umyalezo kasomlomo - kwazulu-natal...
TRANSCRIPT
2 KwaZulu-Natal Legislature
UMYALEZO KASOMLOMO
Njengoba siqala unyaka wezimali u-2017/2018, ngithanda ukwamukela wonke aMalungu aHloniphekile esiShayamthetho saKwaZulu-Natali, izikhulu nabasebenzi. Ngithanda nokwamukela aMalungu, nabasebenzi abajoyine iSishayamthetho ngo-2016. Siphinde saba naMalungu nabasebenzi abasishiyile isikhungo ngezizathu ezahluka hlukene; sibafisela konke okuhle ezimpokophelweni zabo ezintsha.
uMhlonishwa Mrs Lydia Johnson MPL
Ngethemba ukuthi sonke sibe nekhefu elihle ngamaholidi sabuya sesinomfutho futhi sikulungele ukuqhubeka lapho sigcine khona. Sidlulisa ukudabuka
kwethu kulabo abalahlekelwe izihlobo zabo ngesikhathi samaholide.
Yize noma u2016 ube impumelelo, sidabuka kakhulu ngokuthi silahlekelwe amanye amadodana namadodakazi aqavile abekade engabaholi esifundazweni sethu, yize noma kunjalo, siyethemba ukuthi imindeni yabo izothola induduzo ekutheni igalelo labo liyohlala lithakaselwa kakhulu abantu baleli lizwe.
Kuyazuzisa ukuncoma uhulumeni wesifundazwe ngemizamo yawo eqhubekayo yokunciphisa izingozi emigwaqeni yethu ngemikhankaso yokuqwashisa nezinye izindlela. IsiShayamthetho sizosekela zonke izinhlelo zokuqinisa imikhankaso yokuqwashisa.
Angiphinde ngihalelisele uMnyango wezeMfundo esiFundazweni nabo bonke ababambiqhaza emkhakheni wezemfundo ngokwenza ngcono ngo-5% izinga eliqophiwe likamatikuletsheni ngo 2016. Siyethemba ukuthi sizobona obunye ubungcono kunyaka wezemfundo ngo 2017.
Izindlela zokungamela ezisebenzayo zesi Shayamthetho eKZN, kakhulukazi iSchools Functionality Monitoring Programme, sekuthela izithelo njengoba izinkomba zibonisa ubungcono ezikoleni eziningi esike sazivakashela phambilini. Isibonelo, okokuqala ngqa, iSishayamthetho sihlele imihlangano yokulandelela yababambiqhaza, owahlala mhlakaziwu 10 kuNhlolanja ngo 2017. Inhloso yalemi hlangano beku wukuthola izinto ezithile ezidinga ukungenelelwa njengoba kusaqala unyaka.
Unyaka odlule waba nempumelelo enkulu esikwaze ngawo ukuqhuba izinhlelo zethu eziningi, okufaka ukuVulwa ngokuSemthethweni, i-Interfaith Symposium, nePhalamende labaSebebenzi, Intsha, Abesifazane, Abantu Abadala, Ukuhambisa iSishayamthetho kuBantu nePhalamende
laBantu Abakhubazekile, okugcwalisa umyalelo wethu wokuqinisekisa ukubandakanywa kwabantu emisebenzini wesishayamthetho.
Kwingxenye yokwengamela, amakomidi ethu ayidlalile indima yawo yokuqinisekisa ukulalela ukwethulwa kwesabelomali, abamba iqhaza ngokuzimisela ngesikhathi sezithulo zesabelomali, futhi azibandakanya kweziningi izikhathi zokuvakasha zokungamela esifundazweni sonke.
Njenge zinjini zokubunjwa kwemithetho, amakomidi abeke ezithebeni imithetho eminingi esavivinywa, sijabulela ukuzibandakanya okugcwele kwezihambeli ezise zinhlelweni zo Mkhandlu kaZwelonke beziFunda, phecelezi iNational Council of Provinces (NCOP).
Ngaphezulu kwalokho, ngoHlelo lami Lokubuyisela eMphakathini, phecelezi iSSR, izinhlelo eziningi nosizo kwahanjiswa kubantu abafanele nezinhlangano, ngenhloso yokubambiqhaza ezinhlelweni zokulwisana nobubha.
Lo nyaka ukhombisa ukuqala kwesigaba esiphakathi kusukela sangena ngo-2014, futhi usinika ithuba lokucabanga ngempumelelo yethu nezinselelo ekuhambiseni umyalelo wethu oqondene nemiqulu esi holayo, okufaka i-National Development Plan (NDP) ne-Sector Oversight Model (SOM).
Angithathe lelithuba ngixolise ngoku mosheka kwesikhathi kusalungiswa igumbi lemihlangano (chamber), usuphothuliwe umsebenzi kanti manje sesi nendawo ehloniphekile yokuqhuba ibhizinisi lethu.
Okokugcina, ngithanda ukugcizelela ukubaluleka kokucabanga ngendlela engcono nemiqondo emisha kubo bonke ababambiqhaza esishayamthetho ukuze senze kangcono umsebenzi sifeze okuningi ngokuncane. Imibono yamukelekile njalo nje njengoba sifuna ukuhlala ‘siyisishayamthetho esiyisishoshovu nesigxile kubantu’ futhi sibe negalelo elihle ekufezeni izimfuno zabantu besifundazwe sethu.
3Newsletter | 5th Edition
OwayenguMeya ngaphambilini yase Mgungundlovu District Municipality futhi ewuqweqwe lomholi we ANC KwaZulu-Natali, uMnu. Yusuf Bhamjee wagcotshwa njengeLunga leSishayamthetho esiFundazweni mhlaziwu 4 kuMfumfu ngo 2016.
Kafushane emva kokugcotshwa uBhamjee waqokwa ukuba uSihlalo weKomidi Elibhekele ezeMpilo, wathatha indawo ka Mhlonishwa
uLizzie Shabalala osengusihlalo wekomidi le Zemidlalo nezokuNgcebeleka.
Ephawula ngokugcotshwa kukaBhamjee, uSotswebhu
uMhlonishwa uNontembeko Boyce wahalalisela
uBhamjee wathi ukugcotshwa kwakhe kusho ukuthi i-ANC
isinamalunga aphelele angamashumi amahlanu nambili
esiShayamthetho sesifundazwe.
uJohnson naye wahalalisela uBhamjee wathi umnotho
wolwazi lakhe uzosiza kakhulu isi Shayamthetho
ukugcina inqubo yaso yokubeka imithetho, ukungamela
imisebenzi kahulumeni, ukukhuthaza kanye nokwenza lula
ukubandakanywa komphakathi.
UBhamjee wazalwa mhlaziwu 10 kuZibandlela ngo1950
emapulazi ommbila eWolmaransstad elitholakala kuN12
u Somlomo wesi Shayamthetho u Mhlonishwa u Lydia Johnson kanye no Mhlonishwa u Yusuf Bhamjee (abaphakathi nendawo) ngenkathi kugcotshwa u Bhamjee. Lapha u Bhamjee wayehalaliselwa amalungu ekhokhasi ye ANC kanye no Nobhala wesi Shayamthetho u Nks Nerusha Naidoo kanye no Meluleki wezepolitiki ehhovisi lika Somlomo u Mnz Bheki Sibiya.
u Mhlonishwa u Lydia Johnson ehalalisela u Bhamjee. U Nks Naidoo uyabukela.
phakathi kweKimberly naseGoli. Wafunda amabanga
aphansi e-Islamia Primary School naseWoodlands High
School ngaphambi kokuqhubeka nemfundo yezinga
eliphakeme eDublin, Ireland.
Ngesikhathi esemncane eyisishoshovu, uBhamjee
waba ilunga leNatal Indian Congress (NIC) ngaphambi
kokujoyina i-United Democratic Front (UDF) ne African
National Congress (ANC).
Ngesikhathi eyiMeya yesiFunda eMgungundlovu
District Municipality, wanconywa kakhulu ngokuhola
umasipala ngochunge chunge lama-clean audits, futhi
uyena owayesahleli esikhundleni ngesikhathi kuqalwa
iNelson Mandela Marathon eyaba impumelelo enkulu,
eyayithulwe ngo 2012.
UKUGCOTSHWA KUKAMHLONISHWA UYUSUF BHAMJEE
4 KwaZulu-Natal Legislature
Ukungenelela kweHhovisi likaSomlomo, libambisene nezimboni ezizimele namalungu omphakathi wase Lindelani, babuyisa isidima somndeni ka Nkk Dorothy Matolweni eWadini 45, eLindelani ngenhla ne Theku.
U Mhlonishwa u Lydia Johnson enkankwe indodakazi ka Nksz Matolweni no Mfu Dludla, kanye no Mnuz Ngcamu oyimenenja ehhovisi lika Somlomo kanye no Nksz D. Fakude ophuma ehhovisi lika Mongameli.
u Somlomo wesi Shayamthetho u Nksz Lydia Johnson ehalaliselwa ilungu lomphakathi emva kokunikezela ngomuzi.
UNkk Matolweni (69), ohamba ngesihlalo oyilungu eliqinile lebandla i-St Saviours Anglican Church, ubesephile isikhathi eside ehlala endlini
engekho esimweni esigculisayo.Isimo sakhe safinyelela kubaholi bebandla uMfu
Thusi noMbuti Mofokeng ababhalela ngokushesha uMhlonishwa uSomlomo wesiShayamthetho uLydia Johnson, becela ihhovisi lakhe ukuthi lingenelele. Wawuvakashela lo mndeni, wathuka kakhulu ngesimo esijabhisayo somuzi wabo.
UMhlonishwa uJohnson wanikela ngamaphasela okudla waphinde wathembisa ukuxoxisana nosomabhizinisi abangakwazi ukusiza, waluthatha loludala njengo lubalukelile kakhulu, ihhovisi lakhe alinaso isabelomali sokufaka izimali zokwakha imizi.
UMhlonishwa uJohnson wathuma ihhovisi lakhe ukolungisa udaba lobunikazi bomhlaba kwaMasipala ukuze ingabi khona into ephazamisayo uma kwenzeka zitholakala izimali.
Emva kokubamba izingxoxo nosomabhzinisi abambalwa, uSomlomo wathola umnikelo wempahla
yokwakha e-Durban Maintenance Pty (Ltd), eyanikela ngengxenye enkulu kanye ne Magubane Plant Hire neMakhathini Projects.
UMhlonishwa uJohnson waxoxisana nekhansela leWadi 45 uMnu. Khuboni ukuba acele amalungu omphakathi ukuthi alekelele ekwakheni umuzi njengoba zingekho izimali zokukhokhela abakhi.
IHHOVISI LIKA SOMLOMO LIBUYISA ISITHUNZI SOMNDENI WOMUNTU WESIMAME OKHUBAZEKILE
5Newsletter | 5th Edition
Abasebenzi base hhovisi lika Somlomo nabo bafaka isandla ekwakhiweni kwalendlu. Lapha sibabona bebhidliza umjondolo owawuhlala u Nksz Matolweni belungiselela ukwakha indlu. Ngenhla, u Mnuz Muzi Dlamini ephethe ugodo, ngezansi u Mnuz Siboniso Nkosi, eceleni u Mnuz Wonder Hlongwa, ngezansi amavolontiya omphakathi.
Amalungu omphakathi nebandla asabela kahle kakhulu kulesicelo base benikela ngezikhwepha zabo ngaphandle kenzuzo.
Ekugcineni, indlu enamakamelo amabili, ikhishi, indlu yangasese kanye neyokugeza kwaphothulwa ngaphansi kwezinyanga ezintathu. UMnyango wokuHlaliswa kwaBantu nawo wanikela ngemibhede netafula lasekhishini. Indlu yadluliselwa kumnikazi mhlaziwu 1 kuZibandlela emcimbini owawuhanjelwe umphakathi, amalungu ebandla kanye nezihambeli zasehhovisi likaMongameli noNdunankulu.
UMhlonishwa uJohnson wancoma kakhulu uNkk Nonhlanhla Makhanya (ilunga lebandla) owaxhasa ngokuthengela umndeni wakwa Matolwane umhlaba ngemali yakhe ngemuva kokuzwa ngosizi abebhekene nalo.
“Uma sisebenza ngokubambisana njengemiphakathi sigcine umoya woBuntu, izwe lethu alisoze libhekane nezimo lapho kukhona imizi esebungozini ilinyazwe ububha,” kusho uMhlonishwa uJohnson. Wancoma kakhulu umphakathi abasiza ngesikhathi kwakhiwa ngaphandle kokulindela umholo.
“Ngiphelelwe amazwi. Angikwazi ukuchaza injabulo enginayo ngento uNkk Johnson angenzele yona nomndeni wami. Uma ngicabanga indawo ebesihlala kuyona ngigcwala izinyembezi. Bekuvame ukuthi singalali uma kunetha imvula sesaba ukuthi umkhukhu
wethu uzowela phezu kwethu. Ngithanda ukuphinda ngibonge amalungu ebandla lami ngokungenelela kwawo. Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngingaba nomuzii omuhle kangaka,” kusho uMatolweni.
6 KwaZulu-Natal Legislature
UKhisimusi washeshe wafika kubantu abadala base Ncotshane kanye naseMadanyini ePhongola Municipality ngesikhathi uMhlonishwa uLydia Johnson, ephelekezelwa amalunga eQuality of Life Portfolio Committee, evakashela izindawo zokudla ezimbili zeBambanani neSiyaphambili co-operatives.
USihlalo we-Quality of Life Portfolio Committee uMhlonishwa uVivian Tambo ngesikhathi ethula inkulumo kubantu abadala eNcotshane. Kwesobunxele iPhini likasiHlalo wamaKomidi uMhlonishwa uHappy Blose bese kwesokudla uMhlonishwa uSomlomo uLydia Johnson. Isithombe: Wonder Hlongwa
USihlalo weZemidlalo nokuNgcebeleka uMhlonishwa uLizzie Shabalala (ofake ijezi eliphinki), uMhlonishwa uSomlomo uLydia Jonson (ofake ijakhethi emhlophe) noMhlonishwa u I. Keeka nekhansela lendawo nabantu abadala baseNcotshane ePhongolola Municipality. Isithombe: Wonder Hlongwa
Lezi zindawo zokudlela ezimbili ziletha izidingo kubantu abadala. Zinezidlo kathathu ngesonto bese zibabandakanya kwezinye izinto, okufaka
ukuthunga nemidlalo.Ukuvakasha kukaMhlonishwa uJohnson kwaku
okokulandelela esibophweni ayesenze ngesikhathi sePhalamende laBantu Abadala, elalibanjelwe endaweni efanayo ngenyanga kaMfumfu.
UMhlonishwa uJohnson akakwazanga ukuhambela iPhalamende laBantu Abadala ngenxa yezinye izibophezelo kepha wathembisa ukuthi wayezovakashela lesikhungo uma esebuye ohambeni laphesheya kwezilwandle.
KwaSiyaphambili, uMhlonishwa uJohnson wanikela ngemphahla kanobhutshuzwayo waphinde wathembisa nokuletha ukudla okuzohlala isikhathi eside njengoba babe bhekene nenkinga yokuntuleka kwezimali. EHlanganani, uMhlonishwa uJohnson wanikela ngesitofu segesi, imishini emibili yokuthunga kanye nempahla yebhola.
UMhlonishwa uJohnson wakhuthaza izaguga ezazibambiqhaza ngokuzimisela kwezemidlalo ukuba ziqhubeke njalo njengoba lokhu kuyimfihlo yokuphila impilo ende nenempilo.
“Uma uzivoca voca uyobe usindisa umzimba wakho ezifweni ezifana nesifo sikashukela nehigh blood pressure,” kusho uMhlonishwa uJohnson. UMhlonishwa uJohnson wabonga abasunguli bezinhlangano zombili ngokuchitha isikhathi sabo nokulekelela abantu abadala ukuba bahlale bebukhuphe khuphe ukuze balwisane nezifo zendlela yokukuphila nokuthola indawo yokwabelana ngamasu ngezindlela zokulwisana nezinkinga zenhlalo ezikhinyabeza abazukulu babo, nezindlela zokwenza imali. “Umnikelo wenu siyawubona,” kusho uMhlonishwa uJohnson.
Izinhlangano ezifana nalezi zibuyisa ukuzethemba kubantu abadala ababhekene nokuhlukunyezwa emakhaya abo, futhi uhulumeni uzoqhubeka ukuletha isisekelo esifanele ukuqinisekisa ukulondolozeka kwazo.
UKHISIMUSI UFIKE KUQALA KUBANTU ABADALA EPHONGOLA
Amalungu esi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali kanye no gogo abadlala ibhola base Ncotshane.
7Newsletter | 5th Edition
USomlomo weSishayamthetho KwaZulu-Natali uMhlonishwa uLydia Johnson uncome kakhulu iKhabazela High School engaphandle kwaseHillcrest ngokukhombisa ubungcono ekuxazululeni izingqinamba eziningi ebezibhekene nesikole.
UMhlonishwa uJohnson, uMhlonishwa uDlamini kanye noMhlonishwa uNahara ngesikhathi bevakashele iKhabazela High School.
Ekuqaleni kwanyakenye isiShayamthetho saseKZN savakashela lesikole njengengxenye yoHlelo Lokuqapha Ukusebenza kweZikole, phecelezi
iSchools Opening Fnctionality Programme.Ngesikhathi evakashile ngonyaka odlule, aMalunga
athola izinkinga eziningi zenhlalo okubalwa kuzo ukukhulelwa kwabafundi , ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa nokungaziphathi kahle, okwaholela ekwehleni kakhulu kwezinga lokuphasa esikoleni.
UJohnson wazibophezela ekubuyeleni kulesikole ekupheleni konyaka ukuyobona ukuthi isimo sibangcono ekulungiseni izinkinga zempilo ebezinomthelela omubi ekwenzeni kahle kwesikole.
UMhlonishwa uLydia Johnson wavakashele lesikole kuMfumfu ngonyaka odlule ephelekezelwa uSihlalo weKomidi Elibhekele ukuThuthukiswa kwemiPhakathi uMhlonishwa uYatima Nahara kanye noMhlonishwa uDorah Dlamini.
UMhlonishwa uJohnson wakuncoma kakhulu ukwenza ngcono kwesikole, wathi yize noma isibalo sabafundi abakhulelwe besingu 32 ngo 2015, lesibalo sehle kakhulu saba isikhombisa ngo 2016.
Ukumoshakala kwesakhiwo okubalwa imigodi
phansi nohlaka oluconsayo sekukhandiwe nezindlu zangasese zisezingeni elingcono. UJohnson wakuvuma ukuthi isikole sinesibalo eseqile ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu endaweni yas’Embo kanti nendawo incane yokusandisa kepha wakugcizelela ukuthi lokhu akumele kubadikibalise.
“Ngithokoza kakhulu ngobungcono kuzo zonke izinto. Lokhu kuyinkomba yokuthi ithimba lokubuswa kwesikole (SGB) lisebenzisana kahle neqembu labaphathi besikole,” kusho uMhlonishwa uJohnson.
USihlalo we-SGB uSthembiso Mngadi uthe isikole senze kangcono kakhulu ngokuqinisekisa ukubandakanywa kwabazali nokubambiqhaza ezintweni zesikole. Uthishanhloko wesikole uZamani Jali uthe ujabule kakhulu ngokuncipha kwezinga lokukhulelwa kanye nokuzinikela kothisha ekuguquleni isimo.
Izikhulu zoMnyango weMfundo zachaza ukuthi zisezinhlelweni zokuthola umhlaba lapho isikole esikhudlwana sizokwakhiwa khona ukulungisa inkinga yokugcwala ngokweqile kwabafundi. IKomidi Elibhekele ezeMfundo lizoqinisekisa ukuthi lesimo silungiswa ngokushesha.
UJOHNSON UNCOME IKHABAZELA HIGH SCHOOL EHILLCREST NGOKULUNGISA IZINKINGA
8 KwaZulu-Natal Legislature
Izimpilo zezingane ezikhubazekile ezihlala e – Isandlasehle Home eSinathingi ngaphandle kwaseMgungundlovu siguqukile zabangcono kuZibandlela ngemuva kokuvakasha kuka Somlomo wesiShayamthetho eKZN uMhlonishwa uLydia Johnson ephelekezelwa iPhini likaSihlalo wamaKomidi uMhlonishwa uHappy Blose.
UMhlonishwa uJohnson enikezela ngempahla, uNksz Shangase (ogqoke ingubo enombala ohlaza nokumhlophe), uMhlonishwa uBlose, esandleni sokudla uMnu. T Mchunu, uMphathi we-Southern Region, kwa-Public Works. Abahleli emibhedeni abanye babantwana abakhubazekile.
USekela kaSihlalo wamaKomidi, uMhlonishwa Happy Blose ethula inkulumo.
Isandlesihle Home esebenzela esakhiweni esanikelwa uMthethomusha High School, sasungulwa omunye owayesebenzela umphakathi, uNkk Thoko Shangase
owayethintwe ubunzima obubhekene nabantu abakhubazekile kuWadi 11. Ngemuva kokuthola isicelo, uSomlomo wathumela abantu behhovisi lakhe ukuyohlola isimo kwase kutholakala ukuthi isimo salesikhungo simbi kakhulu; abantwana balala emibhedeni emidala esekelwe ngezitini futhi engekho amakhabethe okubeka izingubo. UMhlonishwa uJohnson wanxusa i-Public Works ukuthi ilungise kabusha isakhiwo iphinde ixhume kahle izintambo zikagesi ezilengayo, ezibeka ebungozini izimpilo namalungu ahlala kulendawo. Ukungenelela kuka Mhlonishwa uJohnson kwaphetha ngokuthi iPublic Works izibophezele ukushintsha o-ceiling board, yakha ibhampu lomgwaqo nenye indlwana, yalungisa izindlu zangasese, ugesi yapenda
nomuzi wonke. UMhlonishwa uJohnson, ngoHlelo luka Somlomo Lokubuyisela eMphakathini, wanikela ngemibhede emithathu, ifiliji, ikhompiyutha, isitofu, izihlalo zasehhovisi eziyishumi, amakhabethe ezingubo amabili namathoyisi abantwana abakhubazekile.UMhlonishwa uJohnson wancoma kakhulu igalelo likaShangase lokuzinikela ngesineke nokuzibophezela wabuye wamkhuthaza ukuthi aqhubeke njalo nomsebenzi wakhe wobulungiswa. Waphinde wabonga ikhansela lewadi ngokubambisana noNksz Shangase.Waphinda wakuveza ukuthi ihhovisi lakhe lihlose ukuthabatha ezinye zalezikhungo zibe ngaphansi kwaMsunduzi Municipality ukuze ziqhubeke ukuhlomula ezinhlelweni.
UMHLONISHWA UJOHNSON USIZE IKHAYA LABANTU ABAKHUBAZEKILE
9Newsletter | 5th Edition
ISishayamthetho sa KwaZulu-Natali sabamba umhlangano izinsuku ezimbili oyingxenye yohlelo Lokuhambisa iSishayamthetho kubantu, kuMfumfu ngonyaka odlule. Lokhu kuqondene nomyalelo womthethosisekelo wokuthi isiShayamthetho sikhuthaze futhi senze kube lula ukubandakanywa komphakathi ekubusweni kwesifundazwe.
Amalungu esi Shayamthetho ehlola amaprojethi eNewcastle.
Izingxoxo nomphakathi eNkundleni Yezemidlalo eDurnacol.
Umhlangano wabanjelwa eNkundleni Yezemidlalo eDurnacol kwaMasipala waseDannhauser mhlaziwu 27 kanye no 28 kuMfumfu ngo 2016,
lapho abantu baseMajuba District bakwazi ukuveza izinkinga ezibathinta ngqo kuMalungu, kuHlanganisa nabaphathiswa beminyango yesiFundazwe.
Abantu bakwazi ukuveza izinkinga zabo maqondana nokuhanjiswa kwezidingo, ezifana nokushoda kwamanzi nezindlu, ezolimo (ukuthola amapulazi), ububha, ukushoda kwamathuba emisebenzi, izinsiza zezempilo nezinhlelo zentuthuko kubantu.
Abaphathiswa beminyango baphendula izinkinga eziphakamiswe umphakathi baveza namasu okuzilungisa. Ngosuku lokugcina lomhlangano, uNdunankulu uWillies Mchunu wathula umbiko obanzi obalula izinhlelo zikahulumeni wesifundazwe zokulungisa izinkinga ezikhungethe umphakathi wase Amajuba District.
Lo mhlangano wezinsuku ezimbili kwaba owokulandelela emva kokuvakasha kwekomidi elihlanganise zonke izinhlangano ebelenza umsebenzi
ISISHAYAMTHETHO SA KWAZULU-NATALI SIVAKASHELE ISIFUNDA SASE MAJUBA
NJENGENGXENYE YOKUHAMBISA ISISHAYAMTHETHO KUBANTU
wokuqapha nokuhanjiswa kwezidingo kubo bonke omasipala abangaphansi kwe Majuba.
Ikomidi elihlanganise zonke izinhlangano, eliholwa uSihlalo wamaKomidi uMhlonishwa uSipho Gcabashe, lahlola amaprojekthi ahluka hlukene okuhanjiswa kwezidingo, ukubheka impumelelo yawo kanye nezingqinamba.
Ithimba lamaqembu ahlukene lalihlanganise umqulu wokungamela wombiko onzulu owathulwa kubantu baseMajuba ngosuku lomhlangano wokuqala.
Kusukela ngo 2004, isiShayamthetho sivakashele zonke izifunda zaKwaZulu-Natali ukuyonika abantu ithuba lokuxoxisana ngqo namalungu amaqembu abawakhetha. Uhlelo luphinde lusize amaLunga ukuzitholela ulwazi ngokwalo maqondana nokuhanjiswa kwezidingo emiphakathini ukuze kwenyuswe izinga lokuhanjiswa kwezidingo ikakhulukazi ezindaweni zasemaphandleni. IsiShayamthetho sizoqhubeka naloluhlelo ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi zaKwaZulu-Natali ziyahlomula ezithelweni zombuso wentando yeningi.
10 KwaZulu-Natal Legislature
Lokhu sekwenze iKomidi Elibhekele ezokuPhepha koMphakathi ngaphansi kobuholi bukaMhlonishwa uSihlalo weKomidi uBheki Ntuli
ukuthi avakashele isiFunda eMkhanyakude ngenhloso yokubamba imihlangano nemiphakathi, ubuholi bomphakathi kanye namalunga eSouth African Police Service (SAPS) ngemizamo yokuthola izisombululo ngobulelesi obushisayo kuleyangxenye yesifundazwe.
IKomidi laqala umsebenzi walo wokungamela ngokuvakashela isango lomngcele elingekho emthethweni eliphakathi kweNingizimu Afrika neMozambique elaziwa kakhulu ngokuthi uGate 6, okushushumbiswa kulo izimoto ezebiwe zisiwa eMozambique.
KuGate 6, IKomidi labamba umhlangano nabakhuzi boMbutho wamaSosha waseNingizimu Afrika (SANDF) abaqapha lengxenye yomngcele, nezikhulu eziphezulu zoMbutho wamaPhoyisa eNingizimu Afrika, phecelezi iSAPS, lapho babetshelwa ngesimo sezinga lobulelezi kuGate 6.
Ngesikhathi sokujutshwa kwavela ukuthi amalunga ambalwa eSANDF neSAPS achithwe kulendawo ashodelwa izinsiza ezifanele, okufaka ukushoda kwemishini yokuqoqa ulwazi, okudala ukwanda
kokushushumbiswa kwezimoto nokufuduka kwabantu okungekho emthethweni.
IKomidi laphinde labamba umhlangano womphakathi kwaMasipala waseMhlabuyalingana owawuhanjelwe ubuholi bendawo, okufaka Amakhosi, amakhansela, amalungu e-CPF, SAPS nabanye ababambiqhaza.
Umhlangano wakhuluma ngezinhlelo ezahlukene namasu okulwisana nobulelesi.
Kwabalulwa ukuthi kukhona ukungabambisani kweziphathimandla zaseMozambique ukuze kuqedwe ukwebiwa kwezimoto phakathi kwemingcele yamazwe uma izimoto ezebiwe sezifike eMozambique. Imizamo yokuvumela iNingizimu Afrika ukuthi yakhe isizinda phakathi eMozambique iphazamisiwe esikhathini esidlule.
Amalunga eKomidi avumelana ngesidingo sokungenelela kwepolitiki esemazingeni aphezulu phakathi kweNingizimu Afrika neMozambique ethola isisombululo sanomphela salenkinga yobulelesi obuphakathi kwemingcele yamazwe. Kufanele kubizwe umhlangano phakathi kwamazwe-amabili ohulumeni waseNingizimu Afrika neMozambique ukuxhazulula ubulelesi obudlangile basemingceleni.
Amalunga eKomidi Elibhekele ezoKuphepha emngceleni waseNingizimu Afrika/Mozambique.
Ubulelesi obusemngceleni KwaZulu-Natal, ikakhulukazi phakathi kweMozambique neNingizimu Afrika okufaka ukuntshontshwa
kwezimoto sekufike ezingeni elithusayo.
IKOMIDI ELIBHEKELE EZOKUPHEPHA KOMPHAKATHI LIHLANGANE NOMPHAKATHI UKULWISANA
NOBUGEBENGU EMKHANYAKUDE
11Newsletter | 5th Edition
Amakhulu khulu abantu abadala baseZululand District bahambela iPhalamende laBantu Abadala elalibanjelwe eNkundleni yezemidlalo eNcotshane kwaMasipala ePhongola kuMfumfu ngonyaka odlule.
Abantu abadala ababehambele iPhalamende labantu abadala belalele izinkulumo oPhongolo.
IPhalamende laBantu Abadala liyingxenye yezinhlelo zesi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali zokuqinisekisa ukuthi imiphakathi eyakhele isifundazwe iyabandakanywa
ekubusweni kwaso.Lezi ZInhlelo zinika izigaba ezithile zomphakathi ithuba
lokuxoxisana nabantu abenza imithetho ethinta imikhakha ethize.
Abaningi kubantu asebekhulile abahambela iPhalamende laBantu Abadala ngonyaka odlule bakhalaza ngezokuphepha, bethi bazizwa besebungozini futhi bengavikelekile.
Omunye wabantu abadala uNsimbi Simelane wathi, abantu abadala bangathanda ukubona uhulumeni ebanika
amabhonasi.“Esikubonile ukuthi ngesikhathi samaholidi okuphela
konyaka abantu abaningi abasebenzayo bathola i-13th Cheque ukuze bahlangabezane nezidingo ngqangi zamaholidi kakhisimusi. Kepha akukho uhulumeni akwenzayo ukusi siza thina – bazi kahle kamhlophe ukuthi abaningi bethu bondla imindeni ngemali yempesheni,” kusho uSimelane.
Abantu abadala baphinde baphakamisa izikhalazo ngezinkinga zezindlu. UNkk. Dorah Dlamini wathi kumele uhulumeni akucabange ukwakhela abantu abadala kuphela imizi yamanani aphansi.
“Lezindlu zamanani aphansi akumele noma imuphi umuntu osemncane uma umnikazi esedlulile emhlabeni. Kumele unikwe omunye umuntu omdala. Asifuni ukuhlala nabantu abasha ngenza yokuthi yibona abasihluphayo basiphuce nemali yethi yempesheni,” kusho Dlamini.
Isinqumo esathathwa iPhalamende laBantu Abadala sizodluliselwa kweminye iminyango kahulumeni yenze njengokunqunyweyo bese kubuyiswa umbiko ePhalamendeni laBantu Abadala kulonyaka.
ISISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATALI SISINGATHE IPHALAMENDE LABANTU ABADALA OPHONGOLO
12 KwaZulu-Natal Legislature
Ithimba lamanxusa laliholwa uMhlonishwa uYusuf Bhamjee, uSihlalo weKomidi Elibhekele ezeMpilo. Lokhu kwaba ukuvakasha kokulandelela emva
kokuvakasha koMkhandlu kaZwelonke weziFunda, phecelezi iNCOP eyavakashela iHarry Gwala District kuMandulo ngo 2016 njengengxenye yeNCOP Provincial Week. Amalunga eNCOP avakashela isifunda ukuyolandelela kanye nokulinganisa amazinga okuhanjiswa kwezidingo KwaZulu-Natal ikakhulukazi kwezempilo nemfundo.
IKomidi Elibhekele ezeMpilo labamba uchunge chunge lemihlangano yangasese nasezindaweni ezithintekayo lapho isifunda nabaphathi bezibhedlela bebike ngezingqinamba nempumelelo ehluka hlukene emayelana nokuhanjiswa kwezidingo zempilo kwisifunda. Isimo sezibhedlela zombili sanconywa kakhulu maqondana nenhlanzeko, isibalo sabasebenzi nezinga lokuhanjiswa kwezidingo kubantu eHarry Gwala District. Lokhu kwenzeke ngaphezulu kwezingqinamba ezifana nokuntuleka kwesabelomali, ukushoda kwabasebenzi kanye nemishini yodokotela.
I-NCOP yenza izincomo eziningi kuMphathiswa wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo ngezidingo ezibalulekile nezindlela okungalungiswa ngazo
izingqinamba. Ikomidi labikelwa ngezinselelo ezijwayelekile esifundeni okubalwa kuzo ukushoda kodokotela ezibhedlela ezisemaphandleni, inhlanzeko engekho esimweni esifanele, ukushoda kwama ambulensi, nenselelo yakamuva yesomiso esihlasele izwelonke. Enye inhloso yokuvakasha kwaba ukuyohlola ukwenziwa kwezincomo kanye nezixhazululo zesikhashana ezaziphakamiswe iNCOP kuMandulo ngo 2016. Noma kunjalo ikomidi laveza ukudumala ngezinga lokuhamba kancane kokusetshenziswa kwezincomo zeNCOP, ikakhulukazi izixazululo zesikhashana njengokumbiwa kwemithombo yamanzi ngaphansi komhlaba. Ikomidi laphinde lakuqaphela ukuthi kuningi osekwenziwe mayelana nokuthuthukisa ingqalasizinda yesibhedlela kusukela kwiNCOP Provincial Week yokugcina.
Iziphathimandla zesibhedlela zathembisa ukuzilungisa lezingqinamba ngaphandle kokuchitha isikhathi kwase kwathi uMnyango wezeMpilo wazibophezela ukudlulisa imibiko eKomidini ngamasu awo okusiza ekulungiseni lezingqinamba. Ngomhlahlandlela wePublic Finance Management Act (PFMA), iKomidi labuye lacubungula indlela okuphathwa ngayo izimali zesibhedlela okubalwa kuzo ukwabiwa kwesabelomali kumaprojekthi esikhashana nawesikhathi eside, njengoba kwanqunya ngesikhathi isifunda sihanjelwe i NCOP.
Njengengxenye yomthethosisekelo yawo yokwengamela imisebenzi yophiko lukahulumeni, iSishayamthetho sa KwaZulu-Natali, ngaphansi kwe Komidi Elibhekele ezeMpilo, sivakashele i-Usher Memorial ne St Margaret Hospital ngoLwesithathu, mhla ziwu 16 kuLwezi ngo 2016 ukuyohlola ukulethwa kwezidingo zezempilo eHarry Gwala District.
UMhlonishwa uBhamjee ehola amaLungu eKomidi ngesikhathi evakashele iSt Margaret Hospital.
IKOMIDI LEZEMPILO LIHAMBELE ISIFUNDA SASE HARRY GWALA
13Newsletter | 5th Edition
OTHISHA MABAHLONIPHE UMSEBENZI WABO - RADEBE
I Phini lika Somlomo wesi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali uMhlonishwa uDkt Meshack Radebe usenxuse othisha ukuba bahlinphe umsebenzi wabo futhi basebenze ngokuzikhandla.
u Mhlonishwa u Dkt Meshack Radebe kanye no Ngqongqoshe weze Mfundo UMthandeni Dlungwane belalele izethulo engqungqutheleni yezemfundo. Lapha babe namakhansela ase Thekwini , izikhulu emnyangweni wezemfundo kanye no Mhlonishwa u Important Mkhize.
Abasebenzi base hhovisini lika Somlomo ababehambele le ngqungquthela kwesokunxele u Nks Nomhle mayeza, phakathi u Vumile Ngidi kwesokudla u Noh Magwaza.
URadebe ithe abanye othisha abafundisa emalokishini kanye nasezikoleni ezisemiphakathini yabantu abamnyama abawuhliniphi umsebenzi wabo ngoba ezabo izingane
zifunda ezikoleni ekwakungezabamhlophe kuphela.U Radebe ubethula inkulumo engqungqutheleni yezemfundo
ebihlelwe ihhovisi lika Somlomo wesi Shayamthetho ekade ibanjelwe ehholo lase Mpumalanga ka Magaba ngaphandle kwase Thekwini.
Ingqungquthela ibihlelwe ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sibuyisela izikole zethu esimweni sazo ngokubuyisa isiko lokufunda nokufundisa endaweni yase Mpumalanga namaphethelo.”
Amakhulu othisha, abahloli, abaphathi bezigungu ezilawula izikole, izinyunyana kanye nezikhulu zomnyango bezihambele lengqungquthela.
Ekhuluma kuyo lengqungquthela u Mphathiswa wezemfundo u Mhlonishwa u Mthandeni Dlungwane uthe umnyango wakhe ngeke ubabekezelele othisha abangaziphethe kahle.
“Ngikhumbula nje sesixoshe othisha ababalelwa emakhulwini amabili ngamacala ahlukehlukene okubalwa kuwo ukwehlulwa umsebenzi, ukuthandana nabafundi, ukweba nenkohlakalo. Anaye othishomkhulu izikole zabo ezifeyila kakhulu sesibehlisile ekubeni othishomkhulu sabenza othisha nje,” kusho u Dlungwane.
Ushlalo wekomidi lokuhlaliswa kwabantu esi Shayamthetho uMhlonishwa u Important Mkhize obehola ithimba lamalungu esShayamthetho esikade sihambele lesiyingi sase Pinetown
ngenyanga ka Januwari uthe isiyingi sase Pinetown sibhekene nezinkinga eziningi.
UMkhize uthe ngenkathi behambele lesiyingi sase Pinetown ngo Januwari bathola ukuthi izinkinga ezibhekene nalesifunda ziningi okubalwa kuzo ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni, ukungahloniphi kwezingane nokungazimiseli kothisha.
Iphini lika Sihlalo wenynuyana yothisha I SADTU e Durban South Nkosi Mhlongo uthe othisha bazimisele ukubhukula basebenze ngokukhulu ukuzimisela ukuze kuthuthuke imiphumela.
Ezinye izikhulumi zizincomile izikole ezisebenze ngokuzimisela yize noma zisebenza ngaphansi kwesimo esinzima.
Emva kwalengqungquthela kwabe sekukhethwa ikomidi elibandakanya abaholi bezenkolo, izikhulu zomnyango wezemfundo, kanye nezinye izinhlaka zomphakathi ukuqinisekisa ukuthi izinqumo ezithathwe kulengqungquthela ziyalandelelwa futhi nesiko lokufunda nokufundisa liyabuyiswa.
14 KwaZulu-Natal Legislature
Amalunga esiShayamthetho saKwaZulu-Natali, eholwa uMhlonishwa uSomlomo uLydia Johnson ajutshwe esifundazweni sonke ngenyanga
edlule (UMasingana) njengengxenye yoHlelo lesiShayamthetho Sokusebenza Kwezikole.
U Mhlonishwa Dlomo kanye no Mhlonishwa u Ntuli benikezela nge washi ku thishanhloko wesinye sezikole ezisebenze kahle kakhulu ngo nyaka odlule.
Amalunga oMkhandlu woNdunankulu, phecelezi oMEC’s, abangabaholi bentuthuko ezifundeni ezahlukene, baphinde bazibandakanya ohlelweni
ezifundeni zabo.UMhlonishwa uJohnson ephelekezelwa uNdunankulu
wezeMfundo uMthandeni Dlungwane, bahole iqembu elavakashela izikole e iLembe District.
UHlelo Lokuqapha Ukusebenza Kwezikole luyingxenye yeSishayamthetho elingamele lapho aMalunga eSishayamthetho esiFundazweni evakashela izikole esifundazweni sonke ukuyohlola isimo sokulungela ukuqala konyaka wezemfundo.
AMalungu azophinde avakashe ekuqaleni konyaka ukuyohlola isimo sokuzilungiselela kwezikole ngesikhathi sezivivinyo kanye nokuyohlola ukuthi ngabe izinkinga ezavezwa enyangeni kaMasingana sezalungiswa yini.
Ngezikhathi zokuvakasha, aMalunga adlulisa izipho zokubonga ezikoleni ezenze kahle kakhulu nakubafundi bezifunda zonke. Lokhu kwakuhlanganisa ama-laptops, imiqulu yolwazi, izitifiketi, izikhwama zamapensela
UHLELO LOKUHAMBELA IZIKOLE LWESISHAYAMTHETHO
kanye nokunye okunophawu leSishayamthetho okufana nonsukuzonke/khalenda, amadiaries, kanye namathawula okugeza amantombazane.
UHlelo Lokuqapha Ukusebenza Kwezikole lunconywe njengo lunye lezinhlelo ezinomthelela omkhulu ekwenzeni ngcono imiphumela kamatikuletsheni esifundazweni.
“Ngaloluhlelo, esisebenza ngokubambisana noMnyango wezeMfundo sikwazile ukuthola izingqinamba ezimbalwa, ikakhlukazi ezikoleni ezisezindaweni zasemaphandleni nemiphakathi engahanjiselwa kahle izidingo. Ukungenelela koMnyango kulezo zindawo sekuholele ekubeni ngcono kwesimo obekungenzeka sibe nomfakela ekubeni ngcono kwemiphumela, kusho uJohnson.
Izingqinamba ezavezwa izikole ebezivakashelwe zizodluliswa kuMnyango wezeMfundo ukuze wenze izinhlelo ezifanele bese kuthi ezinye zizodingidwa ezingxoxweni zesiShayamthetho yesiFundazwe.
15Newsletter | 5th Edition
Ngenhla, u Mhlonishwa u Makhosi Ntuli, u Ngqongqoshe wezemfundo u Mhlonishwa u Mthandeni Dlungwane, u Somlomo wesi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali u Mhlonishwa u Lydia Johnson, u Mhlonishwa u Dlomo kanye no Mhlonishwa u Naidoo ngenkathi benikezela ngamathawulana amantombazane kwesinye sezikole mhla kuhanjelwe izikole ngaphansi kohlelo lwe Schools Opening Funtionality Monitoring Programme. Kwesokudla, uMhlonishwa u Important Mkhize ekhuluma nabafundi, kwesiphakathi nendawo Abahlonishwa u Ntombela, Ntuli no Hlongwa-Madlala besemhlanganweni, esiseceleni kwaleso uSihlalo woZihlalo u Mhlonishwa u Sipho Gcabashe kanye no Ngqongqoshe wezempilo u Dkt Sibongiseni Dlomo benikezela ngesitifiketi kuthishanhloko wesikole esisebenze kahle kakhulu Emalahleni. Esingezansi u Ngqongqoshe wokuthuthukiswa komnotho, kanye nezemvelo nokuvakasha u Mhlonishwa u Sihle Zikalala ethula inkulumo emhlanganweni. Lapha una Bahlonishwa kusuka kwesokudla u Mthethwa, Ngxongo, Ludidi kanye no Nkosi.
Iqhubeka ekhasini 16
16 KwaZulu-Natal Legislature
Amalungu esiShayamthetho abephume ngobuningi bawo ehambele izikole ngaphansi kohlelo olubizwa phecelezi nge Schools Opening Functionality Monitoring Programme. Lolu uhlelo lwesi Shayamthetho lokuqapha ukusebenza kuka hulumeni wesifundazwe.
17Newsletter | 5th Edition
ISISHAYAMTHETHO SASEKZN SIHALALISELA ABAFUNDI ABENZE
KAHLE NYAKENYEUsoMlomo wesiShayamthetho KwaZulu-Natali uMhlonishwa uLydia Johnson naMalunga eSishayamthetho sesiFundazwe, bafisa ukuhalalisela uMnyango wezeMfundo wesiFundazwe, uhulumeni wesifundazwe, abafundi bonke, othisha, amathimba okubuswa kwesikole nabazali ngemizamo yabo, eholele ekwenzeni ngcono imiphumela kaMatibuletsheni ngo 2016.
UJohnson uncome kakhulu uMnyango wezeMfundo esiFundazweni nabanye ababambiqhaza ngezinhlelo ababezibekile
ukuzifeza eziholele ekwenzeni ngono ngonyaka odlule.Amazwi oMhlonishwa uJohnson afakazelwa uSihlalo
wesiShayamthetho KwaZulu-Natali weKomidi Elibhekele ezeMfundo uMhlonishwa Hlongwa-Madlala othe bonke ababambiqhaza kumele baziswe ngegalelo labo lokufeza u5% wemiphumela kamatibuletsheni.
“Sithanda ukuphinda sibonge ubuholi besiShayamthetho, uMhlonishwa uLydia Johnson ngokuqinisekisa ukuthi kwenziwe ngcono isimo semfundo yabantwana bethu. Imfundo isona isikhali sethu kuphela esingasi siza ukulwa nobubha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani,” kusho uHlongwa-Madlala.
IsiShayamthetho sizibandakanye kakhulu ekwenzeni ngcono izinga lemfundo esifundazweni. Ukwengamela kwaso ngokuzimisela kwimisebenzi yaso efana neSchools Functionality Monitoring Programme kube nomthelela omkhulu ikakhulukazi ezikoleni ezisezindaweni zasemaphandleni nezingatholi kahle ukulethelwa izidingo njenge zindawo zokuhlala ezingahlelekile namalokishi.
UHlongwa-Madlala uthe imiphumela ekhishwe kamuva ekhombise ubungcono uma kuqathaniswa no-60.9% wango 2015 kuno-66.4% walonyaka, okumele ukhuthaze umutikuletsheni ngo 2017, othisha, abazali nabanye ababambiqhaza ukuze kuphinde kwenyuke izinga.
U Mhlonishwa u Lydia Johnson, u Mhlonishwa u Ntuli, u Mhlonishwa u Bhamjee, uMhlonishwa u Dlomo kanye no Ngqongqoshe u Dlungwane benikezela ngamathawulana amantombazane kwesinye sezikole ababezihambele kuqala unyaka.
18 KwaZulu-Natal Legislature
Ngenhla, u Somlomo wesi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali u Mhlonishwa u Lydia Johnson ethula inkulumo kwi nkomfa ye CPA Ngilandi. Esishuthekiwe, Abasebenzi besi Shayamthetho u Phindile Shange, uMhlonishwa Princess Kasune wase Zambia, u Bennie Mlomo kanye no Noh Magwaza.
U Mhlonishwa u Lydia Johnson, u Mhlonishwa u Nonhlanhla Khoza kanye no Mhlonishwa u Thoko Didiza.
ISISHAYAMTHETHO SIHAMBELE INKOMFA YAMAZWE
Amalungu esi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali , eholwa ngu Somlomo u Mhlonishwa u Lydia Johnson, ahambele umhlangano omkhulu wamalungu eziShayamthetho zomhlaba obubanjelwe eNgilandi mhla ziwu 11 kuya ku 17 ku Zibandlela. Ingqikithi yalomhlangano ibithi: Ukubambisana kwamazwe angaphansi kwe Commonwealth, Ubumbano, Ukubhekana nezingqinamba ngokuhlanganyela.
Lomhlangano wawusingethwe ngusihlalo we CPA International Executive Committee u Mhlonishwa u Dkt Shirin Shamin Chaudhury, ongu Somlomo
we Phalamende lase Bangladesh.
Ziningi izinkulumo nezimpikiswano ezaba khona kulomhlangano ngaphansi kwezihloko ezilandelayo:
• Iqhaza elingabanjwa amaPhalamende angaphansi kwe Commonwealth ukuqinisekisa inkululeko yezenkolo
• Ukuqedwa kodlame olubhekene nabantu besifazane kanye nezingane
• Ukubamba iqhaza kuma Sustainable Development Goals (SDGs)
• Ukubamba iqhaza ukulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu.
• Kanye nokucijwa kwentsha ukuba ilwele amalungelo
Umhlonishwa u Johnson wayehambisana namalungu esi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali okubalwa kuwona nosihlalo we Khokhasi Yomame u Mhlonishwa u Nonhlanhla Khoza kanye no Nobhala wesi
Shayamthetho kanye nezinye izikhulu.Babyingxenye yethimba elimele iNingizimu
Afrika okwakubalwa kulo amalungu ayephuma ePhalamende lika Zwelonke kanye nalawo ayephuma eziShayamthetho ezehlukene zakuleli.
Enkulumweni yakhe yokuvula uMhlonishwa u Chaudhury wangxusa amalungu eziShayamthetho ezingaphansi kwe Commonwealth ukuba zisebenze ngokubambisana.
“I CPA isinika indawo ekhethekile yokuba sibe nengxoxo njenga malungu amaphalamende ehlukene angaphansi kwe Commonwealth. Ukuthi singenze njani ukuze siqinise umbuso wentando yeningi ezindaweni esiphuma kuzona,” kusho u Chaudhury.
19Newsletter | 5th Edition
Abafundi besabambe iphango emva kokuqhedelana kwimpikiswano.
Izingane zishaya ingoma ehholo eNtuzuma
I hhovisi lika Somlomo wesi Shayamthetho sa KwaZulu-Natali libambe iqhaza elikhulu ukugqgquzela intsha ukuba ibambe iqhaza ezintweni ezifana namasiko. Okunye ihhovisi elibambe iqhaza kukho ukuxhasa izinhlelo zezinane zesikole zezimpikiswano.
IHHOVISI LIKA SOMLOMO LESEKA IZINGANE EMIKHAKHENI EMININGI
Abafundi bekhombisa ngezindondo nezinkomishi emva kokuqhudelana ngokuphikisana.
Kulonyaka ophelile ihhovisi lixhase izikole zase Ntuzuma eziphuma kula ma Wadi 39, 42 kanye no 43.
“IsiShayamthetho indawo lapho kudingidwa futhi kuphikiswane khona ngezinto eziningi ezibandakanya abantu bakulesi fundazwe. Kubalulekile ke ukuthi thina njengesiShayamthetho sibakhuthaze abantu abancane ukuba babambe iqhaza ezinhlelweni ezinjengalezi ukuze bakwazi ukuxazulula izinkinga ngokuxoxisana,” kusho u Somlomo u Mhlonishwa u Lydia Johnson.
Ihhovisi liphinde futhi laxhasa izinhlelo zentsha eziqhakambisa amasiko esiZulu ezifana nendlamu.
Ihhovisi lika Somlomo belixhase ngezindebe, izindondo kanye nezokuthuthua kulabo bafundi abaphuma kude.
20 KwaZulu-Natal Legislature
Imindeni eyeqile kwengamashumi ayisithupha yaseMaqongqo emaphandleni aseMgungundlovu ahlomula ngesikhathi iPhini likaSomlomo wesiShayamthetho wesiFundazwe uRadebe amukelisa amaphasela okudla emindenini eminingi ehlwempu.
IsiShayamthetho sa KwaZulu-Natali siqashe abasebenzi abane abasha abajoyine isikhungo bazosebenza ezinhlakeni ezahlukehlukene ze si Shayamthetho okubalwa iSCM kanye no Ndabazabantu.
UMhlonishwa uSomlomo kanye noNobhala weSishayamthetho bacela ukuthi
ISISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATALI SAMUKELA ABASEBENZI ABASHA
UMnu. Zobaphi David NgubaneUNgubane ujoyine isikhungo njengoMphathi oMkhulu kwaNdabazabantu ngonyaka odlule. UMphathi ovuthwe kakhulu kwaNdabazabantu onesipiliyoni esingaphezulu kweminyaka engamashumi amabili ekuPhathweni Kwezindaba zaBasebenzi.
UMnu. Sandile Eric GabelaUGabela uMphathi wakwa-Supply Management Chain ophumelele kakhulu onekhono kulendima. Uqashwe la esiShayamthetho eyiPhini loMphathi kwa-SCM. Wagogotha izifundo zakhe eNyuvesi iKwaZulu-Natal, kanti akaqali ukusebenza kwahulumeni njengoba sewake wasebenza eMnyangweni weZimali KwaZulu-Natali.
UNksz Nozipho Masinga ojoyine isikhungo njengomsizi woMphathi wakwaSCM.
UNksz Thabile Lukhozi owenza umsebenzi wokubamba izingcingo aphinde futhi amukele abantu.
bonke abasebenzi bamukele abasebenzi abasha baphinde babasize ngazo zonke izindlela ukuze benze imisebenzi yabo ngokuyikho.
Ngenhla, u Mhlonishwa u Dkt Meshack Radebe enikezela ngokudla kubantu abantulayo endaweni yase Maqongqo.
URadebe wezwa isicelo sokungenelela esasiqhamuka kuMakomidi amaWadi asendaweni, eza kuyena ezobika ngenhlupheko ebhekene nabantu abadala
abantulayo, amakhaya aphethwe abantwana nezintandane. URadebe wahlelela lemindeni ukuthi ithole amaphasela
okudla mhlaziwu 19 kuMasingana ngonyaka odlule eHholo loMphakathi eMaqongqo ngosizo loHlelo lukaSomlomo lokuBuyisela eMphakathini, phecelezi, iSpeaker’s Social Responsibility Programme. Ihhovisi likaSomlomo laphinda lanikela ngezipho kubantwana abahlwempu bamantombazana okubalwa amathawula okugeza nezinye izinto ezifana nama roll-on, imithi yokuxubha, njalo njalo.
Amaphasela okudla aphiwa abantu abahlwempu kwaba u-10kg welayisi, 5kg kabhontshisi, amafutha okupheka, isitambu, impuphu, amasobho kanye namakhekhe.
“Angazi ukuthi ngabe ngimise kanjani ngaphandle kosizo lukaBhungane. Ngisanda kulahlekelwa umzukulu wami ngase ngiyaphoqeleka ukusebenzisa imali yami yempesheni ukumngcwaba. Ngaphandle kwalesipho sokudla ngabe ngibe noKhisimusi omubi kakhulu,” kusho
IPHINI LIKASOMLOMO UMESHACK RADEBE ENIKELA NGOKUDLA
KUBANTU ABANTULAYOuMaNdlovu Sibiya omunye wabahlomulile.
URadebe waphinda waphana ngemali engango R200 ngesikhathi ethintwa inhlupheko yakhe. Wancoma abasebenzi beHHovisi likaSomlomo ngokuhlala belungele ukusiza uma becelwa.
“Ngesikhathi sisakhula safundiswa ukuthi akubona Ubuntu ukudla wedwa kepha umakhelwane elambile. Safundiswa ukwabelana noma yini esasinayo. Ilesizathu esenza ukuthi kuthi uma ngizwa inhlupheko yalemindeni eminingi kangaka nganquma ukwenza okuthile ngakho,” kusho uRadebe.
Office Of the Speaker239 Langalibalele Street
Pietermaritzburg3201
Private Bag X 9112Pietermaritzburg
3200
Excutive Secretary to Speaker: Dintle Mamonyane Reception: Mr Sboniso Nkosi
Tel: 033 355 7689Fax: 033 355 7766
Office Of the Secretary244 Langalibalele Street
Pietermaritzburg3201
Ms Zamaswazi Nkosi | Benie MlomoTel: 033 355 7600/7725
RECEPTIONTel: 033 355 7600
ThIS NEwSLETTER wAS PRODUCED By:
Speaker’s Office & Communications
Managing Editor: Nkululeko NgcamuEditor: wonder hlongwa
Contributors: Super Zuma, Sina Nxumalo & Caesar Ngcobo
Layout and Design by: Artworks | www.artworks.co.za
Enquiries: [email protected] Cell:082 908 3532w w w . k z n l e g i s l a t u r e . g o v . z a