ezempilo • ezokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya ... · ezempilo • ezokuthuthukiswa...

3
INEZIKHANGISO ZEMISEBENZI Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya • Ezemisebenzi • Ezokuphepha Nokuvikeleka Ezemfundo IVuk’uzenzele iMAHHALA . . . kodwa idlulisele kwabanye uma usuqedile ukuyifunda Ikhasi 4 Ikhasi 16 Masisebenze ngokubambisana ukuze sikhulise umnotho Stephen Timm N jengoba umnotho womhlaba kanjalo nowezwe lethu ubhekene nezikhathi ezinzima, uNgqongqoshe Wezezimali u-Pravin Gordhan usexwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuba babophe amaxhama basebenzisane. Ngenkathi ethula Inkulumo yakhe Yesabi- womali, uNgqongqoshe Gordhan umemezele izinyathelo okuhloswe ngazo ukubeka um- notho wezwe endleleni efanele. Lezi zinya- thelo zibandakanya ukwehlisa ukusetshe- nziswa kwemali nguhulumeni kanye noku- misa ukuqokelwa ezikhundleni emkhakheni wahulumeni, kanye nezinye izinyathelo, lokhu kuzosiza uhulumeni onge izigidi- gidi zamarandi ezingama-25 azisebenzisayo eminyakeni emithathu elandelayo. Uhulumeni uphinde ahlele ukungenisa izigidigidi zamarandi eziyi-18 zentela ngo- nyakamali wezi-2016/17 ngangxenyana thize ngokwenyuswa kwentela yemali enge- nile yabantu ngabanye, nokuzozwela impela kulabo abahola kakhulu. Noma kunjalo, akukho kuncishiswa ekusetshenzisweni kwemali isetshenziselwa izibonelelomali zomphakathi. Uhulumeni uzophinda acabange ngoku- vala noma ukuhlanganisa amabhizinisi ahulumeni angasebenzi ngendlela, kusho uNgqongqoshe Gordhan. Izinyathelo ezibekwe ngokucacile nguNgqongqoshe Wezezimali kusabiwomali zifika ngenkathi kulindeleke ukuthi umnotho ukhule kuphela nje nge-0.9% kulo nyaka, ku- suka ku-1.3% ebelindelekile ngowezi-2015. UNgqongqoshe u-Gordhan unomsebenzi onzima nokho wokuzama ukugwema ukwehliswa ukulinganiswa kwamazinga ezwe kwezomnotho, nokuzokwenza ukuba uma uhulumeni eboleka imali kumbe eqolo ukuze agcwalise amagebe akhona kwezoku- kweleta. "Asikwazi ukusebenzisa imali esingenayo. Asikwazi ukuboleka ngaphezu kwalokho esingakwazi ukukubuyisa. Kuze kube si- kwazi ukuletha ukukhula nokwandisa imali engenayo, kufanele sibophe amaxhama," kugcizelela yena. Ukuze senze lokho, imali esiyikweletayo – lapha sisho imali eyenza igebe phakathi kwalokho okusetshenziswa uhulumeni kanye nemali eyinzuzo noma engenayo ezweni – izokwehliswa iye ku-3.2% wemali esebenzayo ngowezi-2016/17 isuka kwi-3.9% eyayiqagulwe ngonyakamali wezi-2015/16. UKULAWULWA KOKUTSHE- NZISWA KWEMALI KAHULU- MENI UNgqongqoshe Gordhan uthe konke ukuqokwa kwabantu ezikhaleni zemise- benzi ezikhona kuhulumeni (ngaphandle kwezothishela, abahlengikazi, odokotela, amaphoyisa kanye nezinye izikhala ezisemqoka) kuzomiswa kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa. Lokhu kuzosiza ukunciphisa imali okuholelwa ngayo abasebenzi bahu- lumeni ngezigidigidi zamarandi eziyisi-7.2. Iminyango kuzofanela ilethe isicelo sokuqa- sha kunoma yisiphi isikhundla esisha ngokuletha izinhlelo ezibukeziwe zezidingo zokuqeshwa kwabasebasebenzi . Phezu kwalokho, imithetho emisha izokhawulela uhulumeni imali angayise- benzisa kwezokuvakasha nezindawo zoku- lala (kulindeleke ukuba kongiwe izigidigidi zamarandi eziyi-1.6 kule minyaka emithathu ezayo), izinkomfa kanye nokuthengwa kwe- zimoto ezintsha kuthengelwa abasopolitiki abasezikhundleni. Bonke abahlinzeki ngezinsiza kanye ne- minyango yahulumeni nabo kuzodingeka basebenzise intuba yolwazi ye-inthanethi yokuthungatha abahlinzeki ngezinsiza (intuba yolwazi yamathenda aku-intanethi) kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa. Lokhu kuzokwenza uhlelo lokuthenga lube sobala futhi kube nezindleko eziphansi kubahlinzeki ngezinsiza kanye nombuso. Ngonyakamali wezi-2018/19, kulindeleke ukuba umbuso wonge imali ezizigidigidi zamarandi ezingama-25 ngonyaka phezu kwezigidigidi zamarandi ezingama-500 zemali esetshenziselwa ukuthenga, ngenxa yokwehlisa izikhangiso kanye nezindleko zokuqhutshwa komsebenzi. Zonke izinkampani ezifisa ukusebenzisana nohulumeni kufanele zibe sezibhalisiwe kunqolobane elawulwa endaweni eyodwa yabahlinzeki ngezinsiza kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa ngokusebenzisana kuhulu- meni kazwelonke nasezifundazweni kanye namabhizinisi akhona kanye nangomhla lu-1 kuNtulikazi komasipala. EZENTELA UNgqongqoshe Gordhan ubalule ukuthi uhulumeni usophe ukunyusa izintela ngesamba esiphelele sezigidigidi zama- randi angama-48 eminyakeni emithathu ezayo – izigidigidi zamarandi eziyi-18 ngowezi-2016/17 kanye nezinye izigidigidi zamarandi eziyi-15 eminyakeni yezimali emibili elandelayo. Izigidigidi zamarandi eziyi-18 zokwe- nyuswa kwentela ngowezi-2016/17 zizo- siza ukuvala igebe elivulwe uhulumeni lapho ehluleka ukufinyelela emgomweni wakhe wokuqoqwa kwentela wezigidigidi zamarandi eziyi-11.6. Lokhu kwenyuswa UNgqongqoshe Wezezimali u-Pravin Gordhan wethule isabiwomali esibhekelele konke nesihlose ukushayela ukusimama komnotho ezweni. PROTECTING SOCIAL GRANTS AGAINST RISING INFLATION T he value of social grants will increase in 2016/17 to ensure that grants keep up with inflation. Increases to the Social Protection budget will also cater for a rise in the number of beneficiaries, mostly those receiving the old-age pension grant and the child-support grant. This rise in beneficiaries is largely as a result of government’s improv- ing provision of healthcare and basic services over the years –old people are living longer and child mortality rates are falling. In 2016/17, the old-age pension grant is set to increase by R90 and the child- support grant by R20 2015/16 2016/17 STATE OLD AGE GRANT R1 415 R 1 505 STATE OLD AGE GRANT, OVER 75s R1 435 R 1 525 WAR VETERANS GRANT R1 435 R 1 525 DISABILITY GRANT R1 415 R 1 505 FOSTER CARE GRANT R860 R890 CARE DEPENDENCY GRANT R1 415 R 1 505 CHILD SUPPORT GRANT R330 R350 Ama-Protea asekulungele ukuqhudelana nomhlaba Uhlelo lomfundaze luqhubeka nokushintsha izimpilo UNdasa 2016 Ushicilelo 2 Niyethulelwa wuPhiko likaHulumeni Lwezokuxhumana kanye Nokuhlinzeka Ngolwazi (GCIS) isiZulu/English > Iqhubeka ekhasini lesi-2

Upload: others

Post on 01-Jun-2020

8 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ... · Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya • Ezemisebenzi • Ezokuphepha Nokuvikeleka • Ezemfundo ... "Umama

Vuk’uzenzeleINEZIKHANGISO

ZEMISEBENZI

Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya • Ezemisebenzi • Ezokuphepha Nokuvikeleka • Ezemfundo

IVuk’uzenzele iMAHHALA . . . kodwa idlulisele kwabanye uma usuqedile ukuyifunda

Ikhasi 4 Ikhasi 16

Masisebenze ngokubambisana ukuze sikhulise umnothoStephen Timm

N jengoba umnotho womhlaba k a n j a l o n o w e z w e l e t h u ubhekene nezikhathi ezinzima, u N g q o n g q o s h e We z e z i m a l i

u-Pravin Gordhan usexwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuba babophe amaxhama basebenzisane.

Ngenkathi ethula Inkulumo yakhe Yesabi-womali, uNgqongqoshe Gordhan umemezele izinyathelo okuhloswe ngazo ukubeka um-notho wezwe endleleni efanele. Lezi zinya- thelo zibandakanya ukwehlisa ukusetshe-nziswa kwemali nguhulumeni kanye noku-misa ukuqokelwa ezikhundleni emkhakheni wahulumeni, kanye nezinye izinyathelo, lokhu kuzosiza uhulumeni onge izigidi-gidi zamarandi ezingama-25 azisebenzisayo eminyakeni emithathu elandelayo.

Uhulumeni uphinde ahlele ukungenisa izigidigidi zamarandi eziyi-18 zentela ngo-nyakamali wezi-2016/17 ngangxenyana thize ngokwenyuswa kwentela yemali enge-nile yabantu ngabanye, nokuzozwela impela kulabo abahola kakhulu. Noma kunjalo, akukho kuncishiswa ekusetshenzisweni kwemali isetshenziselwa izibonelelomali zomphakathi.

Uhulumeni uzophinda acabange ngoku-vala noma ukuhlanganisa amabhizinisi ahulumeni angasebenzi ngendlela, kusho uNgqongqoshe Gordhan.

Iz inyathelo ezibekwe ngokucaci le nguNgqongqoshe Wezezimali kusabiwomali zifika ngenkathi kulindeleke ukuthi umnotho ukhule kuphela nje nge-0.9% kulo nyaka, ku-suka ku-1.3% ebelindelekile ngowezi-2015.

UNgqongqoshe u-Gordhan unomsebenzi onzima nokho wokuzama ukugwema ukwehliswa ukulinganiswa kwamazinga ezwe kwezomnotho, nokuzokwenza ukuba uma uhulumeni eboleka imali kumbe eqolo ukuze agcwalise amagebe akhona kwezoku-kweleta.

"Asikwazi ukusebenzisa imali esingenayo. Asikwazi ukuboleka ngaphezu kwalokho esingakwazi ukukubuyisa. Kuze kube si-kwazi ukuletha ukukhula nokwandisa imali engenayo, kufanele sibophe amaxhama," kugcizelela yena.

Ukuze senze lokho, imali esiyikweletayo – lapha sisho imali eyenza igebe phakathi kwalokho okusetshenziswa uhulumeni kanye nemali eyinzuzo noma engenayo ezweni – izokwehliswa iye ku-3.2% wemali esebenzayo ngowezi-2016/17 isuka kwi-3.9% eyayiqagulwe ngonyakamali wezi-2015/16.

UKULAWULWA KOKUTSHE-NZISWA KWEMALI KAHULU-MENI UNgqongqoshe Gordhan uthe konke

ukuqokwa kwabantu ezikhaleni zemise-benzi ezikhona kuhulumeni (ngaphandle kwezothishela, abahlengikazi, odokotela, amaphoyisa kanye nezinye izikhala ezisemqoka) kuzomiswa kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa. Lokhu kuzosiza ukunciphisa imali okuholelwa ngayo abasebenzi bahu-lumeni ngezigidigidi zamarandi eziyisi-7.2. Iminyango kuzofanela ilethe isicelo sokuqa-sha kunoma yisiphi isikhundla esisha ngokuletha izinhlelo ezibukeziwe zezidingo zokuqeshwa kwabasebasebenzi .

Phezu kwalokho, imithetho emisha izokhawulela uhulumeni imali angayise-benzisa kwezokuvakasha nezindawo zoku-lala (kulindeleke ukuba kongiwe izigidigidi zamarandi eziyi-1.6 kule minyaka emithathu ezayo), izinkomfa kanye nokuthengwa kwe-zimoto ezintsha kuthengelwa abasopolitiki abasezikhundleni.

Bonke abahlinzeki ngezinsiza kanye ne-minyango yahulumeni nabo kuzodingeka basebenzise intuba yolwazi ye-inthanethi yokuthungatha abahlinzeki ngezinsiza (intuba yolwazi yamathenda aku-intanethi) kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa.

Lokhu kuzokwenza uhlelo lokuthenga lube sobala futhi kube nezindleko eziphansi kubahlinzeki ngezinsiza kanye nombuso. Ngonyakamali wezi-2018/19, kulindeleke ukuba umbuso wonge imali ezizigidigidi zamarandi ezingama-25 ngonyaka phezu kwezigidigidi zamarandi ezingama-500 zemali esetshenziselwa ukuthenga, ngenxa yokwehlisa izikhangiso kanye nezindleko zokuqhutshwa komsebenzi.

Zonke izinkampani ezifisa ukusebenzisana nohulumeni kufanele zibe sezibhalisiwe kunqolobane elawulwa endaweni eyodwa yabahlinzeki ngezinsiza kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa ngokusebenzisana kuhulu-meni kazwelonke nasezifundazweni kanye namabhizinisi akhona kanye nangomhla lu-1 kuNtulikazi komasipala.

EZENTELA UNgqongqoshe Gordhan ubalule ukuthi uhulumeni usophe ukunyusa izintela ngesamba esiphelele sezigidigidi zama-randi angama-48 eminyakeni emithathu ezayo – izigidigidi zamarandi eziyi-18 ngowezi-2016/17 kanye nezinye izigidigidi zamarandi eziyi-15 eminyakeni yezimali emibili elandelayo.

Izigidigidi zamarandi eziyi-18 zokwe-nyuswa kwentela ngowezi-2016/17 zizo-siza ukuvala igebe elivulwe uhulumeni lapho ehluleka ukufinyelela emgomweni wakhe wokuqoqwa kwentela wezigidigidi zamarandi eziyi-11.6. Lokhu kwenyuswa

UNgqongqoshe Wezezimali u-Pravin Gordhan wethule isabiwomali esibhekelele konke nesihlose ukushayela ukusimama komnotho ezweni.

PROTECTING SOCIAL GRANTS AGAINST RISING INFLATION

The value of social grants will increase in 2016/17 to ensure that grants keep up with inflation.

Increases to the Social Protection budget will also cater for a rise in the number of beneficiaries, mostly those receiving the old-age pension grant and the child-support grant.

This rise in beneficiaries is largely as a result of government’s improv-ing provision of healthcare and basic services over the years –old people are living longer and child mortality rates are falling.

In 2016/17, the old-age pension grant is set to increase by R90 and the child-support grant by R20

2015/16 2016/17STATE OLD AGE GRANT

R1 415 R 1 505

STATE OLD AGE GRANT, OVER 75sR1 435 R 1 525

WAR VETERANS GRANTR1 435 R 1 525

DISABILITY GRANTR1 415 R 1 505

FOSTER CARE GRANTR860 R890

CARE DEPENDENCY GRANTR1 415 R 1 505

CHILD SUPPORT GRANTR330 R350

Ama-Protea asekulungele

ukuqhudelana nomhlaba

Uhlelo lomfundaze

luqhubeka nokushintsha

izimpilo

UNdasa 2016 Ushicilelo 2Niyethulelwa wuPhiko likaHulumeni Lwezokuxhumana kanye Nokuhlinzeka Ngolwazi (GCIS) isiZulu/English

> Iqhubeka ekhasini lesi-2

Page 2: Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ... · Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya • Ezemisebenzi • Ezokuphepha Nokuvikeleka • Ezemfundo ... "Umama

Vuk’uzenzele 4 UNdasa 2016 Ushicilelo 2

UHULUMENI WASEKHAYA

Izigidi zifakwe emkhakheni wezamanzi nokuthuthwa kwendle

Albert Pule

Iz i n s u k u z o k u g e l e z a k w a m a n z i emgaqweni, ukuthuthwa kwendle okungagculisi nemigodi emigaqweni yase-Missionvale, eBhayi, kungekudala

nje kuzoba yinto engasaziwa. Abalelwa ezi- 2 500 amakhaya asendaweni azobe exhunyelwe amapayipi okuthuthwa kwendle kanye nosizo lwamanzi ekupheleni kukaMbasa.

UMasipala i-Nelson Mandela Bay uzochitha izigidi zamarandi ezingama-50 ekuphuculeni ingqalasizinda yokuthuthwa kwamanzi ama-ningi, ukuthuthwa kwendle kanye nezinsiza zomphakathi.

Ngesikhathi sezimvula ezinamandla emphakathini wase-Missionvale ubhekana nezinselele ezihlobene nezikhukhula noku-finyeleleka kanzima kwezimoto nezokuthutha zomphakathi.

"Le ndawo ngaphambilini yayiyimijondolo ngakho izakhamuzi zazigcine ukuzenzela nokuzitholela izinsiza. Ugesi sebewuxhu-nyelwe, kanti usizo lwamanzi balufinyelela ngokuhlinzekwa kwamapayipi amile atholakala cishe emamitheni angama-200 ukusuka ekhaya ngalinye," kuchaza uSihlalo Wophiko Lwengqalasizinda Nezobunjiniyela kumasipala uKhansela Andile Mfunda.

"Umsebenzi ohlobene nokuthuthwa kwe-ndle nosizo lwamanzi ususesiqeshini sokugci-na sokuphothulwa," kwengeza uMfunda.

Uthe amabhizinisi asemancane nawo ahlo-mulile kulokhu kuphuculwa okwenziwe ngumasipala.

"Umasipala awugcinanga nje ngoku-gxila ekulethweni kwalezi zinsiza kuphela kubantu base-Missionvale, kodwa noku- hlinzeka ngosizo amabhizinisi asafufusa na-kho bekusemqoka."

Ngesikhathi somsebenzi wokuphucula cishe bangama-25 osozinkontileka bamaBhizinisi Amancane Aphakathi Namancanyana (ama-SMME) abahlomulile, ngenkathi bengama-98 abantu bomphakathi wase-Missionvale abaqashwe besenza imisebenzi ehlukene.

Ukuphuculwa kwendawo kwahlukaniseke izigaba ezinhlanu futhi zonke zizophetha ngokuba kwakhiwe ingqalasizinda yokuthu-thwa kwendle, usizo lokuphakelwa kwa-manzi, ukuqoqwa kwamanzi ezikhukhula, kanye nesiteshi sephampu kanjalo nomgwaqo.

UThozama Qayiso (oneminyaka engama-51), oyisakhamuzi sase-Missionvale, uthe nawo usuzoba nezinsiza ezifanelekile njengabo bonke abantu bakwezinye izindawo.

"Manje nathi sesizosho ngokuziqhenya uku-thi siyingxenye yaMasipala i-Nelson Mandela Bay, ngoba manje sizobe sithokozela izinsiza ezitholwa ngezinye izindawo."

Uphinde wengeza nangokuthi ukubona aba-holi abavela kumasipala bevakashele indawo yabo kubanikeze ithemba.

"Ukuza kwabaholi lapha bazozibophe-zela, bese futhi sibona umsebenzi uqalwa, kuyakhuthaza.

"Empeleni kutshela thina njengomphakathi ukuthi osopolitiki esibabeke njengabaholi bendawo kabagcini nje ngokwaba imali be-yabela imisebenzi ethile bashiye kanjalo, kepha bayalandelela ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi ofanelekile uyenziwa, futhi ngezikhathi ezi-nqunyiwe."

UMfunda wengeze nangokuthi umasipala uzoqhubeka nokusebenzisana nomphakathi ukuphucula ukulethwa kwezinsiza em-phakathini.

"Futhi nginentokozo enkulu ngokuthi um-phakathi wase-Missionvale usebenzisana no-masipala ukuphangisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini. Sezadlula leziya zinsuku lapho izikhulu zazizenzela umathanda.

"Ukuphendula ngokwenziwe manje sekuyi-kho okusemqoka kithina ukuze sikwazi uku-feza umsebenzi esiwuklanyelwe. Ngibanikeze izikhathi zomnqamulajuqu ezicacile, ngoba izinkinga zase-Missionvale kade zaba khona. Abantu bethu sebehlupheke kwanela."

Njengengxenye yokuthuthukiswa kom-notho wendawo namaphethelo kuvulwe inxanxathela yezitolo encanyana ngonyaka odlule, ngaleyo ndlela kwakhiwa amathuba omsebenzi amaningana kubantu basendaweni.

"Uma siletha izinsiza kufanele kube intuthuko edidiyelwe ukuze sikwazi ukufeza ukuhlaliswa kwabantu ngokweqiniso nje-ngoba kubaluliwe Kunqubomgomo Yokuhla-liswa Kwabantu. Sezadlula leziya nsuku lapho sasakhela abantu amakhaya akude nalapho umnotho ukhona, izikole kanye nezinye izi-nsiza," kusho yena.

Umasipala futhi uphezu kwezinhlelo zoku-hlinzeka ngogesi ezindaweni zasemijondolo, kwizindawo ezilungiswayo futhi zihlinze-kwa ngezinsiza ngenkathi abantu besalindele izindlu zabo.

Nonkululeko Mathebula

Kusukela ekufundeleni em-jondolo, onezimbobo no- ngenagesi, emigaqweni egcwele uthuli yase-Brandvlei emaphe-

thelweni ase-Randfontein (eNtshona-langa neGoli) kuya ekuphaseni ngama-lengiso ezifundweni ezimbili eBangeni likamatikuletsheni, uSithelosethu Si-gwela ubheke empilweni yakhe ayifisayo nasekushintsheni impilo yakhe.

Lo mfanyana oneminyaka engama-20 wasesikoleni samabanga aphakeme i-Ithuteng Secondary waphasa nga-malengiso izifundo zakhe yize noma ebhekene nezinselele, wakhombisa uku-thi ayikho into engakuvimbela ukuze ubheke empumelelweni.

Ungomunye wabangama-40 bom-fundaze wasodolobha wakuMasipala wase-Randfontein, nokumnikeze ithuba lokuqhuba izifundo zakhe eNyuvesi yaseGoli.

Uhlelo lomfundaze seluthole imali engaphezu kwezigidi zamarandi eziyi-12 kule minyaka eyi-10 edlule selokhu lwaqalwa.

Kuze kube manje, abafundi abayi-176 sebehlomulile kulo kanti abangama-56 baphothula izifundo zabo emanyuvesi. Kulabo abangama-56, abangama-47 se-bevele bayasebenza.

Ukuze ufaneleke ukuthola umfu-ndaze kufanele uphase okungenani ngama-53% izifundo zakho kanti futhi labo abathole imifundaze bayofunda emikhakheni yezeziMali, Ubunjiniyela, Umnotho kanye Nezomthetho.

UKUFEZEKA KWEPHUPHO USigwela uye omdala phakathi

kwezingane eziyisithupha futhi ungowokuqala emndenini ukungatholi nje ukuphasa ngamalengiso kuphela, kodwa ukuba aye enyuvesi, iphupho ayelibukela kude futhi engenasiqiniseko sokuthi liyofezeka.

"Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe ngiyogcina ngokuhlala ekhaya ngizitholele umsebenzi wokuba ngukheshiya noma okunye okufanayo," kusho uSigwela.

"Umama wami usethwale kanzima iminyaka ngeminyaka futhi kube nzima kakhulu ukuba angifundise."

Uthe ubefuna ukuba ngohamba pha-mbili kodwa kwesinye isikhathi enga- kwazi ngenxa yezinkinga zezima-li.

"Kwakuba nezikhathi lapho ngangi-funa nokuphonsa ithawula, kodwa ngangazi ukuthi akufanele lokho kanti nalokho kwanginikeza amandla nom-futho wokuqhubeka.

"Angikwazi ngisho nokuqala ukulanda ukuthi ngibonga kangakanani ngo-kuthola lo mfundaze," kusho uSigwela.

Uthe konke lokhu bekungeke kwe-nzeke ukube ubengachithanga ubusuku nobusuku efunda kanye nokuzibophe-zela ezifundweni zakhe.

Unxuse abafundi ukuba baluthathele phezulu udaba lwemfundo, babukele kulolu daba lwakhe babone ukuthi imfundo ingabenzelani abantu abaseba-sha abahamba kulo mendo awuhambile.

Ekhuluma emcimbini wokuklomelisa ngemifundaze, Usodolobha wase-Rand-

Uhlelo lomfundaze luqhubeka nokushintsha izimpilo

fontein uMzi Khumalo uphinde wagcizelela amazwi Omqulu Wenkululeko, ochaza ukuthi iminyango yemfundo namasiko iyovuleleka kubo bonke.

"Siyazi ukuthi esikwenzayo akwenele. Noma kunjalo kuningi okusazokwenziwa, yingakho sizibophezele ekutshalweni kwemali kulesi sikhwama somfundaze.

"Ngakho-ke ngiphonsela bonke abamabhizinisi base-Randfontein inselele kanjalo nomphakathi ngokubanzi ukuba nabo babe nendima abayidlalayo ekubeni negalelo kulesi Sikhwama Somfundaze Sikasodolobha.

"Iminikelo engengaphansi kwamarandi ayi-10 ekhaya ngalinye iyokwamuke-lwa ukuqinisekisa ukuthi abanye abafundi abaningi, abafanelekile ukuthola usizo, bayafundiswa kulo nyaka olandelayo.

"Ikusasa lentsha yethu lilele hhayi nje kuphela ezandleni zayo kodwa nakwezethu ngokunjalo," kusho uKhumalo yena ozibophezele ekufakeni i-1 000 yamarandi isuka kowakhe umholo iya esikhwameni somfundaze.

Isikhwama senganyelwe yibhodi enamalungu ayishumi anikezwe umsebenzi woku-qinisekisa ukuthi imali esetshenziswayo iyaziwa ukuthi yenzeni.

UKhumalo unethemba lokuthi ekuhambeni kweminyaka akukho ngane yase-Randfontein efanelekile ukuthola umfundaze ezosala iswele ingenayo imfundo.

USihlalo Wophiko Lwengqalasizinda Nezobunjiniyela kumasipala uKhansela Andile Mfunda, etshela umphakathi wase-Missionvale, eBhayi, malungana nomsebenzi owenziwayo endaweni yabo.

UMasipala wase-Randfontein usulekelele uSithelosethu Sigwela wakwazi ukufeza iphupho lakhe lokuqhuba izifundo zakhe.

Page 3: Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ... · Ezempilo • Ezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya • Ezemisebenzi • Ezokuphepha Nokuvikeleka • Ezemfundo ... "Umama

Vuk’uzenzele 2 UNdasa 2016 Ushicilelo 2

OKUQUKETHWE

kuzofezwa ngokuba kubuyekezwe intela futhi kwenyuswe intela yezemvelo kanye nekaphethiloli.

Ukubuyekezwa kwentela yilokho okwe-nzekayo lapho ukwehla nokwenyuka kwa-mandla emali kunyusa abakhokhi bentela kubenyusela esigabeni sentela esingaphe-zulu, nokwenza ukuba bagcine bekhokha intela ethe xaxa. Ukugwema lokhu Umnya-ngo Wezezimali Kuzwelonke uvame uku-hlela kahle izigaba zentela minyaka yonke.

Intela kagwayi notshwala yona izonyuswa ngemali ephakathi kwe-6% ne-8.5%, nge-nkathi intela kaphethiloli izonyuka ifinyelele kumasenti angama-30 bese zinyuka izindleko zokuthenga izindlu zentengo engaphezu kwezigidi zamarandi eziyi-10 zisuka kwi-11% ziye kwi-13%.

Ngaphezu kwalokhu, intela yamathayi, ukuze kuxhaswe izinhlelo zokusetshenziswa ngokuphindelela, izokwenyuswa kanjalo ne- yamagilobhu asebenzisa ugesi ngokwe-qile (isuka kumarandi amane kuya kwa-yisithupha), eyezikhwama zocwazi (isuka kumasenti ayisithupha yaya kwaystihiyaga-lombili) kanye neyokukhafulwa yizimoto.

UNgqongqoshe Gordhan uphinde waphakamisa ukwenyuka kwentela yezi-phuzo ezizoyizayo, njenge-Coca-Cola ne-Pepsi, kusukela ngoMbasa wezi-2017.

UKWENYUKA KWEMALI ECHI-THWA KUMPHAKATHI Phezu kwezikhathi ezinzima, ukuchithwa kwemali yezibonelelo zomphakathi ku-zokwenyuka ngezigidigidi zamarandi eziyi-11.5 esikhathini seminyaka emithathu ezayo, ifinyelele ezigidigidini zamarandi ezingama-165 ngonyakamali wezi-2018/19. Izibonelelomali zabadala kanye nabakhu-bazekile zizokwenyuka kusuka ezi-R1 415 kuya ezi-R1 505, ngenkathi izibonelelomali zezigayigayi zempi kanye nabantu abane-minyaka engaphezu kwengama-75 ubu-dala izokwenyuka isuka ezi-R1 435 iya ezi- R1 525. Izibonelelomali zokunakekela izingane ongazizali izokwenyuka isuka kuma-R890 bese isibonelelomali sezingane sizosuka kuma-R330 siya kuma-R350.

Ukwengeza kulokho, izigidigidi ezi-4.5 sezabelwe Umshuwalensi Kazwelonke Wezempilo (i-NHI) kulesi sikhathi semi-nyaka emithathu ezayo. Uhulumeni njenga-manje useqalise ukusebenza kwe-NHI ezikhungweni ezingama-390.

Ezinye izigidi zamarandi ezingama-984

sezengeziwe ukuze kunwetshwe uhlelo lokwelashwa nokuvikelwa Kwegciwane Lesandulelangculazi Nengculazi (i-HIV/AIDS), nezigidi zamarandi ezingama-740 ekwelashweni kwesifo sofuba (i-TB). Lokhu, ngenkathi kunezinye izigidi zamarandi ezingama-475 esezabelwe uMnyango Wo-kuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane esikhathini seminyaka emithathu ezayo.

Kulandela ukuvuma kukahulumeni uku-hlangabezana nezimfuno zabafundi zoku- n-genyusi imali yesikole kulo nyaka, izigidigidi zamarandi eziyi-16.3 zabelwe U m n y a n g o We m f u n d o E p h a k e m e Nokuqeqesha.

Ezinye izigidi ezengeziwe zamarandi angama-813 kwizikhungo zemfundo ya-bantwana abasebancane (i-ECD) kuhlelwe ukuba kukhushulwe inani lezingane ezi- khungweni ze-ECD ngezi-104 000 esikhathi-ni seminyaka emithathu ezayo.

UKUBHEKANA NESOMISO UNgqongqoshe Gordhan uthe esikhathini seminyaka emithathu ezayo izigidigidi zamarandi ezi-1.1 ziphinde zabekelwa uku-ba zilwisane nesomiso, ngezindlela zoku-ngenelela ezifana nokwemba amapitsi, uku-sabalaliswa kokudla kwemfuyo, ukuthutha imihlambi yezinkomo kanye nokuthuthwa kwamanzi eyiswa ezindaweni ezihlaselwe kakhulu yisomiso.

Umbuso uzophinde utshale imali eyizigidigidi zamarandi ezingama-865 emiklamweni yengqalasizinda esikhathini seminyaka emithathu ezayo.

UTSHALOMALI EMADOLOBHENI ETHU UNgqongqoshe Gordhan uphinde wagqamisa imiklamo eminingana eyenzeka emadolobheni ezweni lonke okuhloswe ngayo ukuphucula izinhlelo zezokuthu-tha kulezi zindawo. Izinhlelo zamabhasi asheshayo ziyasebenza futhi ziyanwetshwa eGoli, Tshwane, eKapa nase-George, futhi zizo-kwelulelwa eKurhuleni naseThekwini kulo nyaka.

"Cishe yizigidigidi zamarandi eziyisi thupha ezabelwe lolu hlelo ngonyakamali wezi-2016/17. Ukuphuculwa kwengqala-sizinda yokuthutha ngezitimela izoqala u-kwenza ngcono indlela abagibeli abahamba ngayo ukuya nokubuya emisebenzini," kusho yena.

Imiklamo edidiyelwe yokuthuthukisa umhlaba engaphezulu kwama-90 eli-nganiselwa ezigidigidini zamarandi e-

zingama-130 iyaqhubeka:• eThekwini, uhlelo lwe-Cornubia

lunezindlu eziyizi-25 000. Uhlelo lokuvuselelwa kwenkaba yedolobha nalo luyaqhubeka, kubandakanya i-Bridge City, Centrum, e-Point kanye nezindawo ezihlanganisayo.

• Indawo yaseTembisa eseKurhuleni, utshalomali lukahulumeni lwezigi-digidi eziyi-6.5 luzolinganisa utsha-lomali lomkhakha ozimele ngezi-gidigidi zamarandi eziyisi-8 ukuze kulethwe izindlu, izindawo zokuse-benzela namahhovisi.

• EKapa, uhlelo lwezezindlu i-N2 Gate-way kanye nokuphuculwa kwezinda-wo-ezakhelene ne-Voortrekker Road, i-Conradie Hospital kanye Nesiteshi Esiphehla Ugesi sase-Athlone nezinye izikhungo.

• ETshwane, utshalomal i lugxi le eMabopane Station Hub, nokuyiyo ewumongo wangasenyakatho nabagi-beli aba-ngaphezu kwezinkulungwane eziyi-150 000 ngosuku futhi noluna-bahwebi basemgwaqeni ababalelwa cishe ezi-2 500.

• EMangaung, kuthuthukiswa Izindawo Ezakhelene Nesikhumulo Sezindiza ngezigidigidi zamarandi ezi-2.6. Ukuthuthukiswa kwezindawo zoku-hlala enkabeni yedolobha kuhleliwe kanti imiklamo yase-Vista Park nase-Brandkop izokwakha izindlu ezizobiza izigidigidi zamarandi ezi-1.9.

• EGoli, Ingqalasizinda Yemingcele Ye- nkululeko exhuma iSoweto ne-Alex-andra, Sandton nenkaba yedolobha laseGoli izoletha ukuphuculwa kwe-zokuthuthwa komphakathi, izinsiza zomphakathi kanye nokusebenzisana nabathuthukisa izakhiwo ukuze kunyuswe inani labantu abahlala ezindaweni kuphinde kwenziwe ngco-no indlela yokuhamba emphakathini.

UKUGQUGQUZELA ABANTU BASENINGIZIMU AFRIKA UKUBA BONGE IMALI Ukugqugquzela abantu abaningi base-Ningizimu Afrika ukuba bonge imali, Umnyango Wezezimali Kuzwelonke ngo-nyaka odlule wethule ama-akhawunti okonga angabizi intela. Lawa avumela ukuba umuntu akwazi ukonga okungenantela okufinyelela ezinkulungwaneni zamarandi ezingama-30 ngonyaka.

UNgqongqoshe Gordhan uthe kuze kube

manje ama-akhawunti angama-150 000 asevuliwe, nalapho kunemali eyongiwe eyisigidgigidi samarandi esisodwa.

NgoNhlolanja, iKhabhinethi yamemezela ukuthi izohlehlisa isidingo sokuguqulwa kwemali elondoloziwe ibe yizinkokhelo zenyanga kumalungu esikhwama seprovi-denti eminyakeni emibili ukuze kube nokubonisana okwengeziwe nababambi-qhaza abaqavile.

U N g q o n g q o s h e G o rd h a n , n o m a kunjalo, uthe imihlomulo yentela izo-qhubeka iqaliswe ukusebenza mhla lu-1 kuNdasa kuyo yonke imali ekhokhela isikhwama somhlalaphansi, kubanda-kanya izikhwama zeprovidenti. Lokhu kubandakanya intela eyengeziwe yama-27.5% emalini efinyelela ezi-350 000 zamarandi ngonyaka ezikhokhelwe impe-sheni, isikhwama seprovidenti kanye nezi- khwama zemali elondolezelwe umhla-laphansi.

SUGAR TAX

SUGAR-SWEETENED BEVERAGES’ TAX

Obesity is a worldwide concern. South Africa has the worst obesity ranking in sub-Saharan Africa. This has led to greater

risk of heart disease, diabetes and cancer. Government proposes to introduce a tax on sugar-sweetened beverages on 1 April 2017 to help reduce excessive sugar intake.

FUEL LEVY

INCREASE IN GENERAL FUEL LEVY

The general fuel levy will increase by 30c per litre on 6 April 2016. This will push up the general fuel levy to R2.85 per litre of petrol

and to R2.70 per litre of diesel.

PERSONAL INCOME TAX

HOW DO THE PERSONAL INCOME TAX CHANGES AFFECT YOU?

TAX THRESHOLDS TAX YEAR: 2015/16 TAX YEAR: 2016/17

Below age 65 R73 650 R75 000

Age 65 to 74 R114 800 R116 150

Age 75 and over R128 500 R129 850

MEDICAL SCHEME TAX CREDITS TAX YEAR: 2015/16 TAX YEAR: 2016/17

Each of the first two beneficiaries R270 R286

Each additional beneficiary R181 R192

The 2016 Budget sees a reduction of R5.65 billion in personal income tax payable by individuals.

This is made up of R5.5 billion to partially reduce the effect of inflation on tax payable by lower and medium income earners and R1.1 billion due to an increase in monthly medical scheme tax credits, less R950 million due to the increase in capital gains tax.

This Budget provides for some changes to personal income tax, including adjust-ments to the three lower taxable income tax brackets and the primary rebate, to provide some relief for lower income individuals from the effect of inflation. The amount an individual can earn before being required to pay tax has been adjusted as follows for the tax year that runs from 1 March 2016 to 28 February 2017:

TAX RATES

Tax payable by individuals for the tax year ending 28 February 2017.

TAXABLE INCOMEOF INDIVIDUALS (R) TAX PAYABLE (R)

0 to 188 000 18% of taxable income188 001 to 293 600 33 840 + 26% of taxable income above 188 000293 601 to 406 400 61 296 + 31% of taxable income above 293 600406 401 to 550 100 96 264 + 36% of taxable income above 406 400550 101 to 701 300 147 996 + 39% of taxable income above 550 100701 301 and above 206 964 + 41% of taxable income above 701 300Trusts other than special trusts

Rate of tax 41%

TURNOVER TAX FOR MICRO BUSINESS

Financial years ending on any date between 1 March 2016 and 28 February 20170 – 335 000 0% of taxable turnover335 001 – 500 000 1% of taxable turnover above 335 000500 001 – 750 000 1 650 + 2% of taxable turnover above 500 000750 001 and above 6 650 + 3% of taxable turnover above 750 000

THE TAX RATES

> Iqhubeka isuka ekhasini loku-1