba uphelele.Lowomzimba uhamba ngokuhlelekile. Uyindodana nomaindodakazi phambi kukaNkulunkulu. Futhi ngiyizinhlunguzokuzala phakathi lapha, ukuba ngizalwe kulowomzimba lapho.Uma ngisalithanda izwe, kuyangikhombisa ukuthi (angisuye)anginamzimba lapho. Ngiyilunga lebandla nje. Ngangingesiyoimbewana kaNkulunkulu. Angisiyo. Akasuye uBabawami.”139 Wathi, “Uma ningenakukumela ukulaywa,” yilokhoenikutholayo manje, “khona-ke ningabantwana besihlahla,futhi anisibo abantwana bakaNkulunkulu.” Lokho akunjalo na?[Ibandla lithi, “Kunjalo.”—Umhl.] Ngabe iBhayibheli liyakusholokho na? [“Amen.”]

44 IZWI ELIKHULUNYIWE

Uma ningenakukumela ukulaya kukaNkulunkulu, umanibona umBhalo unibeka emgqeni, futhi nithi, “O, angifuniukuzwa leyoNto. Ngi—ngingumKristu. Ngenza i…” Kulungile.Qhubeka. Niyabo? Kungubufakazi obubonakalayo obubodwaobuqinisileyo ukuthi awusuye umntwana kaNkulunkulu.

Kodwa owangempela umntwana kaNkulunkulu uyalambafuthi uyoma. Ngani na? Uma kukhona okusenhliziyweniyakho, kukutshela ukuthi uyakufuna, futhi kudinga lapho,kukhombisa ukuthi kukhona okushaya, kuzama ukukudonselalapho. Kukhona umzimba lapho, ukuthi lona ungumfanekisowawo lapha. Uwusebenzisela ini lona, ukudumisa uDevelinezwe, nezimfeshini nezinto na? Ngabe ubheke ngaseZulwini,ikhona into ephezulu lapho, udumisa uNkulunkulu ngempiloyakho na?

Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi: umabekungenjalo, bengiyakunitshela. Futhi Ngizoya futhiukunilungisela indawo.…ngobuye ngize, nginibuyisele kimi; ukuba lapho

ngikhona, nibe-khona nani.140 Izinto Ezizoba Khona. Lezizinto ezikhona manje, ziyilokhookunokwenzeka kuphela, zibiza izinto ezobakhona.

Asikhuleke.141 Cabangani kanzima. Nizocabanga, banganeabangamaKristu athandekayo na? Cabangani kanzimangempela, umzuzwana nje. Asithule ngempela nje umzuzwananje. Asidedele uMoya oNgcwele akhulume.

Manje, iNkosi uJesu yangithumela kinina bantubePentecostal, kudala. Nangu omunye wabafana benuovele ukuba abe ngumelusi wenu, wathi, “Kubangelwengumphumela wenkonzo.” Uyibonile iNkosi uJesu ivula amehloezimpumputhe; “yenza,” wathi, “ama waterheads ashwabananya.” Ngisenazo izinkonzo zokuphilisa. Kodwa ngiyaqondaukuthi ngikhulekele abantu abaningi ababegula kakhulu.Baphiliswa. INkosi yaphendula umkhuleko, futhi yaphilisaabagulayo. Kodwa, niyazi, abanye balabobantu, abaphiliswayo,usevele ufile. Futhi akunandaba ukuthi ugula kangakanani, umauphilisiwe, uzofa, noma kanjani.

Kodwa lowomphefumulo, mfowethu oligugu,lowomphefumulo, dadewethu oligugu, ungecabange ngawomanje na? Lowo uPhakade. Uma lolothando lukaNkulunkululungekho phakathi lapho, akukho lutho oludonsayo, ungemceleuNkulunkulu, “O Nkulunkulu, phinda ungiqale, ngibe musha,kulobubusuku. NgiyaKuthanda, Nkosi. Ngifuna ukuKuthanda.Nento ethize enhliziyweni yami ingitshela ukuthi ngifanelengiphile ngokusondela kakhulu kuWe. Ngifuna ukuza, khonamanje, Nkosi, futhi ngenze lokho”? Uma lowomuntu nomaabantu bekulendlu noma ngaphandle kwalendlu, ngiyakucela,

IZINTO EZIZOBA KHONA 45

njengenceku kaKristu, eGameni likaJesu Kristu, ungakwenzanje, nekhanda lakho likhotheme, uphakamisele isandla sakhokuNkulunkulu bese usho lokhu kakhulu, “Nkulunkulu,ngisondeze eduzane kakhulu, eduzane kakhulu, Nkulunkuluothandekayo. Ngifuna ukuba semgqeni nakho konke OnakhoeZwini laKho”? Phakamisani izandla zenu. Manje yibani qothongempela nje. Cabangani nje.142 Manje, bathi, “O, ngikwenzile lokhu. Mina, ngimemezile,uMoya. Ngikhulume ngezilimi. Kodwa, buka, kukhonaokushodayo empilweni yami. Ngibuka esibukweni seZwilikaNkulunkulu, ngiyazi kukhona okuthize. Ngiyaya esontweni,kodwa angisikho lokho engifanele ngibe yikho.” Niyabo? Lokhokukhombisa lokho, into ethize.

Manje, uma ungazibuka wena bese ubona ukuthi awukhoemgqeni neZwi likaNkulunkulu, futhi akukho lutho phakathilapho oluzokubangela ukuba uphakamise isandla sakho, khona-ke uyazi kukhona okungalungile. Unakho. Kukhona…Umamawayevamise ukuthi, “Ungeke ulithole igazi kutenipu, ngobaalikho igazi kuwo.” Niyabo? Cabangani ngakho, kanzimangempela. Leli kungaba yithuba lenu lokugcina. Amashumiamathathu, izandla ezingamashumi amane besiphakeme,leliqembu elincane lapha, ngisho nakubefundisi-bagcotshwa.143 Nje yibani nenhlonipho ngempela umzuzwana nje. Manjecabangani ngokuqondile ngempela. “Nkulunkulu othandekayo,ngingahle ngibulawe, kulobubusuku, engozini. Ngingahlengife ekuhlaselweni yinhliziyo. Ngokunye kwalokhu ukusa,ngingahle ngibize udokotela, futhi afike, nokushaya komthambowami kushaya kwenyuka ngomkhono; angisekho. Ngicindezelaisihlathi sami ephilweni, ngimemeze, ‘O Nkulunkulu!O Nkulunkulu! O Nkulunkulu!’” Niyabo? Leyonhliziyoyenza ukushaya kwayo kokugcina. Uza kulowoMnyangoomkhulu. Awusoze waphuma ngaphandle uma uzalwengokusha ngoMoya kaNkulunkulu. Awusoze waphumangaphandle uma kukhona into ekuwe, emva kokuba usuzelwengoMoya kaNkulunkulu, ulambela futhi womela ukuqhubekanoNkulunkulu. Kufanele kube njalo. Niyabo? Ungumntwanaemhlabeni, ezibilini zomhlaba, usalokhu ulindele ukuzalwaeMbusweni kaNkulunkulu, lapho Aye ukuyokulungiselelaomunye umzimba, lowo ngumzimba ophelele.

Manje cabangani ngokujulile ngempela, futhi asikhulekekanyekanye.144 Nkulunkulu othandekayo, njengoba ngazi ukuthi lokhukuyaphenywa eNcwadini, iRekhode elikhulu! Siphambekekwisayense, Nkosi, okwenele ukusiphaphamisa, okwamaqinisoukwazi ukuthi wonke umnyakazo esiwenzayo ujikelezaujikeleze umhlaba, ngaso lesosikhathi esiwenza ngaso. Sinakholokho ngetelevishini. Siyaqonda, Baba, ukuthi leyotelevishini

46 IZWI ELIKHULUNYIWE

ayisikhiqizi isithombe, kuphela ihambisa ngomgudu u—ukuzamazama kungene eshubhini okwenza isithombe? Ngishonombala wezingubo esizigqokile, kukhombisa ngamagagasiasemkhathini wesibhakabhaka omoya, lokho kuzamazamaumhlaba jikelele. Manje-ke ukanjani odadewethu begqokelezongubo, beziphatha kanjalo, futhi bengalambi ngisho; ubusoobupendiwe, bagunde izinwele na?

Abefundisi abayoya kwisayense yezenkolo, ikholiji elithize,“Futhi bathathe izinto zezwi lomuntu, elenza, ngamasiko abo,elenza ize imiyalo kaNkulunkulu phezu kwabantu, ngamasikoabo,” bethi bafanele babe ngabesonto, futhi yilokho kuphela na?

O Nkulunkulu, bayaqonda yini ukuthi lonke izwi esilishoyo,kufakazelwe ngokwesayense, liserekhodini na? Futhi liqalangenkathi siqala ukuphila kulomhlaba. Liphela ngenkathi sifa,futhi libekwa kwi albamu kaNkulunkulu, ukuba liphindelidlalwe futhi ekwaHlulelweni.

Sizophunyuka kanjani kukho, ukulahla kukaNkulunkulu,uma into yenziwe yacaca kakhulu phambi kwethu kepha nokhosiyaYala na?

ONkulunkulu othandekayo, lamaZwi awafi neze. Aqhubekanjalonjalo. Irekhode liyodlalwa ngoSuku lokwaHlulelwa.Uzibonile lezozandla eziphakamile, Baba. Siyoba khonalapho ngoSuku lokwaHlulelwa. Futhi, lokho inhliziyo yaboebikucabanga, kuyoba lapho ngoSuku lokwaHlulelwa.145 Manje, Baba, Nkulunkulu, ngiyaKucela, njengencekuyaKho, ngikhulekela ukuthi Uzosusa bonke ububi kubantubaKho. Ububi: into esaziyo ukuthi sifanele siyenze, futhiasiyenzi. UDavide wathi, “Uma ngikhulelwe ububi enhliziyweniyami, uNkulunkulu akayikuyiphendula imikhuleko yami.”Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, ukuthi Uzothatha ububi bethu,ngoba iZwi liyisibuko saKho sokubuka esisikhombisayo ukuthisisilele kangakanani ekubeni ngamadodana namadodakazieNkosi. Baba, ngikhulekela ukuthiUzokwenza, kulobubusuku.146 Futhi benze lelo altare, ngoba ialtare lihlezi ligcwele abantu.Futhi benze lelo altare, lapho esihlalweni lapho behlezi khona,benze leyonhliziyo yabo ibe yi altare labo. Kwangathi izwelingasuka kuwowonke umfowethu, udadewethu phakathi lapha.Futhi kwangathi leyombewana yokuPhila, imbewu yokhalolukaNkulunkulu ebesisanda kukhuluma ngayo, leyonxenyeengahlukaniseki eyehla ivela kuNkulunkulu, futhi kadeibonakaliswa lapha ukuhlonipha nokudumisa uNkulunkulu.Nkulunkulu, gudluza izwe kulokho.147 Abanye, ngeke ngakhuleka, Nkosi, ngoba “ukugulakusekufeni,” futhi akukho lutho lapho okubabangela ukubabagudluke. Kodwa labo abangagudluka, futhi bazi ukuthilokho kuyiphutha, hlanza izinhliziyo zabo nemiphefumulo

IZINTO EZIZOBA KHONA 47

yabo, kulobubusuku, Baba. Futhi kwangathi bangagcwaliswangoMoyawaKho, bahambe bangene ekuKhanyeni kwaKho.148 Busisa lona othandekayo, osemncane, ophile kahle, umelusiobukeka eqinile lapha, Nkosi. Lensizwa, ethonyekile, ishilo,ngalokho ebone Ukwenza. Lensizwa ekahle, O Nkulunkulu,vuthisa umphefumulo wayo. Siphe khona, Nkosi. Kwangathiingaba ngumelusi wezimvu wangeqiniso, ngokuqhubekayo,ngaso sonke isikhathi, ukuba aphe umhlambi uMoya oNgcweleomenze waba ngumbonisi phezu kwawo. Siphe khona, Nkosi.Kwangathi ingephendukele kwesokudla noma esokunxele,kungabikho-ndlela yesivumokholo, kungabibikho lutho olunyekodwa iZwi likaNkulunkulu elingaxutshwe nalutho liveleemlonyeni wakhe, futhi Lelo kuphela. Mbusise, Nkulunkulu,yena nabathandekayo bakhe, nebandla lakhe elincane lapha.Yiba nabo bonke, Baba.149 Nginikela lokhu kuWe, Baba. IMbewu isihlwanyelwe.Kwangathi Ingawela phezu kwaleyombewu emiselwe ukuPhila,futhi imile ibe nkulu, amaKristu aqinile alelibandla lapha,namanye amabandla lapho bevela khona. Siphe khona,Nkosi. Ngikunikela kuWe, eGameni likaJesu Kristu, iNdodanakaNkulunkulu.

Futhi, Baba, “Yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethusasiphezu kwaYo; nangemivimbo yaYo siphilisiwe thina.”150 Ngibone ongena ngomnyango, emizuzwaneni embalwaedlule, owesifazane ompofu oguliswa yimizwa. Futhi, O,Nkulunkulu, emndenini wakhe uqobo, izinto ezinkulukangaka eyenziwe, ukuthi Uzibonakalise kanjani Wena uqobo!Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, ngalowo wesifazane. Susa konkelokho okudlulile kwasemuva, kwempilo, Nkosi, futhi umphilisekulobubusuku. Uzokwenza, Nkosi na?Mthathe abe kuWe.151 Ngiyakubona, abantwana abancane behlezi lapha,Nkosi, bedinga ukuphiliswa, abanye. Ngikhulekela ukuthiUzobaphilisa, Baba. Siphe khona. Kwangathi amandlaaKho amakhulu okuphilisa angeza futhi asiphilise, kokubiliumphefumulo nomzimba.152 Futhi manje, kinina manje enisendlini yokukhonzela lapha,noma ngaphandle, odinga ukuphiliswa, Ngifuna uphakamiseisandla sakho, uthi, “Ngidinga ukuphiliswa, MfowethuBranham.” Kubukeka sengathi wonke umuntu uyakudinga.Kulungile. Nizongikholwa ukuthi ngiyinceku kaKristu na?Thanini, “Amen.” [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Manje-ke,ngifuna nibeke izandla zenu phezu komunye nomunye. Njebekani izandla zenu phezu komunye ngamunye. Niphakamiseizandla zenu, ongaphakathi noma ngaphandle, niphakamisaizandla zenu, ukuthi beningamakholwa kuNkulunkulu.

48 IZWI ELIKHULUNYIWE

UJesu Kristu wathi, Ukuthuma kwaKhe kokugcinaeBandleni, “Hambani niye ezweni lonke, futhi nishumayeleiVangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo…Okholwayoabhaphathizwe uyakusindiswa. Ongakholwa uyolahlwa.Nalezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo; ngeGamalaMi bayakukhipha amademoni; bayokhuluma ngezilimiezintsha; uma bephatha izinyoka noma baphuze okubulalayo,akuyikubalimaza; kodwa, futhi uma bebeka izandla zabophezu kwabagulayo, bayosinda.” Manje, uJesu wakusho lokho.Khumbulani, Wakusho lokho. Lokho kufanele kube khona.Wayengeke akusho lokho ngaphandle uma kuzobakhonaongabamba leloZwi.

Njengesizalo sikaMariya nje sakwazi ukubamba imbewana,“Intombi iyakukhulelwa.” Njengesundu lakwazi ukudalwa,nesihlahla som-oki egqumeni, iZwi laKhe lakwenza.

IZwi laKhe lingabamba enhliziyweni yakho khona manje.“Ngiyikholwa, Nkosi. Lona wesilisa noma wesifazane engibekeizandla zami phezu kwakhe, bayagula. Angizikhulekelimina uqobo. Ngoba, bakhulekela mina. Ngikhulekela yenaowesifazane, noma yena owesilisa. Futhi, O Nkulunkulu,mphilise owesilisa, mphilise owesifazane. Futhi ngiyikholwa,futhi manje sibuthene. Sisanda kufundiswa nje ukuthisasinoKristu ngenkathi Ehamba emhlabeni, ngokuba siyinxenyeyeZwi laKhe. Sahlupheka naYe. Sopha naYe. Safa naYe.Sembelwa naYe. Sivuswe naYe, futhi sihlezi ndawonyeezindaweni zaseZulwini kuKristu Jesu. INkosi enkulu ihlezilapha phakathi kwethu, futhi ngiyindodana noma indodakaziyaleNkosi. Futhi ngibeke izandla zami phezu kwendodananoma indodakazi yeNkosi, engikhulekelayo, nami ngikhulekelabona. Manje, Mbusi, phendula umkhuleko wami, futhi uphiliselendodana kaNkulunkulu noma lendodakazi kaNkulunkulu.”

Kanyekanye, asikhulekelane manje.153 Nkosi Jesu, siza ngokuzithoba, sivuma amaphutha ethu.Siyeza, sivuma ukuthi sikufanele ukugula nokufa, nosizi,kodwa semukela inhlawulo yaKho ngezono zethu nokugulakwethu. Futhi, kulobubusuku, lamadodana namadodakazikaNkulunkulu, ehlezi lapha, ezwa ukuqondisa kweZwi, futhiephakamisa izandla zawo, futhi efuna ukuhamba ngokusondelakakhulu. Abeka izandla phezu komunye nomunye manje ngobaayalikholwa iZwi laKho ukuthi liqinisile. Ayakholwa ukuthimanje sesivusiwe noKristu, sihlezi ezindaweni zaseZulwininaYe. Abeke izandla zawo phezu komunye nomunye,ekhulekelana.

Wena wathi, “Umkhuleko wokukholwa uyakumphilisaogulayo, noNkulunkulu uyakumvusa; futhi uma enze nomayisiphi isono, uyothethelelwa sona. Nivuma izono zenuomunye komunye, nikhulekelane, ukuze niphiliswe. Ngokuba

IZINTO EZIZOBA KHONA 49

umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.” ONkulunkulu oPhakade, yizwa umkhulukowezinceku zaKho.

Futhi manje, kulotshiwe futhi, “Uma abantu, ababizwangeGama laMi, beyobuthana, futhi bakhuleke; khonaNgiyakuzwa ngiseZulwini.” O Nkulunkulu, yizwa umkhulekowabantwna baKho kulobubusuku, useZulwini. Yehlisa uMoyaoNgcwele phezu kwalezizethameli, njengokuvunguza komoyaonamandla. Futhi siletha lababantu phambi kukaNkulunkulu.154 Sathane, wehluliwe. Uyisidalwa esehluliwe. UJesu Kristuwakunqoba eKalvari. Awunamandla. Ungumkhohlisi. Sibizaisandla sakho, kulobubusuku. EGameni likaJesu Kristu, phumakulababantu lapha, wena kugula nezifo. Futhi kwangathibangahamba, bakhululeke, eGameni likaJesu Kristu, iNdodanakaNkulunkulu.155 Haleluya! Yizwa inkazimulo kaNkulunkulu! Yizwaumkhuleko wakho uphendulwa. Uyakholwa ukuthiuNkulunkulu umphendulile umuntu ohlezi eduze kwakhona? Bangaki abakukholwayo na? Phakamisani izandla zenu?[Ibandla liyajabula—Umhl.] Nakho lapho enikhona. O,kuyamangalisa!

Ng’yaMthanda, ngi…

Izandla zenu ziphakeme manje, liculeleni Yena, ngayo yonkeinhliziyo yenu.

Ngoba Wathanda kuqala…

Nilisho ngempela, ngayo yonke inhliziyo yenumanje na?156 Bangaki kini abezwayo ukuthi uNkulunkulu usenithetheleleububi benu, izinto enizenzileyo na? “Futhi kusukelakulobubusuku kuqhubeke, O Wundlu likaNkulunkulu,Ngethembisa ukuhamba ngobuqotho. Ngizohambangokuhlonishwa kweGama engibizwa ngalo, umKristu, impiloefana nekaKristu. Ngizophakamisa izandla zami, Nkulunkulu.Ngizinikela mina kabusha kuWe, kulobubusuku. NgizohambaekuKhanyeni.” Amen.

Sizohamb’ekuKhanyeni, ukuKhanya okuhle,Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona;

Kusikhanyisa ndawo zonke, emininasebusuku,

UJesu, ukuKhanya kwezwe.

Sizohamb’ekuKhanyeni, KungukuKhanyaokuhle kangaka,

Kufika lapho amathonsi amazolo…

Lapho Ayosilungiselela khona indawo.

50 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kusikhanyisa ndawo zonke, emininasebusuku,

UJesu, ukuKhanya kwezwe.Wozani, nina bonke bangcwele bokuKhanyanimemezele,

UJesu, ukuKhanya kwezwe;Iqiniso nomusa eGameni laKhe,UJesu, ukuKhanya kwezwe.

Sizokwenzenjani-ke?

Sizohamb’ekuKhanyeni, ukuKhanya okuhlekangaka,

Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona;

Kusikhanyisa ndawo zonke, emininasebusuku,

UJesu, ukuKhanya kwezwe.

O, anizizwa nikolojwe kwaphuma konke, nizizwa nikahlena? [Ibandla, “Amen.”—Umhl.] O, he! Asixhawulane, njengobasilicula futhi.

Sizohamb’ekuKhanyeni, ukuKhanya okuhlekangaka,

Kufika lapho…(UNkulunkulu akubusise,mfowethu.)…omusa ekhanya khona;

Kusikhanyisa ndawo zonke, emininasebusuku,

UJesu, ukuKhanya kwezwe.

Asivale amehlo ethu nje futhi silihamishe. [UMfowethuBranham nebandla baqala ukuhamisha u Jesu ukuKhanyaKweZwe—Umhl.] Senzisa okwabantwana. Singabantwana.

O, kungukuKhanya okuhle kangaka,Futhi Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona;

O, kusikhanyisa ndawo zonke, emininasebusuku,

UJesu, ukuKhanya kwezwe.

AniMthandi na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]

Ukholo lwami lubheka phezulu kuWe,Wena Wundlu laseCalva-…

Valani amehlo enu nje bese nilicula. Nidumise eMoyeni.

Msindisi waPhezulu;Manje ngizwe ngisakhuleka,Susa zonke izono zami,O makuthi mina kusukela namuhlaNgibe ngowaKho wonke!

IZINTO EZIZOBA KHONA 51

Lapho nginyathela ekudidekeni okumnyamakwempilo,

Nosizi lwanda macala onke kimi,O, yiba Wena nguMholi wami;Yala ubumnyama bube yimini,Sula ukwesaba kokudabuka,Ungangivumeli nanini ngidukeNgisuke eceleni kwaKho.

157 O, he! ngiyazi ngingumfo oyifeshini endala. Ngithanda…Ngicabanga ukuthi lokho kunakho konke okusha, okuqotshiwe,kwasinwa ispenishi, ukushaya kokuzenzisa, amamayelaayisigidi. Lezozimbongi ezindala ezabhala lawomaculo, uMoyaoNgcwele wathinta lelopeni, baqala ukubhala. O, he! CabanganingoEddie Pruitt nabo bonke; omkhulu! UFanny Crosby:

Mawungangedluli, O Msindisi onobubele,Yizwa ukukhala kwami kokuzithoba.

158 Ngesinye isikhathi babezama ukumthola. Ake—akenzanganjengoElvis Presley wePentecostal, athengise ngobuzibulobakhe ngokoniwa yizimoto amaKadilake. U…Bafika kuyefuthi babefuna ukuba abhale—abhale amaculo ezwe. Wathi,“Ngeke ngakwenza, ngalutho.”

Bathi, “Ngani, uyimpumputhe. Uma ufika eZulwini, wazikanjani?”

Waphenduka, ugqozi, ngakho wathi:NgiyoMazi, ngiyoMazi,Futhi ngihlengiwe ngiyoma eceleni kwaKhe;NgiyoMazi, ngiyokwazi (Kanjani na?)Ngemilobo yezipikili kwesaKhe…

Kungenjalo, “UmangingaMboni, ngiyozwa izandla zaKhe.”NgiyoMazi, ngiyoMazi,Futhi ngihlengiwe ngiyoma eceleni kwaKhe;NgiyoMazi, ngiyoMaziNgomlobo wezipikili esandleni saKhe.

159 Akunenzi niMthande na? Uye ukusilungisela indawo!“Nanxa Ngiya ngilungisa indawo, Ngobuya futhi, ukubanginibuyisele kiMi.”160 Bantwana abancane ekusikweni manje, phindani nilaleleimiyalo kaNkulunkulu. Nomelusi, lapha, uma engekho kinioke wabhaphathizwa, amanzi azobe eselungile. No—nobulungabebandla, kumbe noma yini enifuna ukuyenza, kumbe nomayini, kwenzeni. Aninawo umbhaphathizo, uMoya oNgcwele,lobu ngubusuku bokuMemukela. Anikukholwa lokho na?[Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]161 “O,” wena uthi, “Mfowethu Branham, sesedlule isikhathi.Usuvele ushumayele isikhathi eside kakhulu.”

52 IZWI ELIKHULUNYIWE

UPawulu washumayela ubusuku bonke, ngobunye ubusuku,loluhlobo olufanayo loMlayezo. Nencane…Insizwa yawaodongeni futhi yazibulala. NoPawulu, egcotshwe kakhulungalolohlobo olufanayo loMlayezo, wabeka umzimba wakhephezu kwayo, nokuphila kubuyela kuyo futhi. Uselokhu engu“Jesu Kristu onguye izolo, namuhla naphakade.”

AniMthandi na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Ake sithinje, kanye futhi, izandla zethu ziphakeme, “NgiyaMthanda.NgiyaMthanda.”

Uphi umshayi wopiyano na? Lapho, uma uthanda,dadewethu, noma ngabe ubani. Sinike indlela encane, umauthanda.

Bangaki abaMthandayo na? Phakamisa isandla sakho nje.Uthi, “NgiyaMthanda ngempela. NgiyaMthanda nje, nga—ngayoyonke inhliziyo yami. NgiyaMthanda.”162 Manje asilicule nje, kulo udumo lukaNkulunkulu.Manje, namehlo ethu evaliwe, izandla zethu ziphakameleeZulwini, “NgiyaMthanda. NgiyaMthanda.” SizoMdumisa.Uma ushumayela, futhi usika, futhi udabula, futhi udonsakanjalo, leli yibalisamu uNkulunkulu alithelayo, nje liyaphilisa.“Kukhona iBalisamu kwaGileyadi, lomphefumulo.” Asiliculemanje. Sinike indlela.

Ng’yaMthanda, ng’yaMthandaNgoba Wangithanda kuqalaWang’thengel’insindisoEmthini waseKalvari.

163 “Futhi kulokhu bonke abantu bayazi ukuthi ningabafundibaMi, uma ninothando, lomunye komunye.” Kunjalo. Umasingenakuthandana esimbonayo, sizomthanda kanjaniuNkulunkulu esingenakumbona na?

Ng’yaMthanda.164 [UMfowethu Branham ukhuluma kumfowethuemsamo—Umhl.] UNkulunkulu akubusise. [Umfowethuuthi, “Ngokuba lapha kulobubusuku kungukuhlonishwakwangempela okuvela eZulwini.”] Ngiyabonga, mfowethu.[“Kumnandi ngempela.”] Manje, ngicabanga ukuthi ibandla,wonke umuntu, uqinisiwe. Aninjalo na? [“Yebo. Ngempela.”]UNkulunkulu akubusise, Mfowethu Boone. Ngizobuyiselaibandla kuwe. UNkulunkulu akubusise.

IZINTO EZIZOBA KHONA ZUL65-1205(Things That Are To Be)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto kusihlwa, ngoDisemba 5, 1965, eFirst Assembly Of GodeRialto, eCalifornia, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2013 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org